Okwethu wukwelusa nokwazisa qha
Imizamo yokuhlukanisa izintatheli neqiniso iyingozi
Namuhla odabeni lwethu oluhamba phambili nolubheka umdonsiswano kuMasipala iZululand sibika ngomkhuba ongemuhle lapho abathile belwa baze bafake nabezindaba phakathi.
Lokhu kubi futhi kwehlisa hhayi kuphela isithunzi somzimba oyipolitiki kepha kwenza okufanayo nasesithunzini sabezindaba.
Njengephephandaba simile ekutheni okwethu akukhona ukuholela abafundi esiphethweni esithize kepha okwethu wukubika ngendlela ezokulekelela wena njengomfundi ukuba ufike esiphethweni nasesinqumweni sakho ngalokho esikubhalile. Siyakwamukela ukuthi izintatheli nazo zingabantu, ukuthi zinabantu, izinto kanye namaqembu okungenzeka ukuthi ziyabathanda.
Sesikushilo lokho sithi kwaba yingaleso sizathu phela kwaba khona izifundo zobuntatheli neziqinisekisa ukuthi phezu kokuthanda abathile nokuthile, okumqoka kakhulu wukuthanda iqinisio.
Ngenhlanhla yethu asiqali ukulubhala lolu daba nokwenza sazi okuyikho, okusondela ngakhona kanye namawuwa.
Yingakho namuhla sikukhiphele esicabanga ukuthi kuyikho. Kukuwe ukwahlulela ukuthi senze ngakhona yini.
Siyakunxusa futhi ukuthi uzinike isikhathi sokululandela lolu daba hhayi ngalokhu esikushicilele namuhla kepha kusuka eminyakeni emine eyedlule sibika ngalo.
Kuyisenzo sobunuku sanoma yiyiphi intatheli ukuba iqome imali noma udumo kuneqiniso.
Iqiniso phela yize lihlale liwumzondwa kepha ekugcineni yilo elimayo. Ngakho ngokuhlonipha wena kanye nathi uqobo sizibophezele ekuqomeni iqiniso.
Sazi kamhlophe ukuthi ekwenzeni lapho singahle silahlekelwe ngabaxhasi, kepha yikho phela lokho okwenza silale singenaxhala ngoba siyazi ukuthi okuwumongo wethu sikwenzile.
Ukwethembeka kwezintatheli akuncikile kuzo kuphela kepha nakuwe njengomfundi. Zonakaliswa nguwe ngokuzinika izindaba ezingamawuwa, ziholewa nguwe Ophathe kugcine ngokuthi njengawe zibe sobishini lokwehlukela ukubika okuyikho nangeqinisio.
Kulezi zelaboHlanga sikunika ilungelo lokuthi kube nguwe umqaphi wazo, umemeze uma sezingenwa futhi zigila imikhuba le esizwa kuthiwa iyagilwa lapha phandle.