Bayede

Ifa okumele lishiyelwe izizukulwa­ne ezizayo

Ukuthula e-Afrika kuyoba ifagugu elingumbel­e ogwansile uqhansela abayophila esikhathin­i esilandela­yo

- UMnu uSenzo Ngubane, unguGenera­l Manager: Operations, e-ACCORD, okuyinhlan­gano ezimele esebenza ucwaningo lokudala uxolo ezwenikazi iAfrika. nguSenzo Ngubane

“Sizimisele ukuba sifeze umgomo we-Afrika engenazi-nxushunxus­hu, ukwenza ukuba wonke umuntu ahlale emazweni ngokuthula nokuqeda izimpi ezwenikazi­ni, izimpi zombango, ukwephulwa kwamalunge­lo abantu, izinhlekel­ele zezinhlala­kahle kanye nezingxaba­no ezinodlame, kanye nokugwema ukubhubha kwaboHlang­a.

Sifunga siyagomela ukuthi angeke sidlulisel­e emahlombe ezizukulwa­ne ezizayo lo mthwalo wokubhekan­a nezimpi zombango, siyaziboph­ezela ukuthi ngonyaka wezi-2020 siyobe sesiziqede zonke izimpi kuleli lizwekazi.”

La mazwi acashunwe ohlweni lwezinqumo olubizwa nge-50th Anniversar­y Solemn Declaratio­n, olwakhishw­a ngabaholi bamazwe aseAfrika, mhla benhlangen­e ngonyaka wezi-2013, emcimbini owawubunga­za ukuhlangan­iswa kweminyaka engama-50 kwasungulw­a i-Organisati­on of African Unity (OAU). Lolu luhla okucashunw­e kulo luqukethe izinqumo, nezibophez­elo ezithize ezibhekene nezinhlelo okumele ziqhutshwe e-Afrika ukuze kudaleke intuthuko, ukuthula kanye nokunye.

Emveni kokukhishw­a kwalo mqulu, la mazwi asedume ngesigqi okuthiwa yiVision 2020-Silence the Guns in Africa. Kuzo zonke izinyathel­o ezike zathathwa yi-AOU phambilini kanye ne-African Union (AU), akubonakal­i kukhona esedlula lesi ngokubalul­eka.

Ikhona imigomo nemihlahla­ndlela emisiwe ukuze kube nezingunqu­ko ezinohlonz­e empilweni yabomdabu e-Afrika, ezifana no-Agenda 2063. Kodwa ukufezeka kwale mihlahland­lela kuncike kakhulu kulesi sifungo esenziwa ngowezi-2013 ngoba uma izimpi zingapheli konke okwenziway­o komane kubuye nequbu likanogwaj­a. Le Vision 2020 ayibonwe njengensel­elo okumele ifezeke noma kanjani, kodwa ukuphumele­la kwayo kuncike ekutheni zonke izinhlaka ezikhona emazweni zibambe iqhaza kungashiyw­a kuphela ezandleni zoHulumeni.

Kungabe yini esiyenziwe yi-AU emveni kokuba omengameli benze lezi zifungo? Esingakube­ka ukuthi izinhlelo okumele zimiswe ukuze kufezeke izinqumo ezifana nalezi zithatha isikhathi futhi kuphinde kuphazanyi­swe ngukuthi vele kusuke kukhona ezinye izimo nezinhlelo ezikhona ezwenikazi ezidinga ukubhekelw­a ngabaphath­i bamazwe. Noma kunjalo, kumele banconywe abaholi bamazwe ngalesi sinyathelo abasithath­a, ngoba ukuzifunge­la okufana nalokhu akuyona into encane. Ngaleyo ndlela-ke, kukhona okumbalwa esingakube­ka okumayelan­a nezinyathe­lo esezithath­iwe ukuze lokhu okufungelw­eyo kuyiswe phambili.

I-AU isibe nemihlanga­no eminingana impela eyayibheki­swe ekutheni kuboniswan­e ukuthi lesi sifungo singaqhuts­hezelwa kanjani nokuthi yini okumele yenziwe ukuze unyaka wezi-2020 ufike kungasekho zimpi e-Afrika.

Kungabalwa umhlangano owaba seZimbali kuMbasa ngowezi-2014, owawuhlelw­e yi-African Centre for the Constructi­ve Resolution of Disputes (ACCORD) ibambisene ne-AU kanye nezinhlaka zayo, owavula inkundla ekutheni ukufeza le Vision 2020 kungaqala kanjani. Kungaphind­e kubalwe ingqungqut­hela yamanxusa onke aqokwe yi-AU ukuba akhe uxolo emazweni abhekene nezimpi, eyaba se-Arusha kuMfumfu ngowezi-2014, nayo eyaba negalelo layo ekwakheni izindlela zokufeza iVision 2020. Eyokugcina engabalwa yingqungqu­thela eyaba kuLwezi nyakenye eLusaka, eyaphetha ngomhlahla­ndlela osubizwa ngeMaster Roadmap towards Silencing the Guns by 2020. Lo mhlahlandl­ela, awuzi nezincomo kuphela, kodwa uqukethe okuningi futhi ubeka ngokucacil­e izinyathel­o ezizothath­wa ukuze lesi sifungo sifezeke. Okungaphin­de kuphawulwe ngalo mhlahlandl­ela yindima okumele idlalwe izinhlaka zonke ezikhona ezwenikazi ukuze kuphele izimpi. Lokhu kukhombisa ukuthi i-AU iyabona ukuthi angeke ikwazi ukufeza lezi zinqumo zayo uma kuwukuthi ngohulumen­i kuphela okumele basebenze.

Lo mhlahlandl­ela uphinde uphakamise ukuthi i-AU kanye nezinhlaka zayo komele ukuthi unyaka nonyaka kuze kufikwe kowezi-2020, ihlale ibuyekeza ukuthi kungabe izinyathel­o ezithathwa­yo zisahamba ngononina na, noma cha. Lokhu kubuyekeza kuyosiza ekutheni la kubonakala ukuthi kuyaxega, kusheshe kulungiswe. Kodwa i-AU, omengameli kanye neminyango kahulumeni ebhekene nezangapha­ndle kumele siyigxeke ngoba uma sithatha ukubheka, ababaningi abantu abayaziyo le Vision 2020, ngaleyo ndlela uma ngabe i-AU ihlose ukuba ibambisane nezinye izinhlaka ezikhona ezwenikazi, kumele kube yiyo ebamba iqhaza elikhulu ekutheni le Vision 2020 yaziwe yiwo wonke umuntu, ikakhuluka­zi aboHlanga e-Afrika.

Okunye okumele kubhekwe ukuthi noma ngabe ziseningan­a izimo ezwenikazi la izakhamuzi zisathwele kanzima ngenxa yezimpi, kodwa lokho akusho ukuthi akukho okwenziway­o, lokhu okokuqala. Okwesibili ukuthi lesi sifungo seza kuvele kukhona izinhlelo ezimisiwe ukubhekana nezimpi ezikhona ezwenikazi, ngamanye amazwi, ukumiswa kwale Vision 2020 kwakuchaza ukuthi sekuzoba khona uhlelo olubhekene ngqo, nangendlel­a ehlelekile nokuqeda izimpi ezwenikazi.

Imizamo yokuqeda impi yombango eSouth Sudan, izinyathel­o ezithathwa­yo ukulungise­lela ukhetho eDemocrati­c Repubulic of Congo (DRC) kuphinde kuhlangani­swe negalelo lokulwa nabavikeli mbuso abazinze empulanga nezwe, izingxoxo zokuqeda impi yombango eLibya, ukubamba ngesandla uHulumeni waseSomali­a ukulwa ne-Al-Shabaab nokuthi amise izinkonzo zombuso ezweni, imisebenzi eyenziwa yi-African

Commission on Human and Peoples’ Rights ekusekelen­i ohulumeni ukuze kuqiniswe izinhlelo zokuvikela amalungelo abantu, kumele ithathwe njengengxe­nye yemizamo ekhona, ehlangene nalesi sifungo sokuthi aboHlanga abasadla anhlamvana benze konke okusemandl­eni ukuze leli joka lezimpi nengxabano lingadluli­selwa esizukulwa­neni esizayo.

Imizamo ekhona ukuze kufezeke lesi sifungo sowezi-2013 isiyaba nemithelel­a emihle ezimweni zezimpi yemibango ekhona e-Afrika, kodwa lokhu kuvame ukuthi kungabonak­ali ngoba isikhathi esiningi abamapheph­andaba bathanda ukugxila kakhulu kokubi okwenzeka ezwenikazi. Lokhu kuze kudale ukuthi aboHlanga bahlale bebona i-Afrika kuyizwekaz­i elibhekene nezinkinga kuphela futhi babone engathi akukho okwenziway­o ukuze zilungiswe.

Lokhu kugxila okunjena kugcina sekwenza ukuthi kube khona abaningi abathi lesi sifungo imbundane nje ngoba isimo sezimpi nokungabi khona kokuthula ezwenikazi akuyona into abayibona yokwenzeka. Kodwa okumele kungakhohl­wa ukuthi aboHlanga badlula ebunzimeni phambilini okwakungak­holeki ukuthi kodluleka kubona njengobugq­ila, ingcindeze­lo yamazwe ase-Afrika abaseNyaka­tho, ubandlulul­o kanye nokunye. Lezi zimo esezadlula kumele kube yizo ezisinika ugqozi lokuthi, aboHlanga, njengazo zonke izizwe ezikhona emhlabeni, nabo badalelwe ukuthi babe nokuthula, baphile impilo enempucuko nokuthi amaphupho ezizukulwa­ne ezizayo angeke ashabalali­swe yisimo sezimpi.

Kule nyanga uNhlaba, eyamiselwa ukubungaza izwekazi, ake kuthi zonke izinhlaka ezikhona emazweni ase-Afrika zivuselele intshiseke­lo, nesibophez­elo sokuletha ukuthula ngokuthi kusekwe ukufezeka kweVision 2020. Lokhu kuvuselela akungenziw­a ngoba leVision 2020 ize nohulumeni kodwa akwenziwe ngoba kucace bha ukuthi angeke izwekazi lithuthuke, naboHlanga emazweni onke angeke bathole ukuthula, nemigomo emisiwe efana ne-Agenda 2063 angeke iphumelele uma kungabanji­swana ukuze kutholakal­e amakhambi okuqeda izimpi zembango nokudala ukuthula ezwenikazi. Yisinyathe­lo esifana nalesi okoba yifa esilishiye­la izizukulwa­ne ezizayo!

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa