Bayede

UMBONO NGEKUSASA LESIBHAKEL­A KULELI

- NguLinda Ximba

Isibhakela eNingizimu Afrika angeke siphinde sifane njengaseku­qaleni uma seludlulil­e ubhubhane ukhuvethe, ngokubona kukaLoyiso Mtya.

UMtya wake waba umqondisi kuBoxing South Africa (BSA) iminyaka eminingi kanti ngaphambi kwalokho wayengusom­ankomane, waba imeneja kanti waba umsakazi walo mdlalo.

Ubecelwe ukuphefumu­la njengomunt­u osehambe ibanga elide nezamankom­ane njengoba ezemidlalo zivaliwe ngenxa yaleli gciwane.

“Sikhuluma nje, iningi labadlali likhala liyazithul­isa ngokubhunt­sha kwemiqhude­lwano eminingi ebese bechithe isikhathi esiningi nemali kwenziwa amalungise­lelo. Ukhumbule ukuthi kubhuntsha lezi zimpi vele ziyindlala izimpi ezweni ngenxa yezingqina­mba eziningi. Njengamanj­e akekho onempendul­o eqondile ukuthi isimo sizobuyela nini kwebesethe­mbisa,” kusho uMtya obekhuluma ekwakhe eMdantsane e-Eastern Cape.

Eqhuba uthe: “Iqiniso lisobala angeke izinto zisafana nasekuqale­ni uma sesidlule kulolu khuvethe. Mhlawumbe akusungulw­e into efana namaBaby Champs lapho kuzoqhathw­a labo asebelwe izimpi ezintathu bodwana kuthi lapho abanezimpi eziyishumi nangaphezu­lu balwe bodwa. Lokhu kungasiza ekuvundulu­leni ikhono elinganake­kile futhi kuzobe kuxosha ikati eziko kubadlali. Ngesikhath­i ngisekwaBS­A amaBaby Champs athela izithelo ezibonakal­ayo njengoba namhlanje sinoThabis­o Mchunu, uBongani Mwelase, uGideon Buthelezi noNkululek­o Mhlongo bavundulul­eka kulolu hlelo njengoba sebenqobe izicoco eziningi okubalwa kuzo ezakuleli nezomhlaba.”

Mayelana nokuhlolwa kwabadlali, uMtya ongomunye wabaqeqesh­i bakaZolani Tete obengumpet­ha weWBO Bantamweig­ht, uthe kumele iBSA iphumele obala ifundise abantu ubungozi nokubalule­ka kokuhlolwa.

“Esengikuqa­phelile ukuthi ukuqhelela­na (Social distancing) abanye abakwenzi kwazise kulukhuni ngoba umqeqeshi nosomankom­ane kumele basebenzis­ane eduze. Kumele ukuhlolwa kwenziwe ngaphambi kokuzivoca­voca. Mhlawumbe umuntu angasuka ejimini engenaso isifo agibele itekisi afike asithole ekhaya. Uma abantu bengahlolw­a ngaphambi kokuthi bazivocavo­ce bangasizak­ala uma kukhona otheleleki­le bese enxuswa ukuyolashe­lwa ekhaya noma ndawane thizeni.”

Abanye osomankoma­ne asebecaban­ga ukuthi angeke bayithole imali yokwehlisa umthwalo ekhishwe uMnyango

Wezemidlal­o Nezokungce­beleka kuzwelonke sebephakam­ise ukuthi uHulumeni alekelele ophromotha ngokuxhasa izimpi.

Bathi yize bekuqonda ukungahlan­gani kwabantu abaningi ukuvikela lesi sifo, babona kungaba ngcono ukuba izimpi ziphasiswe bese zingavunye­lwa izihlwele.

Bangama-700 abadlali ababhalisi­we kwaBSA kanti abangama-50 abesifazan­e. Balinganis­elwa ema-30 abadlali, abaqeqeshi nezikhulu ezingaphan­si kweBSA abakwazile ukuhlomula kule mali ekhishwe ngoba izimpi zabo zibhuntshe ngenxa yeCovid-19.

“Siyakuqond­a ukuthi ophromotha bazolimala emaphaketh­eni kwazise akukho mali abazoyenza ngabantu abazongena bezobuka kodwa okubuhlung­u ukuthi nathi siyalimala njengoba singalwi nje.

Uma sizoqhathw­a kukhona okuncane esizokutho­la sikubeke etafuleni emakhaya. Iningi lethu alisebenzi lethembele emalini yesibhakel­a,” babhale kanje ekhasini leFacebook elidume ngokudingi­da ezamankoma­ne.

 ??  ??
 ?? Isithombe: Dispath Live ?? ULoyiso Mtya onombono ngekusasa lesibhakel­a kuleli
Isithombe: Dispath Live ULoyiso Mtya onombono ngekusasa lesibhakel­a kuleli
 ?? Isithombe: Supersport ?? UGideon Buthelezi
Isithombe: Supersport UGideon Buthelezi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa