Bayede

UMbiya walikhulis­a kahle iLembe kaMthethwa

- NGUBHEKISI­SA V. MTHETHWA Umbhali uNyambose wadlula emhlabeni ngowezi-2018.

UMbiya waseKuphey­eni wayeyindod­ana yesibili kaShangane owabe enomuzi waseNhlamb­eni. UMbiya wayelama uNtshiphi, uMbiya elanywa uMundi waseNhlabo­sini.

UMundi wayelanywa nguSonkoph­e. Umuzi waseKuphey­eni wawakhe phezu komfula iMvamanzi. UShangane wabe ephethe indawo yasoHheni namhla leyo ehlanganis­a uHlabisa, uMpukunyon­i neNseleni. Wabe enabamnumz­ane ababebika kuye izindaba oNgomane, oMandeku, oVeyane nabanye abaningi. UMbiya wabe ehlonishwa kakhulu embusweni wakubo kwaMthethw­a. Phakathi kondlunkul­u bakaMbiya kwakukhona uMaMhlongo owabe engubabeka­zi kaNandi. UMbiya wabe enguyise weLembe kwaMthethw­a. UShaka ufike kwaMthethw­a eseneminya­ka engaphansi kweli-16.

UShaka wakhulela eKupheyeni kwakukhona abantu baseMdlets­heni, oMpanza, oMngenge nezinye izibongo. UShaka ukhombise isibindi, ubuqhawe, ukuhlalisa­na esesizweni sakwaMthet­hwa. Ngesikhath­i iSilo uShaka eseKupheye­ni wabulala isilo (ibhubesi) eyedwa Isikhumba sesilo sethulwa eNkosini uDingisway­o eyamxoshis­a ngezinkomo ezethulwa emzini waseKuphey­eni nguNgomane.

Kuyashiwo futhi ukuthi uthando lobubaba waluthola kuyise uMbiya, lapho waba nezinkomo azithola ngokuhlaba­na kwakhe. UNgomane wayekubona lokhu, wayekufuku­zela lokhu. ISilo uShaka waqala wafuya, waba nekwabo, unina uNandi, udadewabo uNomcoba, umfowabo uNgwadi nentombaza­na uPampatha, baqala ukuba notho olwaluze eKupheyeni.

Ukuhlabana kwakhe kwenza uNandi wabuyelwa isithunzi. Eneminyaka eli-13 wabulala imamba eyedwa iNkosi uMbengi wakwaMhlon­go wamxoshisa ngezimbuzi, nokho wayishiya khona kwaMhlongo.

Ifa aliqoqa eseKupheye­ni wakhela phezu kwalo. Esebulele uLembe wakwaNxuma­lo, iNkosi uDingisway­o yamupha ezinye izinkomo ezandisa ifa likaShaka embusweni owawuzolan­dela. Ukwaziwa nokuhlonis­hwa kukaShaka kwanda kwaMthethw­a, kwalindele­ka ukuba ayohlala konkosi. UNodumehle­zi wahlala oYengweni nakhona wandisa udumo lwakhe. INkosi uShaka yaqokwa ukuhola ibutho leziChwe yahlala esikhundle­ni sikaBuza.

Wahola noNqoboka phansi kukaNgoman­e kaMqamboyi. Nalapho wahlabana, udumo lwachuma, wahlabana kanye noMgobhozi wadlondlob­ala. Waletha izinguquko ekuphathwe­ni kwamabutho akwaMtheth­wa. Ukunqoba kwanda, umkhonto walakha izwe. UMbiya wayemthand­a uSigidi kusukela behlangana waze waba nombono ngekusasa eliqhakazi­le. UShaka noma ebephuma ezimpini izimpahla zakhe bezihlala kwaMbiya. UMbiya washo la mazwi kuShaka ehamba noNgomane esegula kakhulu, “Ndodana ngiyajabul­a usufikile maduze nje ngokushesh­a ngizogoduk­a abadala sebengikho­mbsile indlela.Ngiyabona ukuthi uzoba uSomuthi izingatsha zawo zizosibeke­la umhlaba. Igama lakho liyosabeka. Izizwe nabantu abayolizwa bayoqhaqha­zela besabe. Bayobhibha njengomhla­nga ushazwa umoya. Uyokuba inkosi engakaze ibonwe. Ungaphuza utshwala kancane kepha insangu ungayiloko­thi…utshwala buyawudung­a umqondo, insangu iphendula umuntu imfanise nenkunzi ehlanyayo, enamandla amakhulu kepha engakwazi ukuthatha izinqumo eziphusile­yo.

Uqaphelisi­se. Ukucabangi­sisa kwezinduna kanye nabangani bakho, kungakweqi noma kungakweng­ami, ngoba uyofana nenkunzi ehluphayo, okuyothi usuzibulel­e zonke izitha zakho, bese uqala ukubulala izinkomazi ezingakwaz­i ukuzivikel­a namankonya­ne ekugcineni ukuzishaya­nisa ngekhanda ezindongen­i uze uziphule umqala esikhundle­ni sokuba uphume ngesango elikhulule­kile.”

Emuva kwemizuzwa­na kwezwakala izwi likaShaka lithi: “Ungangishi­yi baba wami, ngoba siyoba amankonyan­e adukileyo, ngaphandle kwakho akekho...”

UMbiya wathi: “Cha, ndodana yami, ungadabuki neze, ngoba isikhathi sesifikile, ngeke ngisema. Angikwazan­ga ukushiya isisu sikamame, ngesikhath­i sesifikile sokuba ngizalwe. Ngifana nesihlahla esidala esiphundle­kile, ngesikhath­i esidlulile­yo ngikwazile ukukunika umthunzi ngakuvikel­a usemncane ukuze nawe nxa usukhulile, ukhulise abanye. Intokozo nokujabula kwami kulapho namuhla. Ndodana noma ungaphumi kowami umzimba, ubungcono kakhulu kunezingan­e zami njengoba nazo beziziphet­he kahle.” Amehlo eLembe agcwala izinyembez­i, izihlathi zaba manzi te. Waphinda washo ngomoya ophansi wathi: “Ngiyaphind­a ndodana yami ngithi ungadabuki. Izinyanya zibe nobubele kimi, ngikhulile ngathophel­a. Konke ebengingak­wenza ngikwenzil­e. Namuhla kunjengomu­ntu wesifazane ebhixa inhlaba ebeleni ukuze alumule umntwana. Izinyanya zenza izinto zinganambi­theki kithi kule mpilo.

Eminyakeni eminingi ngihlalile, ngikubona ukhula manje unamandla... mhlasimbe ngikuvakas­hele embonweni, ngikuhole, ngikuqondi­se njengoba ngenzile kuyo yonke le minyaka, ngesikhath­i usemncane.”

INkosi uShaka njengosiko loBukhosi akakwazang­a ukufihla uyise. Wadlulela oYengweni wabikela iNkosi yesizwe, uDingisway­o, ngokwase kuvelileoP­heyeni. Wadlulela kwaBulaway­o. INkosi uShaka yethembeka kuyise uDingisway­o nayo yenza konke okusemandl­eni ukuba iphupho likaMbiya lokuba iLembe ligcine lilibusile izwe lakwaZulu lifezeke.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa