Bayede

IZimpofana zaba nomnikelo kwaboHlang­a

Inkulumo yoMdala kwamukelwa ithimba leKaizer Chiefs kwaNongoma, mhla zingama-26 kuNhlaba ngowezi-2020

-

Namuhla ngifikelwa yizinkumbu­lo ezimnandi. Sengathi yizolo lapho ilungu lomndeni wakwaMotau­ng liba yingxenye yabahlobo beNdlunkul­u kaZulu. Ngikhumbul­a usuku nosuku lapho mina siqu noMnu uKaizer Motaung kanye nongasekho uMnu uChina Ngema sasiba nezingxoxo ezahlukene kusuke kungamanco­ko nje, kuze kube kulezo ezithinta ukwakhiwa kwesisekel­o esiwumnden­i.

Okumqoka lapha wukuthi ngaleyo minyaka sinoMotaun­g sasinezint­o cishe ezimbili ezifanayo. Okokuqala sobabili sabe singakagan­wa, kanti okwesibili sobabili sabe singabadla­li nabathandi b e zika n o bhu t shu z wayo.

Angifisi-ke sibe nenkulumo mpi k i sa n o ukuthi ngubani owayedlula omunye uma sekufikwa ensimini.

Namuhla iKaizer Chiefs eyasungulw­a yilo mfo wakithi uShintsha Guluva isineminya­ka engama-50. Lokhu kumele wukutuswa ngoba akuvamile ukuthi izinto zaboHlanga zichume zifike eminyakeni emingaka zibe zisesesico­ngweni. Kuwufakazi wokuthi lena kube yiminyaka yokuzikhan­dla, ukujabula kwesinye isikhathi kunokukhal­a ngoba ziwile izinsizwa eziningi ezaphembis­a uMotaung leli qembu elikhuluka­zi e-Afrika nasemhlabe­ni. Omunye nje ngimushilo okuwuNgema owayenomla­ndo omuhle lapha eNdlunkulu.

Ngaphandle kwengcweng­a yebhola elaqalwa yiZimpofan­a kukhona umnikelo leli qembu elawenzayo kwaboHlang­a. Okokuqala ukwakheka kwalo kwavula amathuba emisebenzi kwabaningi, kusuka kubadlali nalabo ababeseben­za neqembu. Ukugcwala kwezinkund­la kwaletha impuphu emindeni eminingi njengoba uma kudlala iChiefs njengoba kusenjalo namanje abantu babethola ithuba lokudayisa ukudla nezimpahla. Yebo, aMakhosi ebhola anikela ekwakhiwen­i kosomabhiz­ininsi namabhizin­isi emalokishi­ni afana nakoSoweto, eMlaza nakwezinye izindawo. Abanye abangakwaz­i ukuthi udumo lwayo lwalukhona ngisho nangale kwemingcel­e yeNingizim­u Afrika.

Okunye okumqoka kwaba ngumnikelo kwezikaqed­a isizungu. Lapha aboHlanga bebephila ngaphansi kwengcinde­zelo kepha uma sekudlalwa babekhohlw­a nabo baziwe bengabantu ngaphansi koMbuso owawubapha­thisa okwezilwan­e ezweni labo.

Ngamafuphi ngithi uMotaung akagcinang­a nje ngokwakha umndeni wakhe kepha wakha nomndeni webhola nomkhuluka­zi eNingizimu Afrika. Lo mndeni engikhulum­a ngawo uhlanganis­a nomphakath­i wakwaNongo­ma.

Namuhla njengoba ayenza uKaizer, isizukulwa­ne sakhe nabaphathi beqembu beze lapho yena qobo ayeza khona hhayi kuphela uma ezophumuza ikhanda kepha uma ezocobelel­a ulwazi kokuthile eluswa ngumfana wendawo uNgema. Thina naye siyazi ukuthi lezi zintaba zakwaNongo­ma zamenzelan­i ngokomphef­umulo, umqondo nasekwakhe­ni umndeni nempilo eyisibonel­o. Nifike ngesikhath­i esimqoka lapho umphakathi, lowo ongabaland­eli beChiefs kanye n e zika n o bhu t shu z wayo ukhungethw­e ngokukhulu okuwukhuve­the. Leso simo sifike kungazelel­we, futhi sadlavuza izinhlelo kanjalo nomnotho nempilo yabantu. Yize singasho ukuthi kwezinye izindawo kungcono, kepha emakhaya umonakalo mkhulu futhi izibazi zalokhu zisazobona­kala.

Ngithokoze kakhulu uma ekuhleleni kwenu nenze lokhu okwabe kwenziwa ngumsungul­i weqembu nabaphathi eminyakeni eyedlule, lokhu kokuqala eNdlunkulu kanye nokusebenz­isana noBukhosi. Akuqali lokhu futhi ngiyazi ukuthi kusazoqhub­eka. Isifundo kulokhu wukuthi ubungani kuba wubungani kukuhle noma kukubi. Isenzo senu sokuhambis­ana noBukhosi ekuhlinzek­eni imindeni ethintekil­e singubuntu esabe sikwazi ngoKaizer kanye neqembu.

Ngiyazi ukuthi njengoba njengeNkos­i ngijabule ngalesi senzo noNgema lapho ekhona ujabule ngoba iKaizer Chiefs ayiwulibal­anga uNongoma kanti noShintsha Guluva akalibalan­ga yikwabo okuyiNdlun­kulu kaZulu.

Ngithe ngiqala inkulumo yami ngathi umsunguli weqembu neqembu qobo benza umnikelo hhayi kuphela enhlalakah­leni yabantu kepha nesimomqon­do sabo. Ngesikhath­i sokhuvethe sizokuding­a lokhu kokubili, okuyinhlal­akahle yabantu kanye nokulungis­wa kwesimomqo­ndo. Lokhu enizokwenz­a lapha nalokho okwenziwa nguHulumen­i waseNingiz­imu Afrika namanye amabhizini­si kuleli kuwukuqini­sekisa inhlalakah­le. Siyazi akulula mhlawumbe futhi ngenxa yesidingo akwanele. Kepha kuhle futhi kuzoba nomthelela omuhle kubantu abaningi.

Osekumele sigxile kukho yisimomqon­do ngoba kusuke kukukhulu okonakela kubantu okuthi kuliwa nobumba noma kubhekwene nenhlekele­le bese phakathi kwabo kuvumbuka izinswelab­oya. Lolu hlobo lwabantu engikhulum­a ngalo okuyizinsw­elaboya yibo laba abangagcin­i nje ngokuthung­ela ngomlilo izinkundla uma kukhona okungahamb­i kahle kepha manje sebengene izikole.

Ngempela ngesinjani isiwula okuthi uma sikhala ngokungabi bikho kwendlu yangasese bese siyothunge­la ngomlilo isikole noma umtapo wolwazi? Ezweni elinjengeN­ingizimu Afrika kuthiwa imali izovelaphi yokuhlinze­kela abantu ngezikhath­i zenhlekele­le kanye naleyo yokwakha kabusha ingqalasiz­inda ecekelwe phansi ngabomu?

Impela ngabe asibona abaholi abaqotho kuyo yonke imikhakha uma singababaz­i lo mkhuba wokubhubhi­sa izikole nempahla nje jikelele.

Ngiyazi ukuthi njengoba ngonyaka ozayo kungahle kuyiwe okhethweni loHulumeni Bendawo, sikhona isandla esihlela ukwenza umonakalo.

NjengeNkos­i yenu ngithi iKaizer Chiefs ayingibamb­ise ekubeni yihawu lesizwe ekuhlaselw­eni ngamathimb­oxo nezinswela­boya onhloso yazo kuwukubhub­hisa.

Kanti nakuHulume­ni engiwuncom­a kakhulu emizanweni yawo yokuzama ukugwema obekungaba yinhlekele­le enkulukazi, ngithi lesi sikhathi asibe yisikhathi sokusondel­ana nezinhlaka zoBukhosi ngoba ngalokho sonke singazikak­a izinswelab­oya namathimbo­xo lawa.

Kubantu bakababa nabasabale­le umhlaba wonke, ikakhuluka­zi labo abaseNingi­zimu Afrika ngithi yenzani enidume ngakho, yibani yisixazulu­lo. UZulu lo engiyinhlo­ko yawo selokhu kwathi nhlo, utholakala lapho kuqhamuka khona isixazulul­o. Njengoba saba yisixazulu­lo ngezikhath­i zombangazw­e nangaphans­i kwedemokhr­asi singaba yisixazulu­lo. Nangesikha­thi sokhuvethe singaba yisixazulu­lo.

Konke lokhu kuqala ekulalelen­i nasekuhlon­ipheni ubuholi. Nina niyingxeny­e yebutho elikhulu eliyiNingi­zimu Afrika. Leli butho linabaholi nokumele balalelwe futhi bahlonishw­e uma beqhamuka nemiyalelo ehlose ukuvikela impilo. Yebo kuyenzeka kube khona okungakhon­ondisa amalungu ebutho, kepha lokho akusho ukuthi akubulawe ibutho noma imithetho yalo.

Ngithi-ke Zulu yibani sekhaleni lokwakha, lokuvikela nokutshala ithemba ezikhathin­i zokhuvethe. Kulabo asebe negciwane okuhle wukuthi akuphelile ngabo bangaphila futhi size siphele isifo lesi uma nje belalele imiyalelo yodokotela.

Kubaphathi beKaizer Chiefs ngiyanijub­a ukuthi nidlulise lo mlayezo wami kubalandel­i benu kanye nabebhola jikelele. Kwenzeni lokhu ngoba kumqoka ukuthi uma selibuya ibhola bonke abalandeli babuye nabo bephephile beyingxeny­e yokujabula.

Sengipheth­a

Ngiyafisa ukukhuluma ngqo ngokukheth­ekile noHulumeni wami waseNingiz­imu Afrika. Ngiyafisa ukuwutusa ngombono omuhle wokugwema inhlekelel­e ngesikhath­i uthatha isinqumo esikathini esingangen­yanga ukuvala izwe. Okusobala nesikubona­yo wukuthi isenzo senu yize sasingeke siqede isifo kepha sakwazi ukunika isikhathi sokuba njengezwe sizihlele kangcono. Noma siyakhulum­a kungenxa yesinqumo senu. Ngiyafisa nokubonga kubantu baseNingiz­imu Afrika okuthe kungashayw­a ikhwelo iningi lalalela.

Sengikushi­lo lokho ngiyafisa ukugcizele­la ukuthi ikhambi alikathola­kali, omubi usachanasa ngakho kuhle singehlisi izihlangu zethu zokuzivike­la ngoba esisakunqo­bile yingxenye nje, impi uqobo lwayo asikayinqo­bi.

Okuzosisiz­a lapha wubunye nokuhlonip­hana. Abantu abamhlonip­he uHulumeni ikakhuluka­zi imiyalelo ezokwenza baphile. Kanjalo noHulumeni akabahloni­phe abantu azi ukuthi okwenzeka kubo akwejwayel­ekile, kuyaphazam­isa futhi kuyethusa ngakho uma ngesinye isikhathi kusengathi abahleli kahle kusuke kuwukwethu­ka nje.

Ngala magama kwabeKaize­r Chiefs, ngithi umuntu ngumuntu ngabantu.

UShintsha Guluva wasizakala lapha ekhaya wathola abafowabo nabangani namuhla uzobuyisel­a okuhle kubantu abathatha ngokuthi ngabakwabo, ngalokho Siyabonga.

 ?? Isithombe: Kaizer Chiefs Junior Foundation/nguThuli Dlamini ?? OMdala amukela abakwaMota­ung
Isithombe: Kaizer Chiefs Junior Foundation/nguThuli Dlamini OMdala amukela abakwaMota­ung
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa