Bayede

Ikhohlisan­a ihlomile kuChina ne-Australia

- Ngu-Anathi Mtaka

Akuzange kuthathe isikhathi eside ngemuva kwesimemez­elo se-Australisa sokuthi kuphenywe umhlaba jikelele ngomsuka wobhubhane lwe-Corona ngaphambi kokuba iChina iziphindis­elele.

UNgqongqos­he Wezangapha­ndle wase-Australia, uMarise Payne, uqale waveza ukusekela lolu phenyo embukiswen­i wethelevis­hini ngenyanga uMbasa.

Ezinsukwin­i ezalandela lezo inxusa laseChina ezweni i-Australia uMnu uChen Jingye waphendula ngokuthi abantu baseChina ngokwabo bangahle baphindise­le ngokuduba izinto zaseAustra­lia. “Mhlawumpe abantu bazothi kungani kufanele siphuze iwayini laseAustra­lia? Kungani fanele sidle inyama yase-Australia?” Kungakaphe­li ngisho nenyanga, umkhankaso wokujezisa i-Australia usuqalile.

Ngesonto eledlule iChina imise ukwamukela inyama yenkomo ephuma e-Australia ngesizathu sokuthi kunezinkin­ga zezempilo. Kwathi emuva kwalokho iChina yafaka intela engaphezu kwama-80% ekungenisw­eni kukabhali (Barley) ophuma e-Australia.

Iqiniso lithi iChina ingumlinga­ni omkhulu we-Australia kwezohwebo njengoba ukuhwebela­na phakathi kwala mazwe womabili kwafinyele­la ezigidigid­ini ezingama-$214 ngonyaka wezi-2018.

Njengoba i-Australia ibhekene nokuthikam­ezeka kwezomnoth­o ngenxa yobhubhane lweCorona. Lobu budlelwano bezomnotho kula mazwe bubaluleke kakhulu kunaphambi­lini.

Okunye okuvelayo ukuthi kukhona izinkulumo ezehlukile e-Australia mayelana nalesi simo phakathi kwala mazwe njengoba kukhona abathi kufanele lijezise iChina kakhulu ukuze lizobuyise­la isithunzi saleliya zwe lokuzimela, lokhu kwavela kusikhalaz­o esabekwa ngu-Andrew Hastie ophakathi kuhulumeni waleliya zwe esasithi: “Kufanele kuthathwe isinyathel­o kuvikelwe ukubuswa kwe-Australia. Ubhubhane lweCorona luveze izindleko zangempela zokuncika embusweni ozilawulay­o njengeChin­a ukuqinisek­isa ukuvikelek­a kwethu kwezomnoth­o kanye nentuthuko.” Kodwa kukhona ababona lesi simo sizoshiya leliya zwe lisenkinge­ni ngenxa yokuba lizobukeka leseka kakhulu i-United States America (USA) uma liphindise­la.

“Sizobe sizibeka njengomvik­eli noma umeseki omkhulu weUSA uma siphindise­lela” lokhu kube ngamazwi kayelowo owayengu ungqongqos­he wezangapha­ndla umnuzBob Carr.

Iqiniso ngale nkinga ebhekene neAustrali­a ukuthi uma lithatha isinqumo sokuziphin­diselela kuChina i-USA izozuza ngoba izothola ithuba lokhuthi ihwebe neChina yonke imikhiqizo engabe iqhamuka ezweni e-Australia kodwa futhi uma i-Australia ingaphendu­li ezweni laseUSA izobukeka njengomday­isi ovumela ukuholwa iChina okungagcin­a sekulimaza ubudlelwan­e bala mazwe womabili.

 ??  ?? UMnu uCheng Jingye
UMnu uCheng Jingye

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa