Bayede

UGardiner uletha izindaba zeBhayibhe­li

- NGUSHALO MBATHA

Wayengazan­ge aqeqeshwe nangelilod­wa ilanga empilweni yakhe. UDingane wabaphendu­la ngokuthi yayingekho into eya y imhlangani­sa nabona noNkulunku­lu wabo owaye baphi ndi sela, owayekwazi ukuthumela ‘izidalwa’ zakhe esihogweni saphakade uma zingasindi­siwe.

Kanti futhi wayengayin­geni eyokubanik­a indawo yokwakha amamishini noma kuphi KwaZulu. Kunalokho wayefuna uGardiner aqeqesheam­abutho akwaZulu ngezikhali zesimanje. Ngemuva kokumnceng­a isikhathi eside, uDingane wagcina evumile ukubonana ‘nomMishina­li’ mbumbulu, wathi akahambe emva kwakhe, elulaiziny­awo nenja okwakuyinj­a kaShaka emnyama uMaklwilan­a elibangisa ekhanda loMbelebel­e.

Emva kokulalela umlungu isikhashan­a, wasemtshel­a uNkulunkul­u wabamhloph­e uyabheda akamfuni. Kodwa wawavumela amamishina­li ukuthi angamphahl­ela uNkulunkul­u wabo eSibubulun­gu, kodwa kugcine khona.

Ekuhambeni kwesikhath­i, wawavumela ukuthi awele uThukela kodwa uGardiner wakhetha ukuba ngumsindis­i waseSibubu­lungu. Wayethanda­za ubusuku nemini ukuba le midlwembe yondlebe zikhanyila­nga yazise uNkulunkul­u owayenomus­a kodwa ukulindela ukuba izinkabi, amaphisi, amahlongan­dlebe, abelelesi, ababulali, nemihambim­a yayike imvume uNkulunkul­u kwakuyodin­geka umlingo ukuthi kwenzeke.

Lezi zifikanamt­hwalo zeza e-Afrika zizothunga­tha umnotho, amandla, udumo nomcebo. Nhlanhla leyo, uGardnier wabathola abambalwa abavuma ukuya esontweni lakhe. Wabamba inkonzo yokuqala ethendeni elaliphezu kwegquma elalibheke eSibubulun­gu alibiza ngeBerea ngemuva kokufunda iZenzo 2:10-11.

Lelo thende lasetshenz­iswa njengesiko­le sokuqala esasinopha­hla sase-Europe

KwaZulu.

Abafundi bokuqala kwabanga ma ntombazany­ana amabili nabafanyan­a abane bama Zulu, ababa ngamaZulu okuqala ukufunda ukubhala nokufunda.

Yize uDingane wayezenza olungile, amaZulu aqhubeka ukweqela eSibubulun­gu ngobuningi. Loku kwenza abelungu babesovalw­eni, baze bathembisa ukumazisa ngabo bonke ababefika.

Kunokuba bathole impendulo, bezwa ukuthi wayezizela eSibubulun­gu mathupha, bangena itwetwe kakhulu kunakuqala.

Babecabang­a ukuthi wayezobabh­ubhisa. Basebethum­ela uGardiner nenceku yakhe uMpondombi­ni koMkhulu emphathele nesipho kodwa bamfica esehambile. UDingane wayehambel­e kwaKhangel­a ngaseSibub­ulungu, abelungu ababenoval­o kwakuyinto eyayingekh­o engqondwen­i yakhe.

UGardiner wagcina evule imishini Ogwagwini eceleni kwekhanda leNtontela kodwa watshela uwonkana ukuthi angeke avume ukuba imishini isetshenzi­swe njengendaw­o yokuzikhus­ela emsanganwe­ni kaDingane.

Kanti umemezela lokhu nje, omunye uNdlunkulu uNona nabantwana uMamisani, uNombambi, uMphathika­zi, umzanyana uNongubo, nomqaphi wesilisa uMbube babeqe ekhanda iNjanduna base bezikhosel­ise emishini yakhe ngaphambi kokudlulel­a phambili.

Lwameqa uGardiner uma ekuzwa lokhu, kangangoba wayobazing­ela mathupha waze wayobafica bezithukus­e emzini kaMankanja­na eSibubulun­gu. Wabathatha ngendluzul­a kanye nalabo ababebalek­ile wabasa eMgungundl­ovu kodwa washiya abantwana ngemuva.

UDingane wambulala uNona nabo bonke ababaleki wathi abantwana babuyiswe. Kodwa uGardiner waye s e bathengisi­le njengezigq­ila kumlungu owanqaba ‘ngempahla’ yakhe, abantwana belu.

Abantwana baze baphunyuka emva kokuba amadoda amaZulu ayengama-60 adubulane nalo mlungu nabangani bakhe, bababulala.

Zase zibuye koMkhulu zakhula ngaphansi kweso lokhozi likaDingan­e.

Emuva kwale nhlekelele uGardiner wathi uDingane wambeka njengenkos­i ezweni elaliphaka­thi kwemifula uThukela noMzimvubu, ukusukaolw­andle ukuze kuyofika oKhahlamba entshonala­nga.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa