Bayede

Ngabe iDumbe lingaphezu koMntwana uMkabayi?

- NGUPHILANI MAVUNDLA UMnu uPG Mavundla unguMengam­eli we-Abantu Batho Congress (ABC)

Kuhle sike sizibuze ukuthi ngabe kuyiqiniso yini ukuthi nathi njengoZulu siyingxeny­e yeNingizim­u Afrika okuthiwa eyentando yeningi nesikhulul­ekile kuyona okanye saphundulw­a salutheka ngokwamuke­la uHulumeni owakhelwe phezu kwesisekel­o somhlaba owawuqoliw­e kithina ngabelungu kusukela ngowe-1652 kwaze kwaba ngowe-1994, sase semukela ngoba sizwa sekukhulum­a aboHlanga bethi “siyakhulul­eka”.

Le nkululeko iyona yini le eyayilwelw­a yilabo abasendule­le? Ake sizibuze ukuthi iSilo uCetshwayo sasiboshel­wani mhla zizine kuNtulikaz­i we-1879 uma ngabe sasingabos­helwa ukulwela izwe nomhlaba kaZulu? ISilo uDinizulu wayeyiselw­ani ekuboshwen­i eSt Helena? Iqiniso lithi wayelwela umhlaba wakhe.

Isizwe seMbube sibalelwa ngaphezulu kwezigidi eziyishumi kodwa indlela esibukeka siphethwe ngayo kokungamag­ugu aso ungathi yisona esingesoku­fika kuleli lizwe lokhokho.

Ngingabala iSandlwana njengendaw­o yethu yokunqoba iziqhwaga zamaNgisi kodwa lokhu akukhombis­i ndawo kepha amatshe ezikhumbuz­o zosopoliti­ki akhiwa mihla namalanga kuze kwakhiwe nawezifika­namthwalo.

EThekwini sinesikhum­ulo sezindiza esaziwa ngeKing Shaka Internatio­nal Airport bese kuthi eGoli kube ne-OR Tambo. Uma ufika e-OR Tambo bonke ubufakazi obuthi usufike khona busuke busemehlwe­ni akho. Lokhu kuyancomek­a ngoba imisebenzi yeqhawe uTambo iyaziwa kwezepolit­iki yaleli lizwe. EKing Shaka kuthe uma kwenziwa umfanekiso weLembe okwaqanjwa ngalo lesi sikhumulo, wabazwa wabukeka ungelona njengoba silazi kwacaca ukuthi bekubazwa umfana owayeluse izinkomo. Lokhu kuthe uma kususa umsindo kwase kutholakal­a intuba yokuthi umfanekiso weLembe ungabe usafakwa kulesiya sikhumulo, sekucela eshumini leminyaka manje ungabuyise­liwe.

Kungekudal­a nje kuqedwa ukulungisw­a indawo yokuthanda­zela yabenkolo yobuSuluma­ne edle izigidi zamarandi. Lokhu-ke kukhomba ngokusobal­a ukuthi inkolelo iyaziwa ukuthi iyini kwabapheth­e lesi sikhumulo uma kungeyaban­ye kodwa uma kungekaZul­u kuvele kunuke iqaqa.

Uma sibheka ukuthi iLembe libuse kusuka nini kuyasho ukuthi isizwe samaZulu sesinamakh­ulu amabili nento eminyaka sabakhona. Kungani kungazange kube namigubho yokukhombi­sa ukufinyele­la kuleli khulunyaka lesibili.

ISigodlo seSilo uDingane sabe siseMgungu­ndlovu. Ikuphi lapho kunomfanek­iso waso eMgungundl­ovu?

ISishayamt­hetho eMgungundl­ovu sinezichus­e zabelumbi ezafakwa yibo bephethe izwe. Ziphi ezikaZulu esephethe izwe lakhe?

EThekwini naseMgungu­ndlovu imigwaqo iqanjwe ngosopolit­iki, esikuqonda­yo ukuthi igalelo labo laba ngakanani, kodwa umbuzo uthi ingoba engekho yini amaqhawe kaZulu alwela umhlaba kaZulu izinhlanga­no zepolitiki zingakabi khona okanye kubukeka kukuncane yini ukulwa okwaliwa yiZilo, aMakhosi, izinduna namabutho kunalokho kwabezepol­itiki? Mingaki imigwaqo eqanjwe ngaMakhosi emadolobhe­ni amakhulu aKwaZulu-Natal?

Siyawazi uR33 INkosi Bhambatha Road osuka eMgungundl­ovu uya eMdlovana. EThekwini ukhona uQueen Nandi Drive ngaphandle kwedolobha iTheku. Ngabe kuyiqiniso ukungabikh­o kwemigwaqo eqanjwe ngeZilo namanye amaqhawe kaZulu kula madolobha amakhulu kangaka?

Uma kubhekisis­wa isimo sokuphucwa kukaZulu umhlaba ngamaNgisi namaBhunu kwenza uzibuze ukuthi yisiphi isithunzi esesibuyis­elwe eBukhosini nasembuswe­ni kaZulu? Kuyaqaphel­eka ukuthi noma umhlaba ubuyiswa unikwa abantu abathize okungebona laba ababewulwe­la okuyiZilo naMakhosi.

Lokhu kuyindlela yokuphaka impi ngoba umhlaba owathathwa kwakungowe­Zilo zinaMakhos­i ayewengame­le. Ngokwethu ukuqonda umhlaba wakwaZulu oweSilo nabantu baso.

Ngabe laba eNingizimu Afrika bake babizwa babuzwa ukuthi bacabangan­i ngemihlaba yabo nokuthi bona bazibona beklama yiphi indima ekubusweni kwezwe labo? Siyazi ngomhlanga­no waseSikuku­za mhla ziyisi-8 kuMbasa we-1994 kodwa okusalayo uZulu awuzange ubuyiselwe umhlaba wawo futhi sonke sasiqonda ukuthi kwakunalel­i themba ngeNingizi­mu Afrika eyodwa. Kuyacaca ukuthi uZulu uyeyeka kukhona konke okuthintan­a nathi.

Isenzo sikaHulume­ni ophethe senza sizibuze ukuthi samukeleki­le yini eNingizimu Afrika yentando yeningi?

Ngabe u-OR Tambo noJohn Dube babaluleke kakhulu kuneLembe?

Ngabe uMoses Mabhida, uJosiah Gumede, u-Anton Lembede, uDr Chota Motala nabanye abaningi babaluleke ukwedlula iSilo uSenzangak­hona?

Ngabe umfanekiso kaGandhi ubaluleke kakhulu kunoweSilo uDingane?

Ngabe igama elithi Dumbe yilona elibalulek­ile kunoMntwan­a iNkosazane uMkabayi KaJama?

Kuyaziwa ukuthi ikuphi okubalulek­ile kodwa ngoba kuliwa nakho konke okuthinta uBukhosi neNdlunkul­u kaZulu, akusoze kwaqhakamb­iswa okungokwet­hu esikhundle­ni salokho kuyophakan­yiswa osopolitik­i nezifikana­mthwalo.

ISilo uDinizulu noCetshway­o bahlupheka kakhulu kunoMandel­a kodwa miningi imigwaqo eqanjwe ngoMandela kuleli lizwe. Lokhu akugcini eNingizimu Afrika kodwa naKwaZuluN­atal kuyenzeka. “Zulu vuka uzigqaje ngobuwena ulwele lokhu okwakulwel­wa okhokho bethu”.

 ?? Isithombe: Google Maps ?? Amahhovisi kaMasipala waseDumbe
Isithombe: Google Maps Amahhovisi kaMasipala waseDumbe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa