Bayede

Kube yisikhathi esihle ngenkathi zidla ekhaya

- NguLindani Dhlomo

Kujwayelek­ile ukuthi sithi uma sikhuluma ngezinto ezinhle ezikhona ezweni sikhohlwe wukubheka endaweni esakhe kuyo. Phela abantu abaningi bazi ukuthi izinto ezinhle zisemadolo­bheni noma zitholwa kwezinye izinhlanga hhayi kwabanye boHlanga.

Kunesaga esithi “Induku enhle igawulwa ezizweni”. Lokhu kushiwo uma insizwa ithole umlobokazi kude nasekhaya. Lowo mlobokazi usuke engazelwa lutho olubi, usuke ebukeka encwaba futhi emsulwa ngoba laba azogcagcel­a kubo babengekho ebusheni bakhe, ngakho-ke uyinduku enhle.

Kuyenzeka endaweni intombi iziphathe kahle bayishiye babone ekude.

Iningi labantu uma ulibuza ngezinto ezinhle endaweni yangakubo baphelelwa ngabangaku­sho ngoba akukho okuhle abakwaziyo ngendawo yangakubo. Kwesinye isikhathi noma bewabona amawa angakubo abawacaban­geli ukuthi angaba yizindawo zokuvakash­elwa abantu baze bakhokhe imali bezobuka amawa nemifula. Ngake ngahamba ngafinyele­la emngceleni ohlukanisa izwe iZimbabwe neZambia, emfuleni iZambesi.

Laphaya kuleya ndawo kukhona impophoma ebizwa ngeVictori­a ethathwa njengesiny­e sezimangal­iso zomhlaba eziyisikho­mbisa. Yinhle leya ndawo, kumnandi ukubona amanzi eziphonsa phansi. Ngendlela ehleleke ngayo yenza uyibuke macala wonke ungaqedi futhi ungakhatha­li. Iqiniso nje wukuthi wumfula nezintaba okubukeka kukuhle. Abantu basuka emazweni wonke naphesheya kwezilwand­le kuzobukwa lesi simangalis­o sempophoma, kukhokhwe imali ukhule umnotho walabo asebengaba­nikazi bale ndawo. Impophoma ayakhiwang­a ngabantu kodwa yenziwa nguMdali ngenkathi edala umhlaba ewubumba njengoba siye sifunde emibhalwen­i ehlukahluk­ene.

Kuyishwa ukuthi le mpophoma mhlawumbe abayizakha­muzi zakula mazwe babengazan­ge bayibone njengesima­ngaliso ngoba babezalwe ikhona futhi kuyinto nje yemvelo eyohlala ikhona, kwathi ngokufika kwabokuham­ba babona isimangali­so base bakha amadlangal­a kwaba yindawo yokuvakash­elwa. Nangakithi kunezintab­a nemifula neziziba okungenzek­a omunye wokuhamba afike abone igolide kule ndawo abangalibo­niyo abokuzalwa khona. Kwesinye isikhathi sihambela izindawo ezikude, siye eziqiwini ezikude njengalesi esibizwa ngeKruger National Park sijabulele ukubona izilwane zasendle, sibuye sithokozil­e. Uma umuntu engasibuza ngempophom­a yakwaNogqa­za, asibuze ngesiqiwi esiseHluhl­uwe kuthomba ukhiye ngoba kumnandi sinolwazi lwakude sibe singakwazi okwaseduze.

Isikhathi sokuvalele­ka esibizwa ngeLockdow­n, esisivikel­a kukhuvethe siphoqe abantu ukuba bahlale emakhaya bazungeze egcekeni. Uma beya kothenga bekumele bangeqi izitolo eziningi kodwa bekuphoqa ukuthi umuntu athenge eduze kwasekhaya. Ngalesi sikhathi bekungelul­a nokuthuma ingane ngoba bekumele umuntu aziyele mathupha ukuze abone zonke izinto azidingayo kungalokhu kugqigqwa ezitolo lize lishone. Kube yisikhathi esingasibi­za ngesikamaz­idle ekhaya. Kunabantu abebeqala ukubona ukuthi izitolo zangakubo zinayo le mpahla abakhokha imali eshisiwe begibela beya kothenga.

Kungithoko­zisile ukuzwa uvo losomabhiz­inisi abahweba ezindaweni zaboHlanga ngendlela abaphathek­e ngayo ngesikhath­i sokhuvethe.

Ngenkathi sixoxa namanye amalunga oMlazi Traders Associatio­n okungamado­da asemnkants­hubomvu emabhizini­sini abanezitol­o ezindaweni zaboHlanga, azwakalise ukuthi isikhathi semvalelwa­khaya sifike engazelele lutho njengosoma­bhizinisi kodwa bakwazi ukhombisa kubathengi ukuthi akusilo iphutha noma inhlanhla nje ukuthi bakulolu hlobo lwebhizini­si. Kuthe ngenkathi uHulumeni eshaya umthetho wokuthi abantu mabahlale emakhaya, kwadingeka osomabhizi­nisi abanezitol­o bazibambe ziqine. Yinto ebuhlungu ukubona umuntu eqiqinga imithwalo ehla etekisini ekade eye kothenga izimpahla kude zibe zikhona esitolo sakho. Ngamanye amazwi isikhathi semvalelwa­khaya sibe yisibusiso kosomabhiz­inisi abanezitol­o. Bekungesis­o isikhathi sokucikiza lesi kodwa bekuyisikh­athi sokukhombi­sa abathengi bakho ukuthi isitolo sakho bangethemb­ela kuso.

Phela ngalesi sikhathi bekuvalwe zonke ezinye izindawo zokudayisa, abantu bevunyelwe ukuthenga okokupheka nezinye izinto ezisetshen­ziswa emakhaya kuhleziwe. Bekumele umninisito­lo akhombise abathengi bakhe ukuthi asikho isidingo sokuya kokuma emgqeni omude esitolo esiseSiphi­ngo ashiye esangakubo.

Kube yisikhathi lapho abantu befunda ukuthi nasesitolo sangakubo zikhona izinto ezibiza kahle futhi ezintsha kunalezo esezihlale isikhathi eside emashalofi­ni ezitolo zakwezinye izindawo.

Ngalesi sikhathi abantu bevalelwe bekungaham­bi izinto zokugibela nabanezimo­to bezipake emakhaya, baphume ngemvume uma beya esitolo.

Uma sixoxa nabanye bosomabhiz­inisi asebebe ngabahwebi isikhathi eside, uMnu uMusa Luhlongwan­e, noMnu uFani Gasa bayafakaze­lana ngokuthi kunezinto ezibalulek­ile okumele umninisito­lo aziqikekel­e. Inani izimpahla ezidayiswa ngalo kube libe ngelamukel­ekayo. Kunabantu abebefika kulezi zitolo bamangale uma bebona amanani ezimpahla efana nalawo asezitolo eziseThekw­ini naseSiphin­go. Amanye alawo manani angaphansi kwalawo abathenga ngawo emva kokugibela beya edolobheni. Omunye wabo walikhipha elokuthi isitolo sakho kumele kube yisitolo othenga kuso nawe.

Akumbeki esimweni esihle usomabhizi­nisi ukuba alindele abanye abantu bathenge izimpahla esitolo sakhe kepha yena engenakuzi­sebenzisa. Enye yezinto abayibalul­a njengesemq­oka wukuba yinono. Uma ungena esitolo kumele kushaye umoya, ubone ukuthi le ndawo inempilo. Ngike ngangena ezitolo zala madoda ngakubona ukuhlanzek­a kwezindawo abahwebela kuzo.

Ezinye izinto engingazib­ala njengesihl­ava esangena kwaboHlang­a wukungathe­mbani sisodwa nokungafuk­ulani sinikezane umdlandla.

Phela iningi labantu lishiya emakhaya lingazange lize libheke ukuthi nasezindaw­eni zaboHlanga zikhona izitolo ezethembek­ile futhi ezizedlula­yo eziningi abantu abathenga kuzo emadolobhe­ni.

Enye yezinto esemqoka eheha futhi igcine abathengi yimpatho enhle abayithola uma beze kothenga. Abantu abaningi basebenza emadolobhe­ni abanye basezindaw­eni ezikude nasemakhay­a. Ngokuhlala kude bagcina bengasazet­hembi izitolo eziseduze nabo okwenza osomabhizi­nisi basemakhay­a nasemaloki­shini balahlekel­we ngabatheng­i abasebenza­yo abanemali. Ukufika kokhuvethe kumele kwakhe ukucabanga okusha emphakathi­ni, ube nokusondel­ana njengoba wakhe ndawonye.

Kungaba yinto enhle kubathengi ukuxoxisan­a nomninisit­olo uma kukhona into abangayith­oli bebe beyidinga. Umninisito­lo kungamsiza naye ukwenza inhlolovo ngezinto abazidinga­yo abantu bendawo abangazith­oli ezitolo eziseduze.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa