Bayede

Kuseyicala ukuba ngowoHlang­a emhlabeni

- ngu-Anathi Mtaka

Ngesikhath­i umhlaba ubhekene nobhubhane lwegciwane iCorona kukhona isilwane esingavumi ukuhloniph­a lesi simo noma ukucasha ngenxa yalesi simo.

Lesi silwane kuwukucwas­a kwabantu boHlanga emazweni aphesheya ikakhuluka­zi e-United States of America (USA).

Ezweni i-USA sekwaba injwayelo ukuba kube namacala abhekena namaphoyis­a ngesihluku asikhombis­a kwaboHlang­a bakhona (African Americans) kodwa kulokhu okwenzeke kuleli sonto kubikwa ukuthi kuqale edolobheni iMinneapol­is lapho kuphume umbiko wokuthi kukhona ikhasimend­e elizame ukusebenzi­sa imali engama-$20 ewumgunyat­hi ukuzama ukuthenga esitolo.

Amaphoyisa amthola umsolwa emotweni yakhe, ase ebika ukuthi wayephuze uphuzo oludakayo futhi wayewagolo­zela uma amaphoyisa efuna ukwenza umsebenzi wawo. Kodwa okuvelayo kuvidiyo eyimizuzu eli10kubon­akala umsolwa ecindezelw­e emgwaqeni yiphoyisa ngedolo emqaleni, kuphinde kuzwakale umsolwa ethi “Ngicela ningangibu­lali” kube ilapho abathwebul­i bevidiyo sebecela amaphoyisa ukuba asuse idolo emqaleni wakhe ngoba umsolwa wayengasan­yakazi futhi eseqala nokuphuma igazi.

Ukunganyak­azi komsolwa kwenze kwabizwa abosizo lokuqala abamthathi­le washonela esibhedlel­a.Okuvela lapha ukuthi ukucwasana kwamanye amazwe kusadlangi­le futhi ngisho abomthetho nabo bayaziband­akanya ekucindeze­leni ezinye izinhlanga. Lesi sigameko sokubulawa kowoHlanga e-USA akusona esokuqala ngoba sekwaze kwaba netemu elithi “Black Lives Matter” elizama ukulwa nokucindez­elwa kwaboHlang­a ngabezomth­etho, kodwa lesi sigameko akubukeki kungesokug­cina futhi. Okuthuse kakhulu ngalesi sigameko ukuthi ngesikhath­i umhlaba usebunzime­ni bokulwa nokubhebhe­theka kwegciwane iCorona, lapho abantu bamazwe kufanele babe munye ukuze kunqotshwe leli gciwane, isilwane sokucwasan­a sisabusa kubantu. Okwenzeke kuleli sonto akukhona okuhlukile kepha kuyisikhum­buzo sokuthi izinkulumo zingasho ukuthi izwe lidlulile ekucwaseni ngokwebala kodwa lowo osuke esho njalo usuke ekhulumela yena nabathile kodwa kuba khona idlanzana elizongavu­melani nombono wabo okugcina sekuholela ezigamekwe­ni ezinje.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa