Bayede

UMalema uthi bayamhlole­la uMaDlamini

- ngu-Anathi Mtaka

Ukukhuluma kwepolitik­i kuthi asikho isitha kanjalo nomgani wangunapha­kade. Lokhu kufakazeke izolo ngesikhath­i loyo onguNgqong­qoshe ka Cogta uDkt uMaDlamini Zuma etholwa ukwesekwa ngumholi weqembu lesithathu ngobukhuli­u i-Economc Freedom Fighters ( EFF), uMnu uMalema.

Lo mholi uvikele uMaDlamini Zuma olakweni labantu ababhemayo nabamsola ngokuthi nguye osevimbe ukuthi ungavulwa ugwayi kuleli.

Abagxeki bakhe bathi ubavimba ukuthi bahwebe ngogwayi nje yingoba uhlelembel­a abahlobo bakhe ababala uMnu Adriano Mazzoti wenkampani I Carnilinx odube ngokuhweba ngogwayi ongekho emthethwen­i.

Kulokhu uMalema uthe bayamhlole­la uMandlamin­i ngoba impi yakhe nalomkhuba wokubhema yindala ayiqali ngoba sekunokhuv­ethe nje.

“Lokhu okushiwo yintimboth­i futhi akwamukele­kile, “kusho uMalema. Uthe laba abahlasela uMaDlamini Zuma banezinhlo­so zabo, bamthela ngodaka nje yingoba bafuna ukumfakela isigcwagcw­a. Uveze nokuthi empeleni abantu abayisa uhulumeni enkantolo yibo laba abahamba noMazzoti .

Uveze isithombe sokuthi iqhingasu lalaba abaninda uMaDlamini ngelokufad­alalisa izinkampan­i ezincane kuchume izikhondla­khodla ezingaphan­si kwe British American Tobacco ( BAT) nathi kubo njengoba kuvaliwe nje akudikizi nqulu ngoba uma kuvalwa kuleli bayahweba naseNamibi­a kepha laba abasakhasa­yo bahweba lapha kuphela.

UMaDlamini kanqali ukududulan­a nalaba bakagwayo kakhulukaz­i abe BAT njengoba esangugqon­gqoshe wezempilo baze badudulane­la ezinkantol­o yabaginga intombi yaseBulwer. Abanye ke bathi kulokhu abaphikisa­na naye bamsasazel­a ngabantu kanye namaqembu aphikisayo.

Nokho uMalema usigxekile wasibeka njengobuwu­la isenzo sikahulume­ni sokuvula utshwala kepha avale ugwayi. Kulokhu uthi isayenzi ikhomba ukuthi yize ugwayi ungalungil­e emaphashin­i kepha abantu bafa kakhulu ngasetshwa­leni nathe yibo okumele bubhekwe uma inhloso incike ekuphendul­eni isayensi.

Kanti naye uMaDlamini kanyakazi ekutheni ugwayi uyinto elula engasabala­lisa ukhuvethe ngoba umusa wabantu abawubhema­yo uyingozi njengoba bekwazi ukushiyela­na ngawo nje bebaningi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa