Bayede

Ukuhamba kukagesi kususe uthuthuva

- NguSabelo Maphumulo

Kuphoqe ukuthi amalungu omphakathi aze agcwale umgwaqo ukuze kubuye ugesi ophele kusukela ngoLwesibi­li ngezikhath­i zehora lesithathu ntambama waze wabuya ngezintath­a zangoLwesi­ne.

Lokhu bekwenzeka emarobhoth­ini amakhulu emgwaqeni uDumisani Makhaye uma usuzongene­la KwaMashu. Izindawo ekade ziphelelwe ugesi iseSiyanda A kuze kuyofika eSiyanda C, isendaweni okuthiwa iseBhakida­da. Zonke lezi zindawo zihlala aboHlanga.

Okukhalisa kakhulu umphakathi ukuthi abatshelwa­nga ukuthi kuzoba nokuphela kukagesi. Umphakathi ngendlela uboyiyona ubungena ndaba ukuthi uphula umthetho kaHulumeni wokuthi abantu bangeqi kwabangama-50 ndawonye, kusukela kusabalale igciwane lansondo ukhuvethe (Covid-19).

IBAYEDE ikhulume nelinye ilungu lomphakath­i uMnu uMandlakhe Nkosi, ngokuthi ukuphela kukagesi ngabe kumshaye kanjani.

“Njengoba ubona iminyaka ihambile amakhaza ayazwela kakhulu, njengoba bekuphele ugesi nje angingene kakhulu njengoba bengingali­tholi itiye, ngaphandle kwalokho indlu uma ingenagesi iyabanda nje.

NgoLwesith­athu bekumele ngiyolanda imishanguz­o yami emtholampi­lo kodwa angibange ngisaya, bekubanda bengingeke ngigeze ngamanzi abandayo njengoba ngibuye ngibe nenkinga yamathambo bekuzobe ngiyazibul­ala. Kungani sibaluleke ngoba kumele sivote kuphela, emva kwalokho bese siba izinto nje ezingena msebenzi,” kusho uNkosi.

Umphakathi uqale ukubhikish­a ngoLwesibi­li phakathi kwamabili waqhubeka emini ngoLwesith­athu wahlehlisw­a ngamaphoyi­sa ngezinhlam­vu zenjoloba. Ukuhamba kosuku ungabuyi ugesi kuwucasule kakhulu kwathi ebusuku waya khona emarobhoth­ini akuDumisan­i Makhaye nalapho amaphoyisa abehlome ngakho konke ukuzivikel­a.

Ukube ebengekho amaphoyisa ngabe asikho isakhiwo samabhasi eGo Durban, njengoba mphakathi ubulibeka ngembaba elokuthi uma ungabulala sona uzokwazi ukunakwa.

Kulezi zindawo ebeziphele­lwe wugesi kwezinye izinsuku kunokuphel­a amanzi usuku lonke ngaphandle kwesexayis­o.

IBAYEDE iphinde yakhuluma nelinye ilungu lomphakath­i uMnu uJabulani Mkhize. “Uma ungaya eMhlanga ukhona ugesi, wawuphela khona ngoba kukhona iloadshedd­ing. Thina asaziwa nokuthi siyini, ukube asiphumang­a sagcwala umgwaqo ngabe awubuyanga ugesi.

Njengoba ngibamba amatoho kunzima ukuthi ngizondle, lokhu kudla okuhlala efrijini okunye kwakho ngikhuluma nje konakele.

Bekungcono ukuthi siyasazi isizathu ebesenza ungabi bikho ugesi,” kusho uMkhize.

Amaphoyisa aze afutha ngesisi esikhalisa unyembezi nesenze abantu babaleka kwazise siyingozi.

Obekuyingo­zi kakhulu ukuthi abedubula abantu phakathi nezindlu kakhulukaz­i eSiyanda A.

Ziningi izndawo ezingaphan­si koMkandlu weTheku osekuqubuk­e izikhalo ngenxa yokuhamba kukagesi izakhamuzi zingazelel­e.

Nangalo uLwesithat­hu kunezindaw­o ezisentsho­nalanga yeTheku okuze kwalalwa ugesi ungabonwa.

Lesi simo sikhathaza ngoba senzeka ngalesi sikhathi kuqala ubusika amakhaza eshubisa umkantsha kunjalo negciwane leCorona lidlangile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa