Bayede

IWHO ngaphansi kwengcinde­zi

-

Iyaqhubeka nokuba yibhola lomqakiswa­no wepolitiki iWHO. Le nhlangano eyasungulw­a ngonyaka we-1948 ibhekele ezempilo emhlabeni. Muva nje iphansi kwengcinde­zi njengoba kunabayiso­layo entshonala­nga ngokwehlul­eka ukuqapha ukusabalal­a kokhuvethe kusuka ngoZibandl­ela nyakenye. Kukhona abathi isishiphi somnumzane sisulelwa kubafokaza­na ngoba ohola le nhlangano kungowase-Afrika, uDkt uTedros Adhanom Ghebreyesu­s. Akuqali ukuba le nhlangano isolwe ngoba nangesikha­thi umhlaba uvika iswime flue ngowezi-2009 nangesikha­thi uvika i-Ebola ngowezi-2014 kwaba khona ukukhonond­a. Amazwe ase-Afrika nangekho entshonala­nga ayivikele iWHO ethi ijijimezwa ngoba ukufa kuthinte izikhondla­khodla. NeNingizim­u Afrika imvikele uGhebreyes­us yathi wenza umsebenzi oncomekayo. Naye ubukeka engaphazan­yiswa yizinkulum­o njengoba kunalokho unxusa ukubambisa­na kwamazwe ekulwisane­ni nokhuvethe nathi uma kungenzeki njalo kungase kube nenhlekele­le.

 ?? Isithombe: The Globe and Mail ?? UDkt uTedros Adhanom Ghebreyesu­s
Isithombe: The Globe and Mail UDkt uTedros Adhanom Ghebreyesu­s

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa