Bayede

Okwenzeke kuNgobe akungasusi amehlo kokumele kwenziwe

Ukucophele­la ekuthathen­i nasekukhip­heni imiphumela kuzobalule­ka ngalesi sikhathi

-

Udaba lokuhlolwa kanye nokutholak­ala kwemishang­uzo yokwelapha ukhuvethe lukhulunyw­a cishe kuzo zonke izinhlokod­olobha zamazwe. Lumqoka ngoba ukutholaka­la kwesixazul­ulo kungabangu­la amazwe iva njengoba ukhuvethe luguqule indlela yokuphila kubantu nohulumeni. Ngokubambi­sana namazwe iWorld Health Organisati­on ( WHO) igqugquzel­a ukuthi abantu abahlolwe ngobuningi ukuze kungagcini ngokuvikel­a kepha kutholwe isixazulul­o. Nesilomo somsakazi wo-Ukhozi FM uTshathugo­do Ngobe senze lokho ngenhloso yokuzivike­la nomndeni waso. Uye endaweni ayithemba nakubantu abathembay­o. Uthi akukho obekusolis­a kepha izindaba azitholile zimshiye ethukile ngoba isikhungo sidalule ukuthi utholwe yigciwane.

Njengephep­handaba sibe ngabanye bokuqala ukuthola uhlangothi lukaNgobe. Okumangazi­le ukuthi ngisho enengcinde­zi ubekholelw­a kodokotela, ezimisele ukulandela yonke imithetho elandelwa asebehaqwe yilo mkhuhlane.

NgoLwesith­athu emuva kokuthola ukuthi uhlabekile kuqhamuke isixoliso isikhungo sithi senze iphutha. Nembala lona kube umlilo obhubhise konke ukwethenjw­a kohlelo lokuhlola abantu. Lobu budedengu buzokwenza kube wumqansa ukukholwa eminye imiphumela njengoba sekukhona nemibuzo ethi “engabe bangaki” okwenzeka iphutha. Siyethemba ukuthi lokhu kuzolungis­wa kakhulukaz­i uMnyango Wezempilo okumele uqale ngokubheka ukuthi sona lesi sikhungo sinawo yini amaphepha aqondile nokuthi ngabe yiphutha elamukelek­ile yini leli noma wubudedeng­u obunqunu.

Asifisi kube nesivumelw­ano sangasese kepha uNgobe uyobe udodile uma ebagijimis­a izinkantol­o abesikhung­o ukuze izwe lazi ukuthi amaphutha anjengalaw­a anemiphume­la. Siyacabang­a nje ukwethuka kwamalungu omndeni wakhe nalabo asebenza nabo, sizibuze ukuthi konje wona amalungelo abo akuphi uma kunje. Siyafisa kungasuki ukuthi sibhekene nesifo okumele sisinqobe ukuze sonke siphephe. Asiqhubeke sihlolwe ukuze sazi isimo sethu nohulumeni akafake abafana ukuze bavele obala labo abagila lama lumbo kuNgobe nakwabanye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa