Izizwe zakwaKhanyile eNkandla
Zimbili izizwe zakwaKhanyile eNkandla. Ziholwa ngaMakhosi oGoodman Busani noBusangokwakhe Khanyile.
Isizwe sokuqala sakwaKhanyile ngesasiholwa yiNkosi uMshinana ngowe-1903 sinezindlu ezingama-307 ezazakhe kuso kwazise izindlu zemizi yabantu zazibalwa ngoba zazithelelwa intela kaHulumeni wamaNgisi aseNatali. Enyakatho yoThukela ukuthelela izindlu kuqale ngemuva keKhomishini Yokuklaya Umhlaba (Zululand Lands Delimitation Commission) eyayiholwa nguCharles Saunders (owanikwa igama likaMashiqeka ngamaZulu) ngowe-1902 kuya kowe- 1904.
Kwathi uma isizwe seNkosi uMashinana sesiphoqwa nguHulumeni wamaNgisi aseNatali ukuthi zindlu sizikhokhele intela sakhokha opondoabangama-214 nosheleni abali-18 kwazise indlu iyinye yayikhokhelwa intela kaHulumeni ishumilosheleni nomfagolweni.
UHulumeni wamaNgisi aseNatali waklaya izizwe zaMakhosi ngemuva kweKhomishini kaCharles Saunders eyayaziwa ngokuthi yiZululand Lands Delimitation Commission ngowe-1902 kuya kowe- 1904. Yonke indawo evundile eyasala ngemuva kokuklaywa kwezindawo zaMakhosi yanikwa abelungu ukuba bakhe kuyo.
Umlando walesi sizwe sakwaKhanyile usivezela ukuthi uPhakathwayo ozala ushinana wayeyinduna yeNgonyama uCetshwayo. Kwathi-ke uma kubuyiswa uCetshwayo ekudingisweni mhla zingama-29 kuMasingana ngowe-1883, uMbuso wamaNgisi usuklaye umbuso wakhe enyakatho yoThukela noMzinyathi kathathu, wesekela oHhamu Zulu, uHlubi Molefe noZibhebhu Zulu ngezikhali ukuba badale izinxushunxushu ukuze indawo eyayinikezwe uCetshwayo ingazinzi.
Ngakho-ke uPhakathwayo njengenduna wazama ukubonisa indodana yakhe uMshinana ukuba izibandakanye noSuthu olwalweseka iNgonyama uCetshwayo. Lokhu uMshinana wakwenqaba ngoba wayesebonile ukuthi uHulumeni wamaNgisi waweseka labo owawufuna ukuba baketule uCetshwayo ngezikhali.
Yena weseka wona amaNgisi. Kwathi-ke uma uPhakathwayo ebulawa e ngasohlangothini loSuthu uHulumeni wamaNgisi waqoka uMshinana ukuba abe yiNkosi eyayizohola abantu bakayise uPhakathwayo. Le ngxenye yabakwaKhanyile yayaziwa ngokuthi engeyesigaba sikaLanga noNgwane. Enye yezinduna ezinkulu zeSilo uShaka eyayi wuFasimba ibutho layo kwakunguMdlaka wakwaLanga. UMdlaka lona wayenomuzi eNsuze eNkandla owawaziwa ngokuthi kuseNhlonga lapho ithuna lakhe likhona.
Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu, Umqulu 3. Uma ufisa ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalela uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala04@ gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.