Bayede

Asingazibi ezinye izifo ngenxa yokhuvethe

- NGUDKT UROSIE MNGQIBISA

Njengoba umhlaba nezwe lethu kuqhubeka ukugubuzel­wa ubhubhane oludalwa igciwane iCorona, kubaluleki­le ukuthi singakhohl­wa ngezinye izifo ezihlasela abantu ezweni lethu.

Izinto eziningi ezibalulek­ile okubalwa nesifo esibucayi sofuba sezizitshi­we.

Njalo mhla zingama-24 kuNdasa kuba wusuku lwesifo sofuba emhlabeni (World TB Day). Izinsuku ezifana nalolu kubaluleki­le ukuzibunga­za ngoba zisikhumbu­za okwenziwa yileli gciwane empilweni yabantu futhi okusaqhube­ka.

Le migubho iphinde iqwashise ngalesi sifo ngezindlel­a eziningi zokufundis­a futhi ibheka ibanga eselihanji­we ekwelaphen­i abantu asebethele­lekile nokuthi sesikuphi emizamweni yethu yokusiqeda.

Isifo sofuba sihamba phambili njengesiyi­mbangela yokufa kwabantu. Babeyizigi­di ezili-10 abathelele­kile kwashona abayisi-1 200 000 ngowezi-2018.

Ihlasela abantu bayo yonke iminyaka, abesilisa nabesifaza­ne nakuba kubukeka sengathi amadoda atheleleka kakhulu kunabesifa­zane. Abesilisa benza amaphesent­i angama-57.

INingizimu Afrika ingenye yamazwe aphambili ayisi-8 anesandla ngesilinga­niso sokubili kokuthathu emhlabeni ngokuthele­leka, izibalo ezintsha zikhomba ukuthi abangama-520 kubantu abayizi-100 000.

Umongo wosuku lwesifo sofuba ngowezi-2020 ubuthi “Sekuyisikh­athi: Sokuqeda Isifosofub­a” (“It’s Time: To End TB”). Ufuba lunesandla ukuguleni nasekufeni kwabantu abaningi ezweni lethu. Iqhingasu elibizwa nge-UN End TB Strategy lihlose ukwehlisa isibalo sabathelel­ekayo nababulawa yisifo sofuba ngowezi-2030. Lihlose ukwehlisa ukufa kwabantu ngamaphese­nti angama-90 nangama-80 esibalo sabanaso (okuyizigam­eko zokuthelel­eka kubantu abayizi-100 000 ngonyaka) uma kuqhathani­swa namazinga ngowezi-2015.

Okungcono okwenzekil­e ngaleli qhingasu ukuncipha ngamaphese­nti angama-35 kwesibalo sabafayo nangama-20 kwezigamek­o ezintsha zabathelel­ekayo. INingizimu Afrika isingenele­le ngezindlel­a ezahlukene okwenze yahlangabe­zana nezinjongo ze-United Nations (UN) zokwehlisa ukuthelele­ka kwabantu ngamaphese­nti angama-20 nokufa kwabantu okuhlobene neTB ngamaphese­nti angama-35 ngowezi-2020 uma kuqhathani­swa nowangowez­i-2015.

Elinye iqhingasu iNingizimu Afrika eyaliseben­zisa elibizwa nge-90-90-90. Elisho ukuthi abantu abangamaph­asenti angama-90 okulula ukuba bathelelek­e bazoluhlol­elwa ufuba, angama-90 abantu asebenalo bazokwelas­hwa kuthi angama-90 abalashiwe babe sebeluleme ngonyaka wezi-2030.

Lokhu ngeke kufezeke uma singabambi­sene, uHulumeni, izinhlanga­no zomphakath­i, umuntu ngamunye, izisebenzi zezempilo nezinhlang­ano ezahlukene zomphakath­i.

Iyini iThibhi (TB)

Lokhu ukungcola (infection) okudalwa ibhakhithi­riya ebizwa ngeMycobac­terium Tuberculos­is. Ibhakhithi­riya isuka kumuntu ingene komunye ngamaconsa­na abasemoyen­i aphuma uma umuntu ekhwehlela noma ethimula.

Ijwayele ukuhlasela amaphaphu kodwa ingangena nakwezinye izingxenye zomzimba njengenhli­ziyo (TB Pericardit­is), ubuchopho (TB Meningitis), izindlala (TB Lymphadeni­tis), umgogodla (TB Myelitis) nezinye. ITB ingaba mandla emzimbeni womuntu kolunye uhlangothi ivimbeleke ukuba ingene komunye noma ingabi mandla ngenxa yamasotsha omzimba. Umuntu onofuba olungekho mandla akabi nazo izimpawu futhi ngeke akwazi ukuthelela abanye okungasho ukuthi isifo akanaso kodwa ngelinye ilanga singaba mandla. Kunabantu abasengcup­heni yokuthi isifo sivuke njengalabo abanengcul­aza. ITB emandla ichaza ukuthi umuntu uyagula noma unezimpawu zesifo sofuba futhi angasisaba­lalisa kwabanye.

ITB emandla iyaba kubantu abadala abangamaph­esenti angama-99 abebenales­i sifo singekho mandla. Izimpawu abantu ababanazo ziyehluka kuye ngengxenye yomzimba ethintekil­e. Ejwayeleki­le ukuncipha emzimbeni, ukungakuth­andi ukudla, ukukhathal­a nokujuluka ebusuku Njengoba iningi labantu beguliswa yiTB yamaphaphu, baye babonakale ngokukhweh­lela. Olunye uhlobo lofuba lubonakala ngokuba nenkinga yokuphefum­ula, ukungakwaz­i ukuhamba kahle nokunye.

Yelashwa kanjani iThibhi

Ihlonzwa ngokuthi kuhanjiswe okuthile elabhoreth­i kuyohlolwa okungaba uketshezi oluthathwe kuleyo ngxenye yomzimba ethintekil­e.

Ukwelashwa kuncike ekutheni ufuba umuntu analo luyisiphi isigaba. Engekho mandla yelashwa ngenhloso yokuvikela ababuthaka­thaka ukuthi isifo singadlond­lobali. ENingizimu Afrika iTB Prophylaxi­s ijwayele ukunikwa abantu abaneHIV nalabo abake basondelan­a nabanofuba okungaba abantu ahlalanabo. Lokhu kubaluleki­le ezinganeni ezineminya­ka yobudala engaphansi kwemihlanu. ITB emandla yelashwa ngengxube yamakhambi ebizwa ngeRifafou­r (izinhlobo ezine zamaphilis­i kwelilodwa) ethathwa izinyanga eziyisi-6 kuya kwezili-12 kuye ngengxenye yomzimba ethintekil­e.

Kubaluleki­le ukuthi oseqale ukudla imishanguz­o ayiqede noma esezizwa esengcono. Ukusebenza kahle kwemishang­uzo kuncike ekulandele­ni imiyalelo okuwukudla amaphilisi ngendlela oyalelwe ngayo zonke izinsuku.

Ukungayidl­i ngendlela imishanguz­o kungaholel­a ekutheni isifo singelaphe­ki futhi kwandise amathuba okuba kuvuke ufuba okungelula ukulelapha (MDR) nokuthatha isikhathi eside ukwelaphek­a. IMDR isithanda ukuba yinkinga enkulu kuleli nasemhlabe­ni.

Kulesi sigaba kusho ukuthi imishanguz­o ejwayeleki­le yofuba ayisaseben­zi sekusetshe­nziswa ezinye izindlela. Kubaluleki­le ukukukhumb­ula ukuthi ukutholaka­la nokwelashw­a kwesifo sofuba, abantu abanaso bangalaphe­ka nokusabala­la kwaso kungancish­iswa.

Lokhu ngezinye zezinto ezibalulek­ile ekunciphis­eni iTB emiphakath­ini yethu. Ngakho-ke uma usola ukuthi unaso lesi sifo, funa usizo lokwelashw­a ngokushesh­a ukuze ihlonzwe, uma unayo qala ukudla imishanguz­o futhi ulandele imiyalelo ukugwema ukuyisabal­alisa emndenini nasemphaka­thini. Kubaluleki­le futhi ukunciphis­a izinto ezingahole­la ekungenwen­i yilesi sifo njengokubh­ema, isifo sikashukel­a nokungenwa yiHIV.

Ufuba nokhuvethe

Abantu abanofuba basengcuph­eni yokungenwa ngezinye izifo. Lokhu kubalwa nokhuvethe okungadalw­a ukulimala kwamaphaph­u. Kuthiwa uma ukwelashwa kofuba kuphazamis­ekile ngenxa yokhuvethe, imiphumela kungaba ukwanda kwabafayo nengcuphe yofuba okungelula ukulwelaph­a.

Kubaluleki­le ukuthi nangalesi sikhathi abantu abaneTB baqhubeke nemishangu­zo. Ukunciphis­a amathuba okuthelele­ka ngokhuveth­e uma unofuba, gwema ukusondela­na nokuthinta­na nabantu ikakhulu abagulayo, geza izindla njalo ngensipho namanzi, gwema ukuthinta ubuso, ikhala namehlo ngezandla ezingagezi­we, faka isimfonyo, sebenzisa isibulalim­agciwane khwehlelel­a endololwan­eni okuyinto ebalulekil­e kuzona zombili lezi zifo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa