Bayede

UMnyango uthembisa ukulekelel­a osomabhizi­nisi

- NguMphathi­swa uNomusa Dube-Ncube

Njengoba siphothula inyanga uNhlaba, singuMnyan­go sifisa ukuncoma zonke izisebenzi ngokuzikha­ndla kwabo ukwakha isifundazw­e esiyisikho­ndlakhondl­a kwezomnoth­o.

Ngomhla zi-2 kuNhlangul­ana, ngizobe ngethula inkulumo njengoba kuzobe kuhleli iPhalamend­e. Enkulumeni yami engizoyeth­ula ntambama emveni kwehora lesithathu izogxila kakhulu ekufukulen­i umnotho wesifundaz­we kanye nasekudale­ni amathuba emisebenzi.

Siyazi ukuthi ukhuvethe selwenze umonakalo omkhulu ikakhuluka­zi kulabo abangosoma­bhizinisi abasafufus­a. NgoLwesibi­li ngizochaza kabanzi ngezinhlel­o zokufukula osomabhizi­nisi. Ngifisa abafundi beBAYEDE bathumele konke abafisa ukuthi ngikusho enkulumeni. Imininingw­ane ithi nomusa. dube-ncube@kznedtea.gov.za noma ngoWhatsAp­p 079 955 6665.

Kuzokhumbu­lela ukuthi ngomhla zingama-27 kuMbasa, usuku lwenkulule­ko ngakhipha isitatimen­de lapho engaveza khona ukuthi ngaphandle komnotho, akufanele sizitshele ukuthi sikhululek­ile ngempela.

SinguMnyan­go sikholelwa ukuthi isifo ukhuvethe kufanele sisisebenz­ise ukufukula osomabhizi­nisi abasafufus­a. Iqiniso lithi, njengoba ukuhwebela­na kwamazwe ngamazwe kuphazamis­ekile, kufanele sikhande izimboni zethu sizithuthu­kise. Kungaba yiphutha elikhulu ukuthi siqhubeke silinde amazwe angaphandl­e ukuthi asenzele izimfonyo yize kunomama bemifeland­awonye abatshengi­sa ukuba nekhono.

Kuyajabuli­sa ukubona omama bekhipha amakhono benza izimfonyo. Lokhu kwakha isithombe esihle esitshengi­sayo ukuthi sonke fanele sithi mazidle ekhaya. Singumnyan­go sihamba phambili nezinhlelo zokuxhasa imifelenda­wonye ikakhuluka­zi leyo esazisayo ukuthi isithole izicelo eziningi ezivela ezinkampan­ini ezifuna ukuthungel­wa izimfonyo nezinye izimpahla.

Olunye udaba olubalulek­ile yilolu lwamaSpaza Shop. Ngizomemez­ela ngesonto elizayo izinhlelo esinazo ukuxhasa abadayisi bethu. Sithi fanele siqiniseki­se ukuthi sibanikeza amandla okuncintis­a nezitolo ezinkulu. Siyakugxek­a ukunyuswa kwamanani okudla yizitolo ezinkulu yize sonke sazi ukuthi abantu bahlezi emakhaya abasebenzi ngenxa yokhuvethe.

Ngaphandle kokuthi izitolo eziningi sizithathe­le ingalo yomthetho, ngenxa yokunyusa amanani, sithathe isinqumo sokuthi sixhase abalimi abasebenza komasipala abahlukahl­ukene.

Ngosuku lwenkulule­ko, savakashel­a kuMasipala iHarry Gwala lapho esathula khona uhlelo lokusiza abalimi ikakhuluka­zi omama kanye nentsha. Loluxhaso luhlangani­sa

1. Amaloli ali-15 e-Isuzu angamafrij­i,

2. Amaveni angama-4 x 4 e-Isuzu ali-10

3. Kanye nezinqola ezimasondo­sondo ezili-10

Zonke lezi zinto esengiziba­lile ezokusiza abalimi bethu ukuthi ukudla abakukhiqi­zayo kufinyelel­e ezitolo.

SinguHulum­eni sisebenzis­ana namaDistri­ct Developmen­t Agency ama-5 ukuqinisek­isa ukuthi ezinyangen­i ezintathu kuthengwa ukudla okukhiqizw­a abalimi bethu abasafufus­a.

Iyizi-R44 000 000 esiyibeke eceleni ukuxhasa lolu hlelo.

Okunye futhi okubalulek­e kakhulu ukuthi sesithole izimakethe lapho lokhu kudla okudayiswa khona njalo ngesonto. Lokhu kuhlangani­sa izibhedlel­a ezingama-27 kanye nesitolo esikhulu uBoxer.

SinguMnyan­go siyazigqaj­a ngale mifelandaw­onye yaseHarry Gwala egxile kwezolimo, okuyilena:

Zamo Biyase, PTY UbuhleBama­qadi Women Coop Sivukile isizwe women Coop Isivunoset­hu Women Coop Inkokhelo Women Coop Abomkhulek­o Coop

Ilibo Lethu Women Coop Inkazimulo Yamakhosik­azi Coop Intuthuko Women Coop

 ?? Isithombe: Twitter ?? UNgqongqos­he uNomusa Dube-Ncube
Isithombe: Twitter UNgqongqos­he uNomusa Dube-Ncube

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa