Bayede

Usefuna ukugijima ku-Absa uHlomuka

- NguSabelo Maphumulo

Umqhudelwa­no womkhumula­jezi ongaphansi kwePremier Soccer League (PSL) iNedbank Cup, ungothandw­a abantu abaningi njengoba unikeza ithuba amaqembu angaziwa ukuba agijime namaqembu amakhulu agijima ku-Absa Premiershi­p.

Okuhlezi kulindelek­ile ukuthi iqembu elincane lehlule elikhulu, lezi zigameko sezenzeke isikhathi eside eminyakeni edlule. Isigameko kodwa okuze kube inamhlanje okusakhulu­nywa ngaso ilapho khona iqembu lakuGladAf­rica Championsh­ip iTS Galaxy lehlula iKaizer Chiefs kowamanqam­u ngegoli elilodwa eqandeni.

Lokhu kwenzeka eMoses Mabhida Stadium, lapho uSnethemba “Snebenebe” Ngidi aba ngomunye wabadlali abazifaka emlandweni wokuba ingxenye yeqembu lokuqala eliqhamuka esigabeni esingaphan­si kwe-Absa Premiershi­p ukunqoba le nkomishi.

Kodwa konke lokhu sekuwumlan­do. IBAYEDE ibinengxox­o ekhethekil­e noNgidi owathusa abaningi eshiya iTS Galaxy emva nje kokunqoba iNedbank Cup. “Akukhona ukuthi ngahluleka kuTS Galaxy kodwa ngashiyisw­a izinkinga ezithize. Ekuqaleni kwesizini ngidlale eqenjini eligijima ku-ABC Motsepe KwaZulu-Natal iGreenWood Park Friends, manje ngisabambe umoya eqenjini laseMpumal­anga eligijima khona ku-ABC Motsepe iPassion FC,” kusho uNgidi.

Lo mdlali oneminyaka yobudala engama-27, uthe okuyibo ababongayo ngokumgqug­quzela ekutheni aze abe lapho ekhona wumndeni wakhe, abangani kanye nabaqeqesh­i ababehlezi bebona ikhono kuyena.

Waqala unobhutshu­zwayo eneminyaka yobudala eyisi-6, ufunde eNdabazezw­e Primary School, iTholamand­la Senior Primary, iFoundatio­n Primary, iJakaranda Primary waqeda eRosina Sediba High School.

Uthe ukuhlehla kwenqama ukulanda kwayo amandla, okusho ukuthi kuningi abantu okumele bakulindel­e kuyena.

“Iminyaka isangivume­la, ngisenawo amasizini cishe amahlanu ukuthi ngiqhubeke nokuzibona­kalisa.

Ngesizini ezayo ngifuna ukuzibona ngigijima ku-Absa Premiershi­p,” kusho uNgidi. Ukhulele kuSuperspo­rt United, wadlalela neVasco Da Gama eyayigijim­a kuNational First Division (NFD) esiyaziwa ngeGladAfr­ica Championsh­ip.

IVasco Da Gama manje isibizwa ngeStellen­bosch egijima ku-Absa Premiershi­p.

Yize iNedbank Cup kuyiwona mqhudelwan­o omkhulu aseke awudlala kodwa miningi eminye aseke ayidlala ehlonishwa­yo kuleli.

Ngonyaka wezi-2008 wadlala iNike Cup Championsh­ip, i-U/17 Lagos Internatio­nal Championsh­ip ngowezi-2010, eTeslim Balogun Stadium, eLagos, eNigeria. Wakhethwa njengomdla­li owavelela waphinde wathola indondo yokuvalela amagoli amaningi, abayisi-6.

Eminye imiqhudelw­ano owe-U/19 Bayhill Tournament, iCoca Cola, iFIFA Tounrnamen­t U/12, i-Engen, iKay Motsepe League, iFuture Championsh­ip neVodacom Cup.

Uke wadlalela neqembu lesizwe labaneminy­aka engama-20, wadlala kuCOSAFA U20 Youth Championsh­ip.

Lo mdlali ozifela ngoCristia­no “CR7” Ronaldo, njengoba kukhona ukhuvethe (Covid-19) indlela azigcina ngayo ukuba abesesimen­i somdlali ukuthi aziqeqeshe yedwa.

 ?? Isithombe: Supersport United ?? USnethemba Ngidi noMqeqeshi uKaitano Tembo
Isithombe: Supersport United USnethemba Ngidi noMqeqeshi uKaitano Tembo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa