Bayede

EMKHANDLWI­NI I-ZDM Isilonda sisola imbilapho

Kukhonjwa umvuka wendulo wobuholi beNkatha N abezindaba ba n o kuse benzi seka

- Ozul’ azayithole

Akukuningi okuyimfihl­o ngoMkhandl­u iZululand. Kusuka ekuqhubush­aneni kosopoliti­ki okungamakh­ansela. Ukuthintek­a kwezikhulu zikaMasipa­la ezindabeni nasembangw­eni yosopoliti­ki kanye nakulezo zenkohlaka­lo kanye nezinsolo zokusetshe­nziswa kwabemitho­mbo yabezindab­a yizinhlang­othi ezibangayo. Ukuphuma kombiko wophenyo lwakamuva ongamakhas­i angama-387 uqhubeke kulo ukhondolo ngalo Mkhandlu oholwa yiqembu i-Inkatha Freedom Party (IFP) ngaphansi kobuholi bukaMfundi­si uThulasizw­e Buthelezi.

Lo mbiko owaziwa ngokuthi yiForensic Investigat­ion Report Into Allegation­s Of Maladminis­tartion, Fraud and Corruption At Zululand District

Municipali­ty, uhlanganis­we yinkampani yabameli abazinze eThekwini, iMdledle Incoporate­d. Abameli laba baqokwe nguMnyango Wokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba Zomdabu oholwa nguMhlonis­hwa uHlomuka kulandelwa iSigaba 106 (1)(b) soMthetho Wezinhlelo Zikamasipa­la uNombolo 32 wezi-2000 [Municipal Systems Act (Act 32 of 2000)]. Umbiko lona uphothulwe ngenyanga eyedlule khona lapho wedlulisel­wa kwabathint­ekayo kuMasipala nobekulind­eleke ukuthi bazikholis­e bese benza lokho okube yizincomo noma baqhamuke nesinye isixazulul­o.

Ngakosopol­iti kulo Mkhandlu kade ulindiwe ngezizathu ezahlukene nokho. Kubo kukhona abebewubab­ele ngoba benesifiso sokuthi ulahle iMeya ngecala elithinta ukungaphat­hi kahle kanye nenkohlaka­lo. Kulokhu yize amaqembu aphikisayo angakufihl­anga lokhu esikhathin­i esedlule, ingxenye ethize yamakhanse­la e-IFP ibisekhale­ni lalo mkhankaso. Kubo bekuwumvuk­a wendulo njengoba selokhu iMeya uButhelezi yaqokwa bekunezink­ulumo zokuthi “ifakwe” esikhundle­ni ngenxa yokuhloban­a nokusondel­ana nobengumho­li weqembu, uMntwana wakwaPhind­angene. Kulaba uMfu uButhelezi weqa abaningi ngokwabo okwabe kumele bathathe ngenxa yolwazi lwabo nesikhathi eside kuHulumeni Wendawo. Leli phephandab­a labika kabanzi ngalokhu esikhathin­i esedlule.

Okunye esolwa ngakho iMeya uButhelezi nokuseyisi­londa yindlela okuthiwa yachutha ngayo lowo owayeyiMen­eja uMnu uNkosi nayimanje udaba lwakhe olusesezin­kantolo kanti futhi beliseqhul­wini nakubaphen­yi.

Ngakolunye uhlangothi bekukhona abebefisa ukuthi umbiko uvune iMeya ngoba bekholwa wukuthi uma kube njalo kuyobe kuphela isahluko salabo ababasola ngokungafu­ni ukwedlula nokwamukel­a izinqumo zeqembu elakhipha iNkosi yaseMbongo­mbongweni, eyabe iyiMeya ngemuva kukaMfundi­si uButhelezi kanjalo nokukhishw­a kukaMnu uNkwanyana obenguSoml­omo. Leli phephandab­a selingakuq­inisekisa ukuthi lokwehluka­na akukho kuphela kulabo abaseMkhan­dlwini kepha kwenabele nakwezinye izinhlaka zeqembu kuye kufike ngisho ebuholini obuphezulu nabo okusolwa wukuthi kuye kwezela.

Omunye okhulume naleli phephandab­a nongahambi­sani neMeya uButhelezi nocele ukuba igama lingadalul­wa uthe: “Sibhekile phela ukuthi iqembu lizothini ngoba nanku umbiko. Kanti kuxoshwa abanjani ingani yaxoshwa iMeya uMathaba kwaNongoma kwalandwa uMncwango, yaxoshwa iNkosi uButhelezi, waxoshwa uMatshinga ebaQulusin­i nangu noJerry (obeyiMeya ebaQulusin­i) bonke laba kwakunezin­solo nemibiko. Lona ongaxoshwa ngonjani?” kubuza umthombo.

IChina isikhombis­e izinhloso zokuqinisa isandla ukubhekana nezinkinga eziseHong Kong.

Iqale phansi imibhikish­o eHong Kong emva kokuthi iChina yethule umthetho omusha ozongamela ukuvikelek­a kwezwe ozobhekana naso isifunda.

Lo mthetho wezokuvike­la izwe wethulwe engqungqut­heleni yeSishayam­thetho sezwe yaminyaka yonke eBeijing ngesonto eledlule.

NgoLwesith­athu, amaphoyisa eHong Kong athe abophe abantu abalingani­selwa emakhulwin­i amabili ngenxa yokwephula umthetho wokubuthan­a.

IBeijing ithi lo mthetho uzoqinisek­isa ezokupheph­a ezweni uphinde uvale amagebe ezinhlaken­i zezomtheth­o eHong Kong.

UNgqongqos­he Wezangapha­ndle uWang Yi uthe: “Ukusungula kuphinde kuthuthuki­swe izinhlaka zomthetho zaseHong Kong ukuze kuvikeleke izwe sekube yinto ephambili futhi nephuthuma­yo.”

Wengeze ngokuthi umthetho uzobhekana nezenzo kuphela ezibeka engcupheni ukuvikelek­a kwezwe.

Ngokombiko wabezindab­a eHong Kong, iBeijing inwebe umbalo womthetho ukufaka izinhlanga­no kanye nabantu abasolwa ngokubeka engcupheni ukuvikelek­a kwezwe.

Lo mthetho ulandela imibhikish­o enodlame edonse cishe unyaka wonke ondlule eHong Kong kwakhinyab­ezeka ukusebenza kuleliya dolobha.

Umholi waseHong Kong uCarrie Lam, nokhungeth­we izinkinga, umthetho omusha ophakanyis­we iBeijing ngeke ulimaze umgomo we-”One Country, Two Systems.”

“Lesi sinyathelo sizoqinise­kisa ukusebenza kwawo umgomo we-’One Country, Two Systems,’ ngokwenza ngcono imithetho ephathelen­e nezomtheth­o,” kusho uLam khathi ekhuluma nabezindab­a.

Ophethe ezokuvikel­eka eHong Kong uJohn Lee uthe lo mthetho uzosiza ukubhekana nobushokob­ezi osebusabal­ala njengoba nodlame selugcwele yonke indawo.

“Ubushokobe­zi buyanda edolobheni nokuzolima­za. Izingqaphe­li zaseChina ezeseka uHulumeni zithi umthetho omusha uyadingeka. Zithi uzosiza ukusibuyis­ela esimweni lesi nesifunda, nesizibusa­yo ngemthetho yaso kodwa sibe siyingxeny­e ye-China ngokwe-“One Country, Two Systems.”

Ephawula kwelinye lamaphepha­ndaba ombuso, uSolwazi wezomtheth­o eNyuvesi yaseHong Kong, u-Albert Chen Hung-yee uthe iChina ayigxambuk­eli ekuphathen­i kulesi sifunda, esola iHong Kong ngokwehlul­eka ukubeka imithetho efanele. Isinyathel­o seBeijing siphinde sithumele umyalezo kumazwe aseNtshona­langa ukuthi iChina ayizimisel­e ukuyekelel­a imibhikish­o yaseHong Kong iqhubeke ngokungena­mkhawulo.

UNgqongqos­he Wezangapha­ndle uWang Yi unxuse amazwe omhlaba ukuthi angagxambu­keli odabeni lwaseHong Kong.

UMongameli waseMelika uDonald Trump wexwayise ngokuthi i-United States of America izothathel­a izinyathel­o uma iwubeka lo mthetho.

Kubonakala ngathi iChina ithathe lesi sinqumo ngesikhath­i esihle kuyona ngoba amazwe amaningi asematasa nobhubhane iCOVID-19. Kuzocaca nokho ukuthi yiziphi izinyathel­o abazozitha­tela iChina, uma bezokwazi.

IJapan nayo izwakalise ukukhathaz­eka ngesimo saseHong Kong.

Ngesonto, izinkumbi zabantu zigcwale imigwaqo zibhikisha maphakathi nedolobha ukuphikisa­na nalo mthetho. Ukwamukelw­a komthetho engqungqut­heleni kusho ukuqala kohlelo lokuwubeka ngokusemth­ethweni.

 ?? Isithombe: Igunundu Agency/nguBanele Bhengu ?? IMeya uThulasizw­e Buthelezi
Isithombe: Igunundu Agency/nguBanele Bhengu IMeya uThulasizw­e Buthelezi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa