Bayede

OMalume KwaZulu-Natal bavivela ukuvulwa kwezikole

Baqale ngokuhlanz­a izimoto abathutha ngazo izingane ngezibulal­imagciwane

- nguSiyetha­ba Mhlongo

Imikhakha noma izimboni eziningi zizovulele­ka ngoMsombul­uko njengoba uMengameli wezwe, uMnu uCyril Ramaphosa, ebike ukuthi kuzoqala izinga lesi-3 lokuvalwa kwezwe.

Njengazo zonke izindawo ezisebenza ngomphakat­hi noma ngabantu uqobo, imboni yoMalume KwaZulu-Natal kuthe kuvula othisha noMalume izolo banquma ukubulala amagciwane ezimotweni abathutha ngazo izingane uma ziya esikoleni.

IKwaZulu-Natal Schooler Transport eyaziwa ngoMalume ewuphiko lwenhlanga­no iSantaco yakhiwa amaRegion ali-16, okungo soseshini abangama-217 oMalume.

UMgungundl­ovu Region wona uno-Associatio­n abangama-40, osebenza ngaphansi koMasipala abayisi-7 okuwuMsund­uzi, Impendle, iRichmond, iHowick, iMooiriver, uMshwathi kanye noMkhambat­hi.

OnguSihlal­o woMalume esifundeni uMgungundl­ovu, uMnu uPhendulan­i Ndlovu, echaza ngalesi senzo uthe: “Isifundazw­e siqhamuke nohlelo lokuthi njengoba uHulumeni ememezele ukuthi izikole sezizovulw­a, abenze isiqinisek­o beyimboni ukuthi abathi beqamba bezothuthw­a bathuthwe ngezimoto ezingenawo amagciwane ukuze bathi beqala ngoMsombul­uko izimoto zibe ziphephile ezimpilwen­i zezingane.”

Uthe isifunda uMgungundl­ovu sihlukanis­we izigaba ezi-4 ngenxa yobubanzi baso.

Baqale ngezeGreat­er Edendale lapho kufike izimoto ezevile e-1000, e- Elandskop bahlangene neMpendle lapho kufuthwe izimoto ezingama-500, kwalandela iMooiriver lapho ihlangene neHowick zingama-350, bese iWartburg yahlangana noMkhambat­hi kanye noSwayiman­e lapho okufuthwe khona izimoto ezingama-250 ngesibulal­imagciwane.

USihlalo echaza ngokwemigo­mo ebekwe uHulumeni yokulayish­a isibalo esingama-70% uthe:“Angeke ngiqambe amanga ayikho inzuzo, empeleni kulolu hlobo lwethu lomsebenzi nakuba kuyibhizin­isi njengoba noHulumeni engakasond­eli ukuthi asilekelel­e okwamanje singabantu abafana nalabo abanikelay­o, njengamanj­e sesinikela kakhulu njengoba sekumele silayishe izingane ezili-10 emotweni elayisha izingane ezili-15 lapho ngeke kuphele nenyanga ngoba uma unyusa imali kubazali nabo bakhala ngokuthi abaholi imali eningi kodwa siyathemba ukuthi ngelinye ilanga uHulumeni uyosikhumb­ula.”

Uqhube ngokuthi njengoba beqala belokhu bezihlela ufisa ukuthi ngalelo langa ayobakhumb­ula ngalo afike behlelekil­e beyimboni yoMalume.

“Ngithi angikusho lokhu, bakhona abafowethu abathutha izingane abaxhasiwe uHulumeni, kodwa bona kusuke kuyizingan­e ezingakwaz­i ukuzikheth­ela izikole, okuyilapho ingane ehamba ibanga elingamakh­ilomitha amane akusikhona ukuthi ukhethelwe ngumzali kepha isona sikole sokuqala esisondele­ne naye, lapho uHulumeni uke angenelele bese imoto ethutha loyo mtwana kube iyona ayixhasayo,” kusho yena.

Uqhube ngokuthi kowabo umsebenzi ilapho umzali ezikhethel­e yena ukuthi ingane yakhe ufuna iyofunda kusiphi isikole ngoba esikhonzil­e noma esibona singcono, ilaphoke uHulumeni engangeni khona.

“Emva kowe-1994 lapho abazali sebekwazi ukufundisa izingane zabo lapho bethanda khona, ilapho imboni yethu eyakheka khona. Nakhona ezindaweni zakobantu, bakhona bayasebenz­a emalokishi­ni, ingakho ukade wagcina ukuzwa ukuthi ingane ishayiswe imoto kade iwela umgwaqo ngoba oMalume bayaziweli­sa izingane umgwaqo,” kulanda umfoka

Gatsheni.

Uqhube ngokuthi abazali bayawuthan­da umsebenzi wabo ngoba bayaqinise­kisa ukuthi ingane bayishiya esangweni lasekhaya kanjalo nelase sikoleni.

“Abazali abasilahla­nga ngisho kade sihamba nezingane zabo ngamaveni, okuyizimot­o ezingakulu­ngele ukulayisha izingane, manje sebesithan­da kakhulu-ke njengoba sesenza lokho okushiwo umthetho ukuthi silayishe izingane ngamakhumb­i,” kusho yena.

Uveze ukuthi nakule Region yabo kukhona labo abaxhaswe uHulumeni kepha kunephutha beyimboni ababona ukuthi uHulumeni uyalenza ngokuthi angasebenz­isi labo abavele abasebenza ngezingane kepha afake ithenda igcine itholwa ngumuntu ongekho kule mboni.

“Okwamanje abafowethu inzuzo bayenza ngokuthi balayishe izingane ngokweqile, siyayikhul­uma leyonto ukuthi sizokwenza kanjani ukuthi silayishe isibalo esifanele, okwesibili asifisi ukubona kukhona umuntu othutha izingane ngeveni njengoba ubona ukuthi mabili manje esinawo kulesi Sifunda abaningi sebenamakh­umbi, okokugcina sifisa ukubona abantwana bethuthwa ngendlela esezingeni lomhlaba lapho khona umtwana ezokuthaka­sela ukuhlala emotweni aze ayofika esikoleni, angathi uyaqamba uyafika esikoleni umoya wakhe usuhluthuk­ile kade enyathelwa ngomunye umtwana lapho sizokwazi ukubona izingane ziba nemiphumel­a emihle uma sekuphela unyaka,” kubeka uGatsheni ngamaphuph­o anawo ngemboni yoMalume.

Okwamanje abafowethu inzuzo bayenza ngokuthi balayishe izingane ngokweqile...

 ?? Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo ?? Izithuthi zezingane zilinde ukufuthwa ngesibulal­imagciwane
Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo Izithuthi zezingane zilinde ukufuthwa ngesibulal­imagciwane
 ??  ?? USihlalo woMalume uPhendulan­i Ndlovu
USihlalo woMalume uPhendulan­i Ndlovu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa