IZimpofana zaba nomnikelo kwaboHlanga
Inkulumo yoMdala kwamukelwa ithimba leKaizer Chiefs kwaNongoma, mhla zingama-26 kuNhlaba ngowezi-2020
Namuhla ngifikelwa yizinkumbulo ezimnandi. Sengathi yizolo lapho ilungu lomndeni wakwaMotaung liba yingxenye yabahlobo beNdlunkulu kaZulu. Ngikhumbula usuku nosuku lapho mina siqu noMnu uKaizer Motaung kanye nongasekho uMnu uChina Ngema sasiba nezingxoxo ezahlukene kusuke kungamancoko nje, kuze kube kulezo ezithinta ukwakhiwa kwesisekelo esiwumndeni.
Okumqoka lapha wukuthi ngaleyo minyaka sinoMotaung sasinezinto cishe ezimbili ezifanayo. Okokuqala sobabili sabe singakaganwa, kanti okwesibili sobabili sabe singabadlali nabathandi b e zika n o bhu t shu z wayo.
Angifisi-ke sibe nenkulumo mpi k i sa n o ukuthi ngubani owayedlula omunye uma sekufikwa ensimini.
Namuhla iKaizer Chiefs eyasungulwa yilo mfo wakithi uShintsha Guluva isineminyaka engama-50. Lokhu kumele wukutuswa ngoba akuvamile ukuthi izinto zaboHlanga zichume zifike eminyakeni emingaka zibe zisesesicongweni. Kuwufakazi wokuthi lena kube yiminyaka yokuzikhandla, ukujabula kwesinye isikhathi kunokukhala ngoba ziwile izinsizwa eziningi ezaphembisa uMotaung leli qembu elikhulukazi e-Afrika nasemhlabeni. Omunye nje ngimushilo okuwuNgema owayenomlando omuhle lapha eNdlunkulu.
Ngaphandle kwengcwenga yebhola elaqalwa yiZimpofana kukhona umnikelo leli qembu elawenzayo kwaboHlanga. Okokuqala ukwakheka kwalo kwavula amathuba emisebenzi kwabaningi, kusuka kubadlali nalabo ababesebenza neqembu. Ukugcwala kwezinkundla kwaletha impuphu emindeni eminingi njengoba uma kudlala iChiefs njengoba kusenjalo namanje abantu babethola ithuba lokudayisa ukudla nezimpahla. Yebo, aMakhosi ebhola anikela ekwakhiweni kosomabhizininsi namabhizinisi emalokishini afana nakoSoweto, eMlaza nakwezinye izindawo. Abanye abangakwazi ukuthi udumo lwayo lwalukhona ngisho nangale kwemingcele yeNingizimu Afrika.
Okunye okumqoka kwaba ngumnikelo kwezikaqeda isizungu. Lapha aboHlanga bebephila ngaphansi kwengcindezelo kepha uma sekudlalwa babekhohlwa nabo baziwe bengabantu ngaphansi koMbuso owawubaphathisa okwezilwane ezweni labo.
Ngamafuphi ngithi uMotaung akagcinanga nje ngokwakha umndeni wakhe kepha wakha nomndeni webhola nomkhulukazi eNingizimu Afrika. Lo mndeni engikhuluma ngawo uhlanganisa nomphakathi wakwaNongoma.
Namuhla njengoba ayenza uKaizer, isizukulwane sakhe nabaphathi beqembu beze lapho yena qobo ayeza khona hhayi kuphela uma ezophumuza ikhanda kepha uma ezocobelela ulwazi kokuthile eluswa ngumfana wendawo uNgema. Thina naye siyazi ukuthi lezi zintaba zakwaNongoma zamenzelani ngokomphefumulo, umqondo nasekwakheni umndeni nempilo eyisibonelo. Nifike ngesikhathi esimqoka lapho umphakathi, lowo ongabalandeli beChiefs kanye n e zika n o bhu t shu z wayo ukhungethwe ngokukhulu okuwukhuvethe. Leso simo sifike kungazelelwe, futhi sadlavuza izinhlelo kanjalo nomnotho nempilo yabantu. Yize singasho ukuthi kwezinye izindawo kungcono, kepha emakhaya umonakalo mkhulu futhi izibazi zalokhu zisazobonakala.
Ngithokoze kakhulu uma ekuhleleni kwenu nenze lokhu okwabe kwenziwa ngumsunguli weqembu nabaphathi eminyakeni eyedlule, lokhu kokuqala eNdlunkulu kanye nokusebenzisana noBukhosi. Akuqali lokhu futhi ngiyazi ukuthi kusazoqhubeka. Isifundo kulokhu wukuthi ubungani kuba wubungani kukuhle noma kukubi. Isenzo senu sokuhambisana noBukhosi ekuhlinzekeni imindeni ethintekile singubuntu esabe sikwazi ngoKaizer kanye neqembu.
Ngiyazi ukuthi njengoba njengeNkosi ngijabule ngalesi senzo noNgema lapho ekhona ujabule ngoba iKaizer Chiefs ayiwulibalanga uNongoma kanti noShintsha Guluva akalibalanga yikwabo okuyiNdlunkulu kaZulu.
Ngithe ngiqala inkulumo yami ngathi umsunguli weqembu neqembu qobo benza umnikelo hhayi kuphela enhlalakahleni yabantu kepha nesimomqondo sabo. Ngesikhathi sokhuvethe sizokudinga lokhu kokubili, okuyinhlalakahle yabantu kanye nokulungiswa kwesimomqondo. Lokhu enizokwenza lapha nalokho okwenziwa nguHulumeni waseNingizimu Afrika namanye amabhizinisi kuleli kuwukuqinisekisa inhlalakahle. Siyazi akulula mhlawumbe futhi ngenxa yesidingo akwanele. Kepha kuhle futhi kuzoba nomthelela omuhle kubantu abaningi.
Osekumele sigxile kukho yisimomqondo ngoba kusuke kukukhulu okonakela kubantu okuthi kuliwa nobumba noma kubhekwene nenhlekelele bese phakathi kwabo kuvumbuka izinswelaboya. Lolu hlobo lwabantu engikhuluma ngalo okuyizinswelaboya yibo laba abangagcini nje ngokuthungela ngomlilo izinkundla uma kukhona okungahambi kahle kepha manje sebengene izikole.
Ngempela ngesinjani isiwula okuthi uma sikhala ngokungabi bikho kwendlu yangasese bese siyothungela ngomlilo isikole noma umtapo wolwazi? Ezweni elinjengeNingizimu Afrika kuthiwa imali izovelaphi yokuhlinzekela abantu ngezikhathi zenhlekelele kanye naleyo yokwakha kabusha ingqalasizinda ecekelwe phansi ngabomu?
Impela ngabe asibona abaholi abaqotho kuyo yonke imikhakha uma singababazi lo mkhuba wokubhubhisa izikole nempahla nje jikelele.
Ngiyazi ukuthi njengoba ngonyaka ozayo kungahle kuyiwe okhethweni loHulumeni Bendawo, sikhona isandla esihlela ukwenza umonakalo.
NjengeNkosi yenu ngithi iKaizer Chiefs ayingibambise ekubeni yihawu lesizwe ekuhlaselweni ngamathimboxo nezinswelaboya onhloso yazo kuwukubhubhisa.
Kanti nakuHulumeni engiwuncoma kakhulu emizanweni yawo yokuzama ukugwema obekungaba yinhlekelele enkulukazi, ngithi lesi sikhathi asibe yisikhathi sokusondelana nezinhlaka zoBukhosi ngoba ngalokho sonke singazikaka izinswelaboya namathimboxo lawa.
Kubantu bakababa nabasabalele umhlaba wonke, ikakhulukazi labo abaseNingizimu Afrika ngithi yenzani enidume ngakho, yibani yisixazululo. UZulu lo engiyinhloko yawo selokhu kwathi nhlo, utholakala lapho kuqhamuka khona isixazululo. Njengoba saba yisixazululo ngezikhathi zombangazwe nangaphansi kwedemokhrasi singaba yisixazululo. Nangesikhathi sokhuvethe singaba yisixazululo.
Konke lokhu kuqala ekulaleleni nasekuhlonipheni ubuholi. Nina niyingxenye yebutho elikhulu eliyiNingizimu Afrika. Leli butho linabaholi nokumele balalelwe futhi bahlonishwe uma beqhamuka nemiyalelo ehlose ukuvikela impilo. Yebo kuyenzeka kube khona okungakhonondisa amalungu ebutho, kepha lokho akusho ukuthi akubulawe ibutho noma imithetho yalo.
Ngithi-ke Zulu yibani sekhaleni lokwakha, lokuvikela nokutshala ithemba ezikhathini zokhuvethe. Kulabo asebe negciwane okuhle wukuthi akuphelile ngabo bangaphila futhi size siphele isifo lesi uma nje belalele imiyalelo yodokotela.
Kubaphathi beKaizer Chiefs ngiyanijuba ukuthi nidlulise lo mlayezo wami kubalandeli benu kanye nabebhola jikelele. Kwenzeni lokhu ngoba kumqoka ukuthi uma selibuya ibhola bonke abalandeli babuye nabo bephephile beyingxenye yokujabula.
Sengiphetha
Ngiyafisa ukukhuluma ngqo ngokukhethekile noHulumeni wami waseNingizimu Afrika. Ngiyafisa ukuwutusa ngombono omuhle wokugwema inhlekelele ngesikhathi uthatha isinqumo esikathini esingangenyanga ukuvala izwe. Okusobala nesikubonayo wukuthi isenzo senu yize sasingeke siqede isifo kepha sakwazi ukunika isikhathi sokuba njengezwe sizihlele kangcono. Noma siyakhuluma kungenxa yesinqumo senu. Ngiyafisa nokubonga kubantu baseNingizimu Afrika okuthe kungashaywa ikhwelo iningi lalalela.
Sengikushilo lokho ngiyafisa ukugcizelela ukuthi ikhambi alikatholakali, omubi usachanasa ngakho kuhle singehlisi izihlangu zethu zokuzivikela ngoba esisakunqobile yingxenye nje, impi uqobo lwayo asikayinqobi.
Okuzosisiza lapha wubunye nokuhloniphana. Abantu abamhloniphe uHulumeni ikakhulukazi imiyalelo ezokwenza baphile. Kanjalo noHulumeni akabahloniphe abantu azi ukuthi okwenzeka kubo akwejwayelekile, kuyaphazamisa futhi kuyethusa ngakho uma ngesinye isikhathi kusengathi abahleli kahle kusuke kuwukwethuka nje.
Ngala magama kwabeKaizer Chiefs, ngithi umuntu ngumuntu ngabantu.
UShintsha Guluva wasizakala lapha ekhaya wathola abafowabo nabangani namuhla uzobuyisela okuhle kubantu abathatha ngokuthi ngabakwabo, ngalokho Siyabonga.