Bayede

Izizwe zakwaKhany­ile eNkandla

- USOLWAZI UJABULANI MAPHALALA

Zimbili izizwe zakwaKhany­ile eNkandla. Ziholwa ngaMakhosi oGoodman Busani noBusangok­wakhe Khanyile.

Isizwe sokuqala sakwaKhany­ile ngesasihol­wa yiNkosi uMshinana ngowe-1903 sinezindlu ezingama-307 ezazakhe kuso kwazise izindlu zemizi yabantu zazibalwa ngoba zazithelel­wa intela kaHulumeni wamaNgisi aseNatali. Enyakatho yoThukela ukuthelela izindlu kuqale ngemuva keKhomishi­ni Yokuklaya Umhlaba (Zululand Lands Delimitati­on Commission) eyayiholwa nguCharles Saunders (owanikwa igama likaMashiq­eka ngamaZulu) ngowe-1902 kuya kowe- 1904.

Kwathi uma isizwe seNkosi uMashinana sesiphoqwa nguHulumen­i wamaNgisi aseNatali ukuthi zindlu sizikhokhe­le intela sakhokha opondoaban­gama-214 nosheleni abali-18 kwazise indlu iyinye yayikhokhe­lwa intela kaHulumeni ishumilosh­eleni nomfagolwe­ni.

UHulumeni wamaNgisi aseNatali waklaya izizwe zaMakhosi ngemuva kweKhomish­ini kaCharles Saunders eyayaziwa ngokuthi yiZululand Lands Delimitati­on Commission ngowe-1902 kuya kowe- 1904. Yonke indawo evundile eyasala ngemuva kokuklaywa kwezindawo zaMakhosi yanikwa abelungu ukuba bakhe kuyo.

Umlando walesi sizwe sakwaKhany­ile usivezela ukuthi uPhakathwa­yo ozala ushinana wayeyindun­a yeNgonyama uCetshwayo. Kwathi-ke uma kubuyiswa uCetshwayo ekudingisw­eni mhla zingama-29 kuMasingan­a ngowe-1883, uMbuso wamaNgisi usuklaye umbuso wakhe enyakatho yoThukela noMzinyath­i kathathu, wesekela oHhamu Zulu, uHlubi Molefe noZibhebhu Zulu ngezikhali ukuba badale izinxushun­xushu ukuze indawo eyayinikez­we uCetshwayo ingazinzi.

Ngakho-ke uPhakathwa­yo njengendun­a wazama ukubonisa indodana yakhe uMshinana ukuba izibandaka­nye noSuthu olwalwesek­a iNgonyama uCetshwayo. Lokhu uMshinana wakwenqaba ngoba wayeseboni­le ukuthi uHulumeni wamaNgisi waweseka labo owawufuna ukuba baketule uCetshwayo ngezikhali.

Yena weseka wona amaNgisi. Kwathi-ke uma uPhakathwa­yo ebulawa e ngasohlang­othini loSuthu uHulumeni wamaNgisi waqoka uMshinana ukuba abe yiNkosi eyayizohol­a abantu bakayise uPhakathwa­yo. Le ngxenye yabakwaKha­nyile yayaziwa ngokuthi engeyesiga­ba sikaLanga noNgwane. Enye yezinduna ezinkulu zeSilo uShaka eyayi wuFasimba ibutho layo kwakunguMd­laka wakwaLanga. UMdlaka lona wayenomuzi eNsuze eNkandla owawaziwa ngokuthi kuseNhlong­a lapho ithuna lakhe likhona.

Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu, Umqulu 3. Uma ufisa ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalel­a uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala0­4@ gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa