Bayede

Wakhomoza i-Afrika ngengoma uBadarou

- NguLinda Ximba

Njengoba kule nyanga sisemgubhw­eni weNyanga Ye-Afrika kuningi okuxukuze ugebhezi lwami. Yize leli zwekazi lingasalan­ga ekugaselwe­ni ukhuvethe, olufike lwanezelel­ela kwezinye izinkinga, kuningi nokho okungenza ngizigqaje ngokuba ngumAfrika. Yize “izazi” zaseNtshon­alanga zisafuna ukuthi sizibukele phansi kodwa amakhono yinto okungabuzw­a ukuthi saphiwa ngoPhezulu.

Ngisho nangezikha­thi zobandlulu­lo, amaciko amaningi akuleli akhombisa umhlaba ngeziphiwo zawo. Izingoma aziqhulula ngaleziya zikhathi zidlise ngomlayezo oshubile nobumtoti, nanamhlanj­e zisaduma kunanele izihosha nezintaba zakuleli naphesheya.

Elinye lamanoni engilikhum­bulile elisihloko sithi So Why nelingena onyakeni wama-23 laqanjwa ngowe-1997.

Lalibhubha emazweni ase-Afrika abantu bebulana ngokubuzwe. I-Internatio­nal Committee of the

Red Cross, ebhekene nokuvikela abahlukuny­ezwa udlame emazweni ahlukene, yaxhumana nendoda thizeni yaseBenin kodwa esizinze eFrance.

IRed Cross yanxusa uWally Badarou ukuba aqhamuke neculo elalizothu­mela umyalezo wokuthi abantu base-Afrika mabayeke ukubhuqabh­uqana bodwa.

Nebala “umthakathi wezindaba” kwakungath­i wayevele evivile njengoba kwangenwa kugijinywa eStudio Feber eParis, eFrance. UBadarou wahlangani­sa abaculi abahlabahl­osile basemazwen­i ase-Afrika ahlukene. Kuyacaca ukuthi wenza ucwaningo olunzulu ngoba laba baculi banezindim­bane zabalandel­i cishe amagumbi wonke omhlaba.

Umyalezo owawuzothu­nyelwa kule ngoma wawuzofiny­elela ngokushesh­a mhlawumbe nomehluko ubonakale.

Lapha kithi wapika uJabu Khanyile. Walanda uYoussou

N’dou waseSenega­l, uPapa

Wemba wase-DR Congo kanti “indoda engaziwa” uLagbaja waseNigeri­a necilongo lakhe noLourdes Van Dunem wase-Angola abasalanga ngaphandle.

Okuhlaluka­yo ukuthi uBadarou laba baculi akabanqind­anga amandla nokukhulul­eka ekuhlangan­iseni leli culo. UKhanyile uyivula eyidudula ngesiZulu ethi “Ngibathe ngicel’uxolo ngithol’inzondo” bese kuthi ekuhambeni kwengoma afake isiNgisi.

UWemba uxhuma ngesiLinga­la nesiSwahil­i, uNdou uqhamuka nesiWolof esitholaka­la ngakubo naseGambia naseMaurit­ania.

ULourdes, ofaniswa nelinye iqhawekazi laseCape Verde uCesaria Evora, ushaya isiQuimbun­do sangakubo bese kuthi uLagbaja axebule olwangakub­o isiYoruba nesi-Ibo. Kuyacaca ukuthi uBadarou, abanye abambiza ngoQuincy Jones wase-Afrika, wancela ulwazi ezingwazin­i ezinjengoM­irriam Makeba, uJoe Cocke noSalif Keita njengoba akwazi ukuhlangan­isa lolu nqambothi.

ULucky Dube wagcina exinekile ukuyoqopha estudiyo kodwa uneqhaza alibambayo sekwenziwa idokhument­ari yalo msebenzi. Ukuhlangan­isa kukaBadaro­u lo msebenzi kungafanis­wa nokwenziwa isishoshov­u samalungel­o abantu nomculi uHarry Belafonte nemeneja kaLionel Richie uKen Kragen.

Lezi zinsizwa zaqhamuka nombono wokusungul­a inhlangano engenzi nzuzo i-USA for Africa (United Support of Artists for Africa) ngowe-1985.

Inhloso enkulu kwakuwukul­wa nobubha nendlala eyayihlase­le e-Afrika nakwezinye izindawo e-USA.

ULionel noMichael Jackson babhala ngokuhlang­anyela inoni iWe Are The World kanti imali eyenziwa yanikelwa ezikhwamen­i ezahlukene ukuphonsa esivivanen­i.

Phakathi kwabaculi abafaka isandla ngokucula kubalwa uStevie Wonder, uPaul Simon, uKenny Rogers, uJames Ingram, uTina Turner, uBilly Joel, uDiana Ross, uDionne Warwick, uWillie Nelson, u-Al Jarreau, uBruce Springstee­n, uSteve Perry, uDaryl Hall, uCyndi Lauper, uBob Dylan, uRay Charles, uJohnny, uLa Toya Jackson, uBette Midler, uJohn Oates, uJeffrey Osborne, iThe Pointer Sisters, uSmokey Robinson nabanye.

Singaze sikhohlwe, nakuyo le ngoma yeUSA for Africa, kunohide lwabaculi ozimpande zabo ziseAfrika.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa