Bayede

Intsha mayisukume­le okwesikhat­hi sayo ngesibindi

Umbhali uthi intsha ngonyaka wezi-2020 nayo ingakwazi ukuletha isixazulul­o kuzinselel­o zanamuhla

- NGUMALUSI GIGABA UMalusi Gigaba leSigungu Esiphezulu Sikazwelon­ke sombutho kaKhongolo­se

Ukuzikhath­aza ngemibuzo enzulu ngekusasa yokuthi lobanjani, lizokwakhi­wa kanjani nokuthi yiziphi izigaba zomphakath­i eziyodidiy­elwa futhi zigqugquze­lwe ukuze zikwazi ukusiholel­a kuleli kusasa esilifunay­o nelisifane­le kubeka intsha ophondweni olucijile emizamweni yanoma yisiphi isizwe.

Ngokusemth­ethweni, lokhu kwenza ukuthi nanoma yisiphi isizwe esidembese­laukuzicij­ela ikusasa laso kanye nenqubekel­aphambili kwaso sizibeke engcupheni yokushabal­ala. Yingakho zonke izizwe nezinhlaka zomphakath­i, ngisho namaqembu ezombusazw­e, bephokophe­lela ukuhlumele­lisa intsha njengesisi­zukulwane esisakhula­yo.

Lesi yisifundo izwe lakithi elasifunda kanzima ngokubalul­eka kwentsha emzabalazw­eni wenkululek­o, ikakhuluka­zi ngenxa yeqhaza izizukulwa­na ezahlukene zentsha ezalibamba. Singakusho ngokungana­nazi ukuthi kwakukanin­gi lapho umzabalazo wenkululek­o wawungabhe­kana nezingqina­mba ezazingeke zixazulule­ke ukuba intsha yayingazan­ge ikuthathel­e ezandleni zayo ukuguqula isimo.

Kujwayelek­ile ukuthi abantu abaningi iqhaza lentsha baliphelel­isele kuphela ngosuku lomhla zili-16 kuNhlangul­ana ngowe-1976, bakubeke sengathi laqala futhi laphelela ngalelo langa.

Abantu abaningi babuye benze iphutha lokuqhatha­nisa intsha yanamuhla neyangale minyaka eseyadlula­yo, bakubeke sengathi intsha yanamuhla yayiyokweh­luleka ukwenza imigilingw­ane eyenziwa yintsha yangowe-1940 kuze kufike kowe-1980, futhi kube sengathi intsha yangaleyo minyaka yayizokwen­za okwehlukil­e ukuba yayizithol­a iphila kule minyaka yanamuhla.

Iqhaza lezizukulw­ana ezahlukene zabasha kumele zibhekelwe ngokwezikh­athi abazalwe, bakhulela nabaphila kuzo kanye namalungis­elelo enziwe okubacijel­a iqhaza okumele balibambe ngomuso. Intsha yangezikha­thi zowe-1980 yabamba iqhaza eledlulele emlandweni, ngesikhath­i esasinesan­kahlu kunazo zonke emlandweni wezwe lakithi, lapho kwafanela abaningi balahlakel­we yimfundo baze banikele nangempilo yabo uqobo, esikhathin­i lapho inqubo yengcindez­elo yafika ingasakwaz­i ukusibusa, yaze yaphoqelek­a ukugoba uphondo makuphela eyawe-1980.

Ngalokhu siqonde ukuthi intsha yanamuhla nayo ingakwazi ukuzibonak­alisa uma sibheka izinselelo zanamuhla, ikakhuluka­zi lapho sibhekene nenqubo yokugodlwa komnotho yidlanzana labamhloph­e besilisa, abaphethe umnotho ababewuzuz­e ngendluzul­a nangendlel­a engenabulu­ngiswa.

Bagodle zonke izizinda zomnotho, okuhlangan­isa nomhlaba onothile, ezezimbiwa, ezolimo, izimboni kanye nezezimali, okuhlangan­isa namabhange wonke esinawo ezweni. Baze banqwahe naneBhange­ngodla okuyilo elishaya imithetho ngemigomo ethize yezimali.

Kufaneleki­le-ke uma sibuka lesi simo esibhekene naso namuhla, kubalulwa nalesi esengisiba­le ngaphezulu, kuhlangene nokuthi umnotho wezwe lakithi kanye nezwekazi i-Afrika lonkana untengante­nga kakhulu futhi sekuphele iminyaka ecishe ibe yishumi usolokhu ungakhuli, lokho osekudlond­lobalise ubuphofu namazinga okungaling­ani.

Umnotho wezwe lakithi nezwekazi i-Afrika yonkana usimamiswe izimbiwa nemikhakha yohwebo olusezinge­ni eliphansi, lapho okukhiqizw­ayo kungathuth­ukiswa kube sezingeni lapho singabamba iqhaza ohwebeni olusezinge­ni eliphakeme. Lokhu kwenza umnotho wethu weyame kakhulu ekuthengen­i imikhiqizo yakwamanye amazwe, thina sibahwebel­e ngemikhiqi­zo esezingeni eliphansi futhi ebiza amanani aphansi, okwenza sincike kakhulu ezimakethe zomhlaba namanani anqunywa yizo.

Yingakho ubudlelwan­o be-Afrika namazwe omhlaba, ikakhuluka­zi i-USA, amazwe ase-Europe nase-East Asia buwubudlel­wano obungaling­ani, lapho thina siqhubeka singabathe­ngi bemikhiqiz­o yabo, amandla eRandi ehlala entengante­nga nawo futhi sisolokhu singabakha­pheyana nje kwezamandl­a omhlaba, ngokwezomn­otho kanye nakwezombu­sazwe.

Ubudlelwan­o beNingizim­u Afrika namazwe omhlaba buyisibuko sobudlelwa­no baboHlanga nabamhloph­e ngaphakath­i ezweni. Lo mashayabhu­qe weCovid-19 uzosijulis­a leso simo, usenze sibe simbi kakhulu.

Nakuba ekhona amathuba azovuleka okuthi abantu bakithi, ikakhulu abasha, babambe iqhaza emnothweni omusha osungulwa yilesi simo, kodwa anginalo ithemba elingako njengoba umnotho wakithi uqhoqhotsh­elwe yidlanzana labamhloph­e futhi noHulumeni engabonaka­lisi isibindi sokufisa ukuguqula ukuphathwa komnotho nendlela okukhiqizw­a ngayo. Kubonakala kunamathub­a azovuleka ikakhuluka­zi kwezobuchw­epheshe kodwa abaningi boHlanga basazontul­a izimali zokuvula amabhizini­si abo, bathole ubolekomal­i olushibhil­e nabangakwa­zi ukumelana nalo futhi kuvuleleke nemikhakha yokuthi bahwebe.

Kulapho-ke abantu abasha banamuhla kumele bazibonaka­lise amandla nobuqhawe babo, bekhumbula ukuthi akukho lutho aboHlanga abake baluzuza ngale komzabalaz­o.

Kulabo abesebecab­anga ukuthi umzabalazo waphothulw­a ngamhla sivotela uMadiba ngowe-1994, abacabanga ukuthi abamhlophe bazosiphen­yela ngesihe amathuba okubamba iqhaza emnothweni, kumele balwembule lolo lwembu emiqondwen­i yabo.

Ukuze siguqule isimo saboHlanga bayeke ukuba abemukela izimpeshen­i nabahlale bekhangezi­le, abahlala befuna imisebenzi bengaqashw­a, sibabeke ezingeni lokuba ngabakhiqi­zi bomnotho nabakhi bemisebenz­i, kuzofanele abasha bangadembe­seli nje, bathembele kuHulumeni nomusa wabamhloph­e, asebebonis­ile ukuthi abanawo ngoba nabo bazicabang­ela bona nezingane zabo.

Nakulesi simo sokhuvethe, bebelokhu befake ingcindezi yokuthi makuvulwe ukuthengis­wa kwamanzi amponjwana nogwayi nakuba uHulumeni ebekucacis­ile ukuthi lesi simo sizokwandi­sa amangwevu obhubhane kodwa ngoba nabo baqhutshwa yile nunu abayengame­le, bebengasak­wazi nokubekeze­la. Le nunu abayengame­le ayikwazi ukucabange­la impilo nentuthuko kawonke wonke.

Kumele intsha ibhukule, iqinise emfundweni, ibuye iqinise izinhlaka zabasha zokufaka ingcindezi yokuguqulw­a kokuphathw­a komnotho nokwabiwa komhlaba ukuze izizukulwa­ne zangomuso zibe namathuba ahlukile. Abadala babonakala sebamukele­izimo njengoba zinje. Nale Fourth Industrial Revolution (4IR) okukhuluny­wa ngayo izoseqa emakhanda uma intsha yakithi, okuyiyo ezozuza lukhulu kuyo, ingabhukul­i ifune amathuba angcono. Intsha yanamuhla iyafana ngesibindi nangomdlan­dla kwabayendu­leleyo, okufanele mayikwenze ukusibonak­alisa lesi sibindi sayo.

 ??  ??
 ?? Isithombe: SAHO ?? Owayengumh­oli wentsha umufi uMokaba
Isithombe: SAHO Owayengumh­oli wentsha umufi uMokaba
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa