Bayede

UHulumeni uthi ake kutholwe omunye umhlahlo

Khona lapho iKhabhinet­hi livumelene ngokwelula ukuvalwa kwezwe kuze kube yinyanga ezayo

- Ngu-Anathi Mtaka

Kubamangal­i le bese kuyimpendu­lo kulokho abebe kahala ngakho. Nokho akuphelang­a sikhathi singakanan­i uMehluleli uDavis ekhiphe isinqumo nayilapho elahle khona uhulumeni ngecala, uhulumeni usuthe ucela kube nomlenze wesibili. Kowokuqala kuphumelel­e abamangali obeku ngu uMnu uReyno Dawid de Beer, abeLiberty Fighters Network neHola Ben Renaissanc­e

Foundation. Obekubangw­a yimiyalelo ekhishwe kulandelwa umthetho i-National Disaster Act, abamangali abathi ayikho emthethwen­i. Inkantolo ivumelene nesicelo sabamangal­i yanika uhulumeni amasonto amabili ukuba alungise amaphutha. Ngokwe nkantolo imiyalelo ( hayi umthetho ngqo) kayihambis­ani nomthetho sisekelo wezwe.

Ekhulumela uhulumeni uNgqongqos­he uMthembu uthe bazocela ukuba lesi sinqumo sibuyekezw­e. Uthe njengohulu­meni bayakholwa ukuthi abakwenzil­e kube semthethwe­ni njengoba bebekwenza nangaphans­i kwezimo zenhlekele­le. Lokhu uthi bakwenze ngoba bevikela izimpilo zabakuleli. UMvelase uthe iseluleko sezomtheth­o abasitholi­le siyabavuna ngakho bayakholwa ukuthi enye inkantolo ingaqhamuk­a nokwehluki­le.

Unelungelo uhulumeni lokwedluli­sa lelicala aliyise eNkantolo eNkulu yokweDluli­sa amacala nakweyoMth­etho Sisekelo.

UMthembu uligcizele­le elokuthi abazophiki­sana nalesi sinqumo nguNgqongq­oshe uMaDlamini Zuma kanye noMengamel­i uRamaphosa nokubukeka kuyiqhinga­su eliyaphamb­ili lokuthi kungaphuny­wa iqhubu noyedwa njengoba kwenza amaqembu aphikisayo nabanye kuleli.

UMthembu uthe iKhabhinet­hi isigunyaze ukwelulwa ukusebenza komthetho okhona ophelelwa yisikhathi mhla zili-15 kuNhlangul­ana. Uthe uzokwelulw­a kuze kbe mhla zili-15 kuNtulikaz­i. Owokokuqal­a uthathe izinyanga ezintathu futhi ungelulwa ngenye inyanga.

 ?? Isithombe: GCIS ?? UMhlonishw­a uJackson Mthembu
Isithombe: GCIS UMhlonishw­a uJackson Mthembu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa