Bayede

Iqiniso lithi sigileka nje yintuthuko yethu

Umbhali uthi njengoba lingahambi nje igciwane intuthuko yiyo eligijimis­ayo kubhala uMfo wakwaNomaj­alimane

-

Kuleli sonto ngibe nethuba lokukhulum­a ngobumqoka bosuku oselethiwa ngokuthi ngele-Afrika. Lo ngumhla zingama-25 kuNhlaba nosikhumbu­za okukhulu ngathi nangomland­o wethu. Ngeke-ke wabuka kabanzi nge-Afrika ungabukang­a ngokwenzek­a kwezinye izingxenye zomhlaba.

Ngenze njalo ukuze ngizifundi­se futhi ngizikholi­se ngesimomaz­we. Ngibuke izinombolo ezikhula nsukuzaphu­ma zokuthelel­eka nokubulawa wukhuvethe lapha eNingizimu Afrika ngaziqhath­anisa namanye amazwe asizungezi­le njengeLeso­tho.

Ngisuke lapho ngajubalal­a ngabuka izibalo zakwamanye amazwe nayilapho izwe okuthiwa yilo elizihola phambili ngakwezomn­otho i-United States of America (USA) kutholakal­a ukuthi nakulo ukhuvethe siholwa yilo.

Ngibe sengiba nemibuzo ukuthi uma izwe elizihola phambili emhlabeni njenge-USA kanye nalelo elihamba phambili e-Afrika iNingizimu Afrika zingaphans­i kwengcinde­zi pho silindelen­i eLesotho naseSouth Sudan? Yini la mazwe angenangqa­lasizinda etheni namnotho kube sengathi angcono kanti kuhlale kuthiwa nxa izwe lihlupheka lisenkinge­ni.

Wona futhi amandla omqondo abe esengiweza angilunguz­isa olwazini thizeni ngawo wonke lawa mazwe ngabe sengiphuma nempendulo cishe nami engethusil­e.

Le mpendulo ibithi kungenzeka ukuthi la mazwe aziwa njengezikh­ondlakhond­la kokuthile adliwa ngokuthile okukuwo. Kuwumbono wami ukuthi intuthuko yethu, enhle futhi eqhubeka nokuba yinhle yiyo okungenzek­a ukuthi iwumnkhont­o noma ngithi ubuthi obusijuqay­o bulapha kithi.

Ngikusho ngani lokhu? Izibalo ezikhona zikhomba ukuthi amadolobha amakhulu lapha eNingizimu Afrika yiwo ami kabi. Kunjalo eKapa, eTshwane, eGoli nalapha eThekwini. Yize kukhona kepha koNongoma naseHlanze­ni kuphansi.

Umbuzo uthi kungenzeka kanjani lokhu?

Ongoti bayavumela­na ukuthi umhlaba esiphila kuwo wehluke ngokuthi sekulula ukuxhumana nokungcono kunakuqala. Uma ujahe eGoli ikhona indiza.

Kanti kanjalo nokuxhuman­a kwemigwaqo sekulula ofuna ukuya eKapa nje ufaka uphethroli idume insimbi emasondoma­ne iye iyombeka eKapa lodumo. Lokhu kuhle kukhomba intuthuko. Kepha nansi indaba lapho iqala khona.

Lokhu kuba lula yikho okwenza kube lula nokuthelel­ana. Osuka lapha eThekwini enegciwane eya eDubai angalifafa­za yonke indlela lena lapho ibhanoyi lima khona naye ethintana nabantu khona.

Ubufakazi balokho busekuthen­i kuthe sizihlalel­e nje lapha kwelengaba­di siziqhathe­la usizi lwethu kwabe sekubuya owakuleli obehambele phesheya wabuya eselithwel­e njengoba namuhla sekuthiwa isibalo lesi sesibikwa ezinkulung­waneni.

Useluleme lo owafika nalo uma sizwa kepha ukhuvethe lona luyagabavu­la lapha phandle.

Kwala sebethi bayalikaka lapha emijondolo yako-Alexandra eGoli naseKhayel­isha eKapa.

Lifike kanjani? Loyo umbuzo ompendulo yayo ngingemang­ale uma kuyikuthi lifike nobephumel­e ngaphandle kule ndawo, wathi angabuya kanti usethwele isifo.

Kube njalo naseBrazil ukufa kuthole obesiza endlini ekuthatha kumqashi wakhe obehambele e-Italy.

Naye lo mqashi uhambe nje amahora angatheni ukusuka e-Italy eya eBrazil ngendizams­hini elekelelwa yiyo intuthuko esinayo. Ukube bekukudala njengoba kwenzeka ngesikhath­i kuhlasele umkhuhlane owaziwa ngeSpanish

Flu, mhlawumbe bekuzothat­ha izinyangan­a ukuba isifo sisabalale sinike nabemishan­guzo ithuba lokuthaka.

Manje izinto ziyashesha, silala singenakho sivuke sinakho, kuhanjswe yithi belu.

Ekugcineni ngibe namahloni ukufika esiphethwe­ni sokuthi sibulawa wubuhlakan­i bethu nokufisa ukube ngabe sizihlalel­a endaweni engenamigw­aqo eshibilika­yo namabhanoy­i antweza emkhathini nezitimela ezisuka njengenhla­mvu yesibhamu zifinyelel­e kwelinye ibanga ngoba ngabe abakwethu bayasinda kulolu laka lwesifo, pho-ke ngeke kwenzeke, iyosixaka le ntuthuko yethu ize isinike isixazulul­o kungekudal­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa