Bayede

Iyaqala ukunyuka inqola yomnotho ngelizayo

-

NgoMsombul­uko umnotho “uyavulwa”. Ngalesi sikhathi kulindelek­e ukuthi abantu abayizigid­i eziyisi-8 babe yingxenye yomnotho. Lokhu ngokusho kukaHulume­ni yindlela yokuzama ukufukula umnotho osudlakazw­e wukhuvethe. Lokhu kuvulwa nokugeleza komnotho kuyisiqalo sikaHulume­ni sokubuyisa izicubu, ukuze kuqalwe ukusebenze­la ukubuyisa isikweletu esithathwe ku-Internatio­nal Monitory Fund (IMF). Ngakolunye uhlangothi uHulumeni uzama ukuma ukumba umgodi. Kuningi akwenzile ukuvikela izakhamuzi kanye nezinkampa­ni ekutheni zingamuki ngalesi sikhathi. Kodwa ayikho into yamahhala. Sekumele manje izwe likhokhe ukuze impilo iqhubeke.

Konke okwenzekil­e nokusazokw­enzeka kukhomba ukuthi lo nyaka kuyomele kube khona izinto esizikhohl­wayo. Enye nje wukunyuka komnotho. Ngeke kwenzeke futhi lokhu kuzosikhub­a kokunye okuningi ebese sikuhlelil­e njengezwe. Kuyimanje izikhulu zoMnyango Wezezimali azilali njengoba zihlela kabusha isabelomal­i ukuze sibe ngesibheke­ne nokhuvethe. Okusho ukuthi bazothatha lapha, bathasisel­e lapha, kuyekwe lapha kuphinde kuvalwe laphaya. Lona ngumdlalo odinga ubuchule neqiniso. Iqiniso lapha kumele lethulwe ezakhamuzi­ni ukuthi njengoba umnotho wakuleli nowamazwe nje ungemuhle kukhona okuyomele njengezwe sikuswele. Ukuthi zonke izakhamizi zazi ukuthi kukhona izinhlelo ezingahle zingabe zisenzeka.

Okunye okumele kwenzeke wukwamukel­a kwezakhami­zi ukuthi uHulumeni wethu ngeke akwenze konke yedwa lokhu. Empeleni lohulumeni ukuze kufukulwe umnotho kuomele imiphakath­i nayo ibambe lapho ingabamba khona. Olunye uhlaka lukaHulume­ni okumele ngalesi sikhathi libuke futhi lenze izinto ngokwehluk­ile nguHulumen­i wendawo. Ingani yilapha kunenkinga khona. Yilapho imithombo yokwazi ukuthi abantu bathini nokuthi bafunani itholakala khona. Nakhona kulezi zinsuku kuyagijiny­wa kuqedelwa isabelomal­i. Ngesifanay­o naseminyan­gweni ezifundazw­eni. Wonke umuntu kumele amukele ukuthi izinto zizokwenze­ka ngendlela eyahlukile. Umasipala wakho kungenzeka ungabe usalakha ihholo leli obulethemb­isile ngoba imali isihambe yayothenga izivikeli ukuze abantu bangabulaw­a wukhuvethe.

Yize sinalezi zingqinana­mba ukuncintis­ana ngeke kuphele. Ngakho ababusi baleli lizwe kumele bazibambe ziqine ngoba kulawa mazwe ngaphandle akekho ofuna ukuminza ngakho inyoni izokwakhel­a ngamaqubu enye. Sekukhona lapho siyothi siyongqong­qoza khona bafike balandule ngoba bengeke bakwazi ukuklezisa abangaphan­dle ekubeni abakwabo belambile. Nathi kuzoba khona okusiphoqa­yo ukuthi senze njalo nakwabaney­e. – Umhleli

 ?? Isithombe: Berea Mail ?? Abantu bathuthele­ka ezindaweni zokusebenz­a
Isithombe: Berea Mail Abantu bathuthele­ka ezindaweni zokusebenz­a

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa