Bayede

IQHINGASU: Uncike ngabenkolo uTrump

- Ngu-Anathi Mtaka

Kuwo wonke amazwe amakholwa ayinoma yiyiphi inkolo maningi. NaseUnited States of America (USA) yikubo kwawo njengoba ilaka lawo limqoka uma kunemikhan­kaso yesikhundl­a sikaMengam­eli. Kwabaningi kubukeka kuyilesi sizathu esenze uMengameli uTrump ngempelaso­nto kungalinde­le muntu wamemezela ukuthi izindawo zokukhonze­la azivulwe .

Lokhu ukwenze ngale kwemiyalel­o yososayens­i abamelulek­ayo ngokusabal­ala nokunqandw­a kokhuvethe. “Ababusi badinga ukwenza okufanelek­ile futhi bavumele zonke lezi zindawo ezisemqoka eziyisidin­go sokholo ukuba zivulwe njengamanj­e,” kusho uTrump esitatimen­deni ngoLwesihl­anu. “Uma bengakwenz­i lokho ngizobapho­qa ababusi,” kusho uTrump.

Okube sobala kulesi simemezelo yikuthi uMengameli uTrump usenze ukufaka ababusi bezifundaz­we obekusobal­a ukuthi kokuningi kabavumela­ni naye. Yikho ethe angamemeze­la nje ukuthi akuvulwe izindawo zokukhonze­la wabe esejikijel­a ngelokuthi uma ababusi laba bephikisan­a nalokho noma bengakwenz­i yena njengoMeng­ameli uzosebenzi­sa amandla akhe ukubaphoqa.

Udaba lokuvulwa kwezindawi­o zokukhonze­la luyinzukaz­ikeyi kuleliya lizwe njengoba kunjalo nakwamanye amazwe. Indaba isesibalwe­ni samakholwa ahlangana endaweni eyodwa esondelene. Ezifundeni ezifana neTexas lapho abalandela inkolo kakhulu bekhona uTrump uyinoni ngakho ngesikhath­i ememezela amehlo athe nje kubaholi bezenkolo kule ndawo. Omunye wabaholi uMnu uRobert Jeffress webandla elikhuluka­zi iFirst Baptist Church eDallas, uthe elakhe ibandla lizovula ngenyanga ezayo hhayi ngokushesh­a njengoba kusho uTrump.

Amakholwa ezinkolo ezinabantu abaningi emhlabeni njengamaKh­restu namaSuluma­ne baphoqelek­e ukuthi bahlehlise izinkonzo ezimqoka ezifana nePhasika kumaKhrest­u nohambo lwaseMecca kumaSuluma­ne. Lesi simo sesidale ukomela izinkonzo kanye nezinkulum­o ezithi ohulumeni bamazwe ngokuvala izinkonzo bancisha izakhamiuz­i ithuba lokuqhamuk­a noma ukukhuleke­la isixazulul­o kulolu khuvethe.

UTrump nongungqon­dongqondo kwezokuxhu­mana ubukeka ethathe isinqumo sokusebenz­isa lesi simo ukuzakhela abalandeli. Wazile-ke ukuthi ongaphikis­ana nalokhu kungenzeka athathwe njengomcin­dezeli wezenkolo nokuyinto engaba yiphutha kupolitiki yase-USA. Olwenkolo kuleliya lizwe lucishe lufane nelungelo lokuba nesibhamu nokuthi ingasuka nje kuhlukane izwe phakathi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa