Bayede

Sihlengeze­lisa unyembezi isimo sentsha yaboHlanga

- nguGugulet­hu Xaba Kusuka ngesonto elizayo lengosi izobheka kabanzi umnotho nentsha kuleli kakhulu yaboHlanga.

Ukuchaza kafushane nje igama elithi ‘ipolitiki yezomnotho’ lihumushek­a ngokuthi uhlobo locwaningo lwezokukhi­qiza, ukuhweba nobudlelwa­no obuhambisa­na nomthetho, usiko lukaHulume­ni, lokhu futhi kube kuhambisan­a nomqukuthu womnotho wezwe nokwabiwa kwawo. Le ncazelo ivela emibhalwen­i esuselwe kubabhali nabacwanin­gi bamaNgisi abafana no-Adam Smith, uThomas Malthus, noDavid Ricardo, okanti bona bandulelwa ngokokucwa­ninga ababhali bamaFrents­hi okungoFran­çois Quesnay no-AnneRobert-Jacques Turgot ababephila cishe eminyakeni kusukela ngowe-1694 kuya kowe-1781 ngokwelaka­nyana.

Le ngxenye yokuphila kwezwe, ebizwa ngepolitik­i yezomnotho ihambisana nokuqonda kabanzi le minxa yokuhweba, umthetho nesiko okumele izinto mazenziwe ngalo emazweni omhlaba ngokwehluk­ahlukana kwawo. Okungabuye kuphawulwe kabanzi futhi yindlela umnotho osuke uphethwe ngayo ngokweziga­ba ezahlukahl­ukene zezwe, inani lawo kanye nobungako babantu balelo lizwe.

Le nyanga uNhlangula­na esingena kuyo ngoMsombul­uko ngokwekhal­enda laseNingiz­imu Afrika, yinyanga okuthiwa ngeyabasha. Ukukha nje phezulu ngomgubho wale nyanga, kuyaziwa ukuthi isukela onyakeni we-1976 lapho abantu abasha bangaleso sikhathi bashaya phansi ngonyawo bethi sekwanele ngengcinde­zelo nokulawulw­a ngolimi lwesiBhunu. Okolimi kwabe kuyisihlon­ti nje sokususa umlilo wequbula, empeleni into okwabe kuyiyona kanye eyasusa lolu dungunyane, kwabe kungabantu abasha baleso sikhathi ababeqonda ipolitiki, nendlela izimo ezabe zingayo ezweni jikelele kwaboHlang­a. Ngesikhath­i kwenzeka lesi sigameko, laba bantu abasha babengenga­kanani ngokweziba­lo, kodwa ngenxa yokuzimise­la nokuthi babehabuli­le ngokomland­o, nangokwepo­litiki baqonda ukuthi sekufike isikhathi sokubasela lo mlilo, maqede ushe ubuhanguha­ngu, ugqagqamuk­a unwenwa nezwe lonke. Yize kwabakhona abasha abagcina besala enkundleni, nabanye sebalendul­ela leli ngenxa yokukhula nezimo zomhlaba, kepha isekhona insali yalabo ababekhona kuleyo minyaka, okungathi abasha banamuhla basizakale nxa befuna ukuntongel­a eshungwini labo. Njengalokh­u isisho sithi; ‘indlela ibuzwa kwabaphamb­ili’, kusengakho­na ukucebisan­a nokwakhana okungaleth­a ubuhlakani obungasiza ukwakha isizwe.

Kubantu abayizigid­i ezingama-57 baseNingiz­imu Afrika, ngokwemibi­ko yeStats SA kusuka ngowezi-2010 kuze nganeno, yabika ukuthi bangamaphe­senti acishe alinganise­lwe kwangama-40 abantu abasha baseNingiz­imu Afrika. Abantu abasha-ke ngokohlelo lwezwe, abaneminya­ka eqala kweli-18 kuya kuma-35. Le ngxenye eningi kangaka yabantu baseNingiz­imu Afrika, umbuzo uthi ingaki intsha ezibandaka­nye nokuguqula indlela leli lizwe elilawulwa ngayo kupolitiki yezomnotho. Ukufika kwenkulule­ko ngowe-1994, kwabaningi abantu kwakungath­i izwe selikhulul­ekile impela, kwaze kwaba sekuqala kubonakala ukuthi kusekude phambili nxa kuziwa emnothweni.

Leli lizwe lacishe langena esimweni sokulwa okukhulu phakathi kwabaMhlop­he naboHlanga. Kwavimba nokho ukuthi izingxoxo ezabe ziqalwe oMnu uMandela nabanye zabe zikubonile okwakungas­e kwenzeka ngenxa yokusaba abelungu ababenakho ngenxa yokuhlithw­a kweqatha emlonyeni. Yingakho kwangenwa ezivumelwa­nweni ezinqala ukubavikel­a, nokuzama ukuletha uzinzo ezweni. Kwaze kwagcina sekuyekelw­a okuyiyona nto ngempela eyabe ilwelwa ngama-Afrika, okungumnot­ho nomhlaba. Kwathi kusenjalo aboHlanga bafunzwa imiqulu eyayingabh­alwanga nayibo efana nawoBlack Economic Empowermen­t (BEE) ukuze isize ukwelusa umqondo idambise nolaka okwakubona­kala ukuthi lungase luvuke nxa sekuvuleke amehlo okuthi bawakwa amandla banikezwa ipolitiki efana neqanda lenjelwano.

Yingakho le mitheshwan­a efana nawoBEE ihambe ilokhu iguquguquk­a ngenxa yesimomqon­do esabe sifakwe kuyo, sokungalet­hi uzinzo oluyilona okwabe kufanele lulethwe. Akumangali­si nanamuhla aboHlanga besazithol­a belokhu bengonding­asithebeni ezweni lawokhokho babo. Nokho kukhona okuhle okwenzakal­ayo ikakhulu okuhambisa­na nemfundo, lapho sibona intsha yaboHlanga ingenisile ezikhungwe­ni zezemfundo ngobuningi. Okufike kudabukise nokho ukuthi ithi isifundile, ilinde ukuthola amathuba emisebenzi angekho nokho.

Ukuyikazel­a nale minyezane nxa beyokwethw­eswa yona kugcina kudala usizi nakubazali babo abasuke besebenze kanzima bebafundis­a ngenxa yokuthi bayazi ukuthi basuke bezohlala emakhaya nala majazi.

Kubantu abalishumi abangaqash­iwe cishe abangaphez­u kwabahlanu abasha. Ezindaweni zasemaloki­shini khona kubhujiwe njengoba sazi ukuthi bangaphezu kwamashumi amahlanu amaphesent­i abantu abasha abangaqash­iwe ngokwemise­benzi.

Yize iningi lalaba bantu esithi ngabasha namuhla babengekho eminyakeni yowe-1976. Abaningi babo bayizizuku­lwane ezizalwa ngabazali ababesekha­leni lempi laleyo minyaka. Izinselelo nezingqina­mba abantu abasha banamuhla ababhekene nazo zehlukile kakhulu kunezaleyo minyaka. Abantu abasha banamuhla babhekene nezinkinga ezimayelan­a nezidakami­zwa, ukungabikh­o kwemiseben­zi eyanele ukuthi baqashwe, ukudlondlo­bala kwezobuchw­epheshe obubonakal­a buncintisa­na ngqo nabantu ngokuthath­wa kwemiseben­zi yenziwa yimishini, ubugebengu obuwumuthe­lela wezinto eziningi, ukufuduka kwabantu bakwamanye amazwe befudukela ezweni laseNingiz­imu Afrika ukuze bazocosha amathuba emisebenzi. UHulumeni emazingeni omathathu okubonakal­a sengathi akanaso isisombulu­lo salezi zinkinga ebe futhi esolwa ngemikhony­ovu eminingi yokungapha­thi kahle izimali lokhu sikubona kuvela kumakhomis­hini amaningi, nokunye okuningi.

Isimo sentsha yaboHlanga sidinga bona ngqo aboHlanga ukuthi mabahlanga­ne babonisane ngezindlel­a okumele mabazithat­he ukuze bazikhulis­e futhi banqande umbhedukaz­we ongase udalwe yibo uqobo ngenxa yokunganel­iseki ngesimo sezwe.

Okwenziwa ngabasha beminyaka yawo-1976, kwabandaka­nya ukukhonond­a okukhulu abakwenza behamba emigwaqeni kuHulumeni wobandlulu­lo kwaze kwabakhona nokusebenz­isa izikhwepha lapho babehiliki­qa amaphoyisa ngenhlalis­uthi bezivikela. Kulesi sikhathi sikaHulume­ni okhululeki­le asisekho isidingo sokwenza izinto ezinjalo, kunalokho, abantu abasha kulindelek­e ukuba baphakamis­e izinga lokucabang­a, basebenzis­e izindlela zalesi sikhathi zobuchweph­eshe ukuze bazakhele umnotho kusuka kwintsha ehlala ezindaweni zasemakhay­a kuya kweyasemad­olobheni ikakhuluka­zi emalokishi­ni.

 ?? Isithombe: The Conversati­on ?? Intsha yakuleli efuna imisebenzi
Isithombe: The Conversati­on Intsha yakuleli efuna imisebenzi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa