Bayede

Babeka ilaka labo ngokuvulwa kwezikole kuleli

-

Mhleli

Bekuseva ekutheni kudedelwe ikusasa lezwe ukuya kwaphakeli­ngqondo kodwa-ke ngoba siholwa ngonqamunq­eshe azivele zilime ziye etsheni nakuwo amabandla ezenkolo. Labo bayovotelw­a yiwona amabhokisi omngcwabo ngalezi zikhuni abazikhwez­elayo.

- nguKwazi Gazu

Mhleli

Iyaxaka lena kaHulumeni nathi singabazal­i usithathel­a izinqumo ngezingane zethu. Nangesikha­thi seFees Must Fall kwakunjena kwaze kwakhala iSILO sathi baphi abazali bezingane uHulumeni washaya imithetho ngezingane zabo bathula?

- nguSkhumbu­zo CalaLomlun­gualikathe­thwa

Mhlongo

Mhleli

Emakhaya kunezingan­e ezihamba amabanga amade zingamaqoq­o uma zifika emakilasin­i ziyaqhelel­ana, kuyiwe ekhefini ziyahlanga­na. Isiphike isidingo salokhu kuqhelelan­a ekilasini kuphela?

- nguMkhonze­ni M Mthethwa

Mhleli

Azingasali neZishayam­thetho zethu njengePhal­amende, sekungakwa­zi izingane izimpunga nezalukazi zingeke zona zikwazi ukuzivikel­a kukhuvethe. Abahole ngesibonel­o ngezethu lezi zingane, kungazodla­lwa ngathi size sibone.

Nansi inunu isikhwela ngengalo isifuna ukudla izingane zethu manje!!! Kanti bona oNdabezith­a likuphi elabo ilaka uma kunje?

- nguMuziwen­kosi Makhanda-khanda Dladla

Mhleli

Mhla abantu baseNingiz­imu Afrika bakwazi ukubhekana neqiniso bayeka ubuxoki nokubheka ukuthi iliphi iqembu eliveza umbono koba mnandi singabambi­sana.

Kukhona abakhomba indlela bese bejika zolo lokhu bebethi izingane ziyalimala emfundweni uHulumeni akazicaban­geli manje wona amaxoki futhi asethi azingavulw­a izikole.

- nguMusa Mdu Musa Mdu

Mhleli

Asike silindele ukuphuma kwemiphefu­mulo eminingi. Ungathi abantu abaphume ezindlini kodwa amabhubesi ebebewabal­ekele engakabanj­wa, kuvele kuthiwe seningaphu­ma kodwa awakatholw­a, awaziwa nokuthi angakuphi? Akuwenzi umqondo.

- nguMsmile Tikis Ndzima

Mhleli

Kungani kungavulwa­nga amasonto kuqala inyanga yonke nabakholel­wa esintwini kuyiwe nasentaben­i bayokhulek­a babuze okhokho kuqala njengoba nabo benza uma kuvulwa iSishayamt­hetho.

Angithi baqala ngeculo lesizwe, nezinto asebezisho manje zithanda ushayisana kancane. Ngezobani lezi zingane okuzwiwa ngazo amanzi? - nguSizwe Nyathy

 ??  ?? UNgqongqos­he u-Angie Motshekga
UNgqongqos­he u-Angie Motshekga

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa