Soyicela ivuthiwe kumfelandawonye we-ANC ne-IFP
IDemocratic Alliance (DA) KwaZuluNatal isiwubonile umbiko osanda kukhishwa wokuphenywa kwezinsolo zokukhwabanisa nenkohlakalo kuMasipala wesiFunda iZululand, okhishwe uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezendabuko ngaphansi kweSigaba 106 (1) b soMkhandlu KaHulumeni Wendawo.
IDA ikholelwa ukuthi izincomo kumele zenziwe ngesikhathi esinikezeliwe ngaphandle kokubambezeleka. Emva kokucubungula kanzulu lo mbiko, kuye kwacaca kithi ukuthi abantu abathintekayo kungenzeka ukuthi abanikwanga ithuba lokuthi baziphendulele ezinsolweni abanukwa kuzo, sikholwa-ke ukuthi kumele kulandelwe uhlelo lwenqubo yokuqondiswa kobugwegwe nengabanika ithuba lokuba baziphendulele.
Besesizwile futhi ngesinqumo seqembu le-IFP sokuthi bafuna ukuyisa lo mbiko enkantolo.
IDA ikholelwa ekutheni i-IFP inelungelo lokukwenza lokho inqobo nje uma bezomelana nezindleko zalokho bangazithwesi uMkhandlu ovele ubhekene nezinselelo zawo.
Sikhuluma nje kunezindawo eziswele amanzi ngalesi sokhuvethe. Uma kuwukuthi uMkhandlu ufisa ukulekelela ezindlekweni zokuthethwa kwaleli cala kulabo ababandakanywa nenkohlakalo angeke sisisekele leso sinqumo.
Yize sazi ukuthi kungenzeka kube nokungesikho kulo mbiko, abantu abathintekayo kufanele basebenzise imali yabo uma befisa ukuphikisana nalo mbiko noma ukuthi ubuyekezwe ngokulandela uhlelo lwezomthetho.
Akukwazi ukuthi uMasipala ungasebenzisa imali yomphakathi ezindabeni ezimayelana nezinsolo zenkohlakalo ethinta ubuholi.
Kuyimanje njengoba sikhungathwe yilolu bhubhane, uMkhandlu umbuleke izinqe ukuthi uyehluleka ukuhlinzeka umphakathi ngezinsiza nokuveza khona ukuthi ngeke wakwazi ukuzethwesa umthwalo wokukhokhela izindleko zezinkantolo.
IDA ayisoze yaba yingxenye yomfelandawonye wenkohlakalo weANC ne-IFP owaqala edolobheni eGoli ngonyaka owedlule.
Kodwa-ke, sikholwa wukuthi okuyiyona inhloso yalokhu ukubhebhethekisa inkohlakalo.
Ubumbano lwe-IFP ne-ANC seluze lwafinyelela ngisho naseSishayamthetho sakulesi sifundazwe lapho bebukisa ngobudlelwane babo.
Kuyiqiniso elingenakuphikwa ukuthi iDA iyaqhubeka nokubamba iqhaza lokuba ilona iqembu eliphikisayo eSishayamthetho yize liyiqembu lesithathu elikhulu kunawo wonke KwaZulu-Natal.
Kuyaphoxa ukuthi i-IFP igcine ilugobile uphondo yavumelana nalo mfelandawonye ogqugquzelwa ukulangazelela amandla kwe-ANC. Sinesifiso sokwazi ukuthi ngabe yini eholele kulesi sivumelwano ngoba lesi sokuthi kuzothuthukiswa impilo yabantu singamampunge.
Ngaphansi kweqembu elibusayo silibele siqhubekile ngokuzwa ngenkohlakalo yabaholi balo. Kuyimanje sinenqwaba yamakhansela aphenywayo mayelana nokuntshontsha izinsiza ezikhishwe uHulumeni ezikhiphela abahlwempu ukuze bakwazi ukumelana nemiphumela engemihle yeCovid-19 empilweni yabo.
IDA KwaZulu-Natal isihloniphile isivumelwano sokubambisana ne-IFP kusukela ngowezi-2016 ngoba sasicabange ukuthi leli qembu lizimisele ukuletha intuthuko kubantu nokulwa nenkohlakalo. Kodwa-ke, umshado wabo ne-ANC ngonyaka wezi-2019 kwakuyisiqalo sobumbano lwenkohlakalo.
Okubuhlungu ngalokhu ukuthi ngenkathi bona bethuthukisana ngenkohlakalo izakhamuzi zaseZululand yizo ezizokhokhela lokhu. Lokhu kubiza ukuthi izakhamuzi zivote ngobuhlakani.
Ivoti yilo kuphela eliyobanika amandla okulwisana nenkohlakalo. I-IFP uma ingakwazi ukwesekela isinqumo sayo kumele izakhamuzi zizithathele zona isinqumo esiyosiza izimpilo zazo.
I-ANC izimisele ukwenza konke okusemandleni ukuhlala isemandleni yize bengayenzeli lutho imiphakathi, isinqumo se-IFP sibeka ngokusobala ukuthi nabo abazikhathalele izakhamuzi.
Isivumelwano sokubusa ngokubambisana se-IFP neDA saphela ngonyaka wezi-2019 lapho i-IFP inquma ukusebenzisana ne-ANC.
I-DA esifundazweni isemukele isinqumo se-IFP sokubelethana ne-ANC besuka eGoli beze bezongena KwaZuluNatal futhi iyakuthokozela ukuba yiqembu eliphikisayo ngokusemthethweni. Sizoqinisekisa ukuthi bonke omasipala siyababhekelela ukuthi ngabe basaphethwe ngokuyikho yini.