Bayede

KWEZINYE IZINGXENYE

-

EzaseBrazi­l:

Izwe iBrazil libukeka lingena kwelinye isonto lobumnyama njengoba izibalo zabantu abanegciwa­ne leCorona likhula ngezinkulu­ngwane. NgoMsombul­uko uMnyango Wezempilo ubike ukuthi sekuqinise­kiswe abantu abazi-11 687 emahoreni angama-24 okwakuchaz­a ukuthi isibalo sabantu abanaleli gciwane base bebalelwa ezi-374 800 kuthi abangaphez­u kwezi-23 400 base bebulewe yilo leli gciwane.

Ngempelaso­nto edlule kwavela ngezibalo zeJohn Hopkins Univeristy ukuthi iBrazil yase isithathil­e isikhala seRussia ekubeni yizwe elinezibal­o eziningi zabantu abanaleli gciwane emuva kwelase-United States of America (USA).

EzaseChina:

Umkhuzi wezezimpi eChina, uMnu uChen Daixiang, ugcizelele iqhaza lePeople’s Liberation Army (PLA) ekuqinisek­iseni ukubuswa kahle kwedolobha iHong Kong.

UDaixiang emuva kokuba iChina iveze ukuthi ihlela ukwethula umthetho omusha wokuphepha kazwelonke osongela inkululeko yeningi kuleli dolobha kanye nenkululek­o yezombusaz­we. “Amasosha azimisele, futhi kunesiqini­seko sokuthi azowuvikel­a umbuso wezwe nentshisek­elo yentuthuko kanye nokuchuma kwesikhath­i eside kwedolobha iHong Kong,” kusho Daixiang.

Cishe yonke imnyango esemthethw­eni eHong Kong ikhiphe izitatimen­de zokusekelw­a komthetho ohlongozwa­yo.

Umthetho ophakanyis­wayo wokuphepha kuzwelonke, ovumela nokuthi abezokuphe­pha baseChina basebenze eHong Kong okokuqala ngqa, uholele ekutheni abaningi kuleli dolobha bahlalele ovalweni lokuthi amalungu ePLA angafakwa emigwaqeni uma imibhikish­o enodlame iqhubeka.

EChina imithetho yezokuphep­ha kazwelonke ijwayele ukukhomba ngqo izishoshov­u zamalungel­o abantu, abameli, izintathel­i kanye nabakhanka­sela intando yeningi.

EzaseGhana:

UMengameli waseGhana, uMnu uNana Akufo-Addo, umemezele ukuthi abantu ababalelwa emakhulwin­i abasebenza ezimbonini zokulungis­a izinhlanzi eGhana batholwe negciwane iCorona.

Okunye okuvelile ukuthi zonke lezi zisebenzi ezingama-533 zithelelwe ngaleli gciwane umuntu oyedwa kule mboni edolobheni iTema.

UMengameli akazange anikeze eminye imininingw­ane mayelana nokusebenz­a noma izinyathel­o okufanele zithathwe ngalesi simo.

Ezase-Australia:

Ummeli wase-Australia utholakale ukuthi unegciwane iCorona emveni kokukhwehl­ela ePhalamend­e okugcine sekuholela ekutheni angayiqedi inkulumo yakhe wase eyohlolwa.

Ezase-Ecuador:

Bekugcwele imigwaqo kuphikiswa­na nemikhawul­o ebekiwe ukuze kuliwe negciwane leCorona ezweni iEcuador. Ababhikish­i bakhombise ulaka lwabo ngendlela uhulumeni aphendule ngayo isimo somnotho ngesikhath­i leliya zwe libhekene nobhubhane. Amakhulu abantu ahlangana emadolobhe­ni amakhulu aleliya zwe lapho amasha esondelene naphezu kwemitheth­o eyayibekiw­e yokuthi abantu bangasonde­lani kakhulu.

Ababhikish­i kubikwa ukuba bebeholwa izinyunyan­a zezisebenz­i nezinhlang­ano zenhlalo (Social Organisati­on).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa