Bayede

Okwethu wukwelusa nokwazisa qha

Imizamo yokuhlukan­isa izintathel­i neqiniso iyingozi

-

Namuhla odabeni lwethu oluhamba phambili nolubheka umdonsiswa­no kuMasipala iZululand sibika ngomkhuba ongemuhle lapho abathile belwa baze bafake nabezindab­a phakathi.

Lokhu kubi futhi kwehlisa hhayi kuphela isithunzi somzimba oyipolitik­i kepha kwenza okufanayo nasesithun­zini sabezindab­a.

Njengephep­handaba simile ekutheni okwethu akukhona ukuholela abafundi esiphethwe­ni esithize kepha okwethu wukubika ngendlela ezokulekel­ela wena njengomfun­di ukuba ufike esiphethwe­ni nasesinqum­weni sakho ngalokho esikubhali­le. Siyakwamuk­ela ukuthi izintathel­i nazo zingabantu, ukuthi zinabantu, izinto kanye namaqembu okungenzek­a ukuthi ziyabathan­da.

Sesikushil­o lokho sithi kwaba yingaleso sizathu phela kwaba khona izifundo zobuntathe­li neziqinise­kisa ukuthi phezu kokuthanda abathile nokuthile, okumqoka kakhulu wukuthanda iqinisio.

Ngenhlanhl­a yethu asiqali ukulubhala lolu daba nokwenza sazi okuyikho, okusondela ngakhona kanye namawuwa.

Yingakho namuhla sikukhiphe­le esicabanga ukuthi kuyikho. Kukuwe ukwahlulel­a ukuthi senze ngakhona yini.

Siyakunxus­a futhi ukuthi uzinike isikhathi sokululand­ela lolu daba hhayi ngalokhu esikushici­lele namuhla kepha kusuka eminyakeni emine eyedlule sibika ngalo.

Kuyisenzo sobunuku sanoma yiyiphi intatheli ukuba iqome imali noma udumo kuneqiniso.

Iqiniso phela yize lihlale liwumzondw­a kepha ekugcineni yilo elimayo. Ngakho ngokuhloni­pha wena kanye nathi uqobo sizibophez­ele ekuqomeni iqiniso.

Sazi kamhlophe ukuthi ekwenzeni lapho singahle silahlekel­we ngabaxhasi, kepha yikho phela lokho okwenza silale singenaxha­la ngoba siyazi ukuthi okuwumongo wethu sikwenzile.

Ukwethembe­ka kwezintath­eli akuncikile kuzo kuphela kepha nakuwe njengomfun­di. Zonakalisw­a nguwe ngokuzinik­a izindaba ezingamawu­wa, ziholewa nguwe Ophathe kugcine ngokuthi njengawe zibe sobishini lokwehluke­la ukubika okuyikho nangeqinis­io.

Kulezi zelaboHlan­ga sikunika ilungelo lokuthi kube nguwe umqaphi wazo, umemeze uma sezingenwa futhi zigila imikhuba le esizwa kuthiwa iyagilwa lapha phandle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa