UGardiner uletha izindaba zeBhayibheli
Wayengazange aqeqeshwe nangelilodwa ilanga empilweni yakhe. UDingane wabaphendula ngokuthi yayingekho into eya y imhlanganisa nabona noNkulunkulu wabo owaye baphi ndi sela, owayekwazi ukuthumela ‘izidalwa’ zakhe esihogweni saphakade uma zingasindisiwe.
Kanti futhi wayengayingeni eyokubanika indawo yokwakha amamishini noma kuphi KwaZulu. Kunalokho wayefuna uGardiner aqeqesheamabutho akwaZulu ngezikhali zesimanje. Ngemuva kokumncenga isikhathi eside, uDingane wagcina evumile ukubonana ‘nomMishinali’ mbumbulu, wathi akahambe emva kwakhe, elulaizinyawo nenja okwakuyinja kaShaka emnyama uMaklwilana elibangisa ekhanda loMbelebele.
Emva kokulalela umlungu isikhashana, wasemtshela uNkulunkulu wabamhlophe uyabheda akamfuni. Kodwa wawavumela amamishinali ukuthi angamphahlela uNkulunkulu wabo eSibubulungu, kodwa kugcine khona.
Ekuhambeni kwesikhathi, wawavumela ukuthi awele uThukela kodwa uGardiner wakhetha ukuba ngumsindisi waseSibubulungu. Wayethandaza ubusuku nemini ukuba le midlwembe yondlebe zikhanyilanga yazise uNkulunkulu owayenomusa kodwa ukulindela ukuba izinkabi, amaphisi, amahlongandlebe, abelelesi, ababulali, nemihambima yayike imvume uNkulunkulu kwakuyodingeka umlingo ukuthi kwenzeke.
Lezi zifikanamthwalo zeza e-Afrika zizothungatha umnotho, amandla, udumo nomcebo. Nhlanhla leyo, uGardnier wabathola abambalwa abavuma ukuya esontweni lakhe. Wabamba inkonzo yokuqala ethendeni elaliphezu kwegquma elalibheke eSibubulungu alibiza ngeBerea ngemuva kokufunda iZenzo 2:10-11.
Lelo thende lasetshenziswa njengesikole sokuqala esasinophahla sase-Europe
KwaZulu.
Abafundi bokuqala kwabanga ma ntombazanyana amabili nabafanyana abane bama Zulu, ababa ngamaZulu okuqala ukufunda ukubhala nokufunda.
Yize uDingane wayezenza olungile, amaZulu aqhubeka ukweqela eSibubulungu ngobuningi. Loku kwenza abelungu babesovalweni, baze bathembisa ukumazisa ngabo bonke ababefika.
Kunokuba bathole impendulo, bezwa ukuthi wayezizela eSibubulungu mathupha, bangena itwetwe kakhulu kunakuqala.
Babecabanga ukuthi wayezobabhubhisa. Basebethumela uGardiner nenceku yakhe uMpondombini koMkhulu emphathele nesipho kodwa bamfica esehambile. UDingane wayehambele kwaKhangela ngaseSibubulungu, abelungu ababenovalo kwakuyinto eyayingekho engqondweni yakhe.
UGardiner wagcina evule imishini Ogwagwini eceleni kwekhanda leNtontela kodwa watshela uwonkana ukuthi angeke avume ukuba imishini isetshenziswe njengendawo yokuzikhusela emsanganweni kaDingane.
Kanti umemezela lokhu nje, omunye uNdlunkulu uNona nabantwana uMamisani, uNombambi, uMphathikazi, umzanyana uNongubo, nomqaphi wesilisa uMbube babeqe ekhanda iNjanduna base bezikhoselise emishini yakhe ngaphambi kokudlulela phambili.
Lwameqa uGardiner uma ekuzwa lokhu, kangangoba wayobazingela mathupha waze wayobafica bezithukuse emzini kaMankanjana eSibubulungu. Wabathatha ngendluzula kanye nalabo ababebalekile wabasa eMgungundlovu kodwa washiya abantwana ngemuva.
UDingane wambulala uNona nabo bonke ababaleki wathi abantwana babuyiswe. Kodwa uGardiner waye s e bathengisile njengezigqila kumlungu owanqaba ‘ngempahla’ yakhe, abantwana belu.
Abantwana baze baphunyuka emva kokuba amadoda amaZulu ayengama-60 adubulane nalo mlungu nabangani bakhe, bababulala.
Zase zibuye koMkhulu zakhula ngaphansi kweso lokhozi likaDingane.
Emuva kwale nhlekelele uGardiner wathi uDingane wambeka njengenkosi ezweni elaliphakathi kwemifula uThukela noMzimvubu, ukusukaolwandle ukuze kuyofika oKhahlamba entshonalanga.