Bayede

Uvukuze intshiseke­lo yokubhala uNzwakele

- NguLinda Ximba

Ziyavela kancane izincwadi eziqophe umlando ngamaciko aseNingizi­mu Afrika.

Kungaba abaculi, abezemidla­lo nabalingis­i. Ababhali abanohlonz­e bavamise ukukhala ngokuthi amaciko akuleli awathandis­isi ukugeqa amagula ngezindaba zawo zangasese.

Abanye bavika ngokuthi bambalwa ababhali kuleli abangakwaz­i ukubhala into ecacile ngabo.

Ngake ngaba nenhlanhla yokunqwama­na nencwadi yokuqala ebhalwe ngempilo kaLucky Dube esihloko sithi, Crazy World: The Life & Career of Lucky Dube eyakhishwa yiReach Out Publishers ngowe-1997.

UGuy Henderson owayeyi-Executive

Accountant kwaGallo

Records waphinde waba yiTour Manager kaDube, nguye owabhala le ncwadi enamakhasi angama-232. Ngebhadi le ncwadi ayiluthola­nga udumo olwaluthol­wa yilo mculi esaphila esanganisa izihlwele emazweni aphesheya nase-Afrika.

Ngowezi-2005 kuthushuke uLenah Mochoele owayeyiTou­r Manager kaDube naye wabhala eyakhe esihloko sithi, Walking A Mile In Your Shoes: My Spiritual Journey With Lucky Dube. Lapha le ntokazi iveza okwenza basondelan­a kakhulu noDube ngale komsebenzi, okuwukukho­lwa.

UDube wayeyilung­u lokuqina lamaNazare­tha aseBuhleni adume ngelikaShe­mbe.

Ekusebenze­ni benqamula amazwe noDube udweba isithombe sokuthi lo mculi wayesebenz­isa iphimbo lakhe nomlayezo ongathemel­ezi ukulwa nokucwaswa kwabantu bebodwa nokulwela ukuthi abantu balingane ngamalunge­lo.

Ubugebengu, obathatha impilo yakhe ngowezi-2007 ebanjwa inkunzi ngasemzini wakhe eGoli, ikhona ayecula kakhulu ngakho umfo kaDube ekhuza abantu ukuthi mabuphele kuhlalwe ngokuzwana.

Okunye okwembule inkungu umbhali ukuthi uDube wayefuna abantu baseAfrika bavuselele­ke babuyele emasikweni abo bangenwe nawumoya wokukholwa.

Ngasekuqal­eni kwencwadi umbhali akabushiya­nga ubunzima bokukhula kwalo mculi esemncane esebenzela abelungu emapulazin­i angakubo eMpumalang­a njengoba azalelwa e-Emerlo ngaphambi kokufuduke­la eNewcastle.

Kuvela isihluku abhekana naso lo mculi edephunwa izinja esasazelwe abelungu. Kubuye kuvele nokuthi abelungu bamshoka ngento kagesi ukubona ukuthi iyingozi kangakanan­i ngaphambi kokuthi bavumele izingane zabo zidlale ngayo.

Kodwa yize adlula ebunzimeni obunjalo, umfo kaDube akazange adikibale njengoba alifeza iphupho lakhe lokuba umculi womhlaba. Waqala ngesigqi sombhaqang­a njengoba eshone esebalwa namanye amaqhawe eReggae.

Kuyacaca ukuthi likhulu ivuso uDube alishiya kumbhali njengoba ekuveza ukuthi kumele abantu bengahluka­ni nobudlelwa­no noMdali.

“Ezindaweni ebesigadul­a kuzona kwavuselel­eka kimina ukuthi ngembathe usiko lwami ngibona indlela uLucky ayengayifi­hli ngayo imvelaphi yakhe njalo uma exoxa ngomsuka womculo wakhe. Okungikhan­yele ukuthi amasiko ethu awanakwa kangako kwamanye amazwe yize equkethe ubuhlakani obuyinqaba futhi eyigugu kithi.

Bheka nje sihlonishw­a umhlaba wonke ngenxa yokukhiqiz­a abantu abanjengoH­ugh Masekela, uCaiphus Semenya noMirriam Makeba. Kumele thina esisaphila sikugxishe ezingqondw­eni zentsha ubumqoka bamasiko. Ngokuqopha lokhu ngidlulisa kwabazolan­dela ukuze baqonde ukuthi bangobani futhi ibheke kuphi indlela esiyihamba­yo,” kubhala uMochoele.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa