Inja emnyama isadonswa ngeketanga nanamuhla
E-USA aboHlanga babukelwa phansi ngokwenhlabathi NaseNingizimu Afrika yiso leso
“OwoHlanga owayecatshangwa waye nesibindi, esulekile, eyisidlakela, eyiqhawe. Wayehlukile ngokwesayensi kodwa elingana nabanye, eliqili ngokungejwayelekile kodwa enamandla. Kwafika ukuhweba ngezigqila waguquka masinya waba yinhlekisa eyaphela nje emehlweni. Waqubuka kancane ngowe-1830 njengesilukuluku esiyisigqila, ofanelwe okwezinja, onenkoleloze nongakwazi ukufunda. Wathathwa njengalowo ongafanele ukuba yingxenye yensali ohlelweni lukaDarwin. Ubuntu nenkolo akuzange kungene ebuchosheni bakhe enokuziphatha okungalindelekile. Eminyakeni eyinkulungwane? Mhlawumbe, kodwa okwamanje.” Lawa ngamanye amagama abuhlungu alanda ngomlando waboHlanga ngokusho kukaDkt uWilliam Edward Burghardt Du Bois esethulweni sakhe esabe sithi: The Gift of Black Folk, the Negroes in the Making of America. Lo mholi waboHlanga e-USA wayengungoti kwezenhlalo, usomlando, isishoshovu samalungelo. UDu Bois nesizukulwane sakhe babe semkhankasweni wokugqabula amaketango ayebophe aboHlanga e-USA nasemhlabeni jikelele.
Kanti omunye waboHlanga owayengumbhali, intatheli, udokotela isosha uMnu uMartin Robinson Delany wadweba isithombe esingumunyu ngaboHlanga e-USA:
“AboHlanga abakaziwa ngisho nangabangani babo abayizifundiswa zabamhlophe base-USA ngezizathu osopolitiki nabezenkolo abahlala ngezikhathi ezahlukene, becabangela, betshela, futhi bazi kangcono okufanele abebala ngaphezu kokuzazi bona luqobo…” kusho uDelany.
Ebhukwini lakhe elisihloko sithi: The Ties That Bind; AfricanAmerican Conssciousness of Africa, uSomlando uSolwazi uBernard Makhosezwe Magubane uthi okwenzeka kwaboHlanga e-USA kuyefana nalokho okwenzeka kwaboHlanga kuleli.
“Ulwazi lwaboHlanga oluqoqiwe ekuthuthukiseni umnotho nasekwakhiweni kwenhlalo yezindawo zokuhlala ezimbili. Izinsika zobungxiwankulu zase-USA naseNingizimu Afrika zimbelwe ekuxhaphazeni izikhwepha zaboHlanga,” kubhala uNkomose.
Le mibhalo neminye yabe phakathi kokunye ichaza, ifundisa futhi yexwayisa aboHlanga ngenkinga ababhekene nayo. Neyabe ihlanganiswa ukucwaswa, ukuxhashazwa nokucindezelwa ngokomqondo nomnotho.
Namuhla emuva kweminyaka aboHlanga e-USA bathola ilungelo lokuzibiza ngezakhamizi zakuleliya zwe okuthiwa ngolobisi nezinyosi, lapho nabo sebekwazi ukumeleleka ngisho ehhovisi elikhulu njengoba sebeze baba nomunye wabo njengomengameli, uMengameli u-Obama. Konke lokhu akuliqhelisanga unya olubhekiswe kulo yilabo ababengabagqilazi babo.
Muva nje ukufa kukaMnu uGeorge Floyd obeyisakhamuzi saseMinneapolis ezandleni zamaphoyisa okungoMnu uDerek Chauvin ovela njengomuntu owayemcindezela entanyeni nayesebenza nabo ngalolo suku okungoMnu uJ. Alexander Kueng, uMnu uThomas Lane kanye noMnu uTou Thao.
Lokhu kubulawa kukaFlyod kuvuse umunyu cishe kulo lonke izwe nokwenze abantu badela ukubulwa wukhuvethe bangena emigwaqeni nokwenze kwanodlame, kwabujiswa ingqalasizinda nezithuthi zamaphoyisa kwaboshwa inqwaba. KwaboHlanga lokhu akuqali njengoba sekwamukelekile ukuthi uma ungowesilisa woHlanga usengozini yokufa uma uke wanqwamana nephoyisa, akukhathaleki noma kusebusuku noma kusemini kabha.
Izibalo ezingakapheleli ziveza ukuthi kuleminyaka ambalwa sebebalelwa kuma-95 aboHlanga asebebe yizisulu zesihluku samaphoyisa nabagcina ngokufa. Muva nje zikhona izigameko ezinyakazise izwe. Ngowezi-2014 kubalwe ibhungu elineminyaka eli-18, uMnu uMichael Brown. Wafa ngokudutshulwa yiphoyisa eMissouri nokwaholela embhikishweni wezakhamuzi zaseFerguson okwaphoqa ukuthi abezomthetho bendawo babeke isikhathi sewashi sokuthi abantu bagoduke noma babe sezindlini ngazo njengoba kwenzeka kwimibhikisho yalelisonto. Kuleli cala impendulo eyaphuma enkantolo yabeka ngokuthi umbulali uMnu uDarren Wilson wadubule ngoba ezivikela hayyi ngenhloso.
Lokhu kubulawa kwaboHlanga akukhethi minyaka ngoba ngawo lowo nyaka (2014) ngoLwezi kwabulawa umfana oneminyaka eli-12 uTamir Rice. Ufa nje lo mfana ngoba wayephethe
wayephethe isibhamu esiyithoyizi. Nalokhu kwanyakazisa izwe njengoba kwaba nemibhikisho eCleveland. Kwalandela ukubulawa kukaMnu u-Eric Garner emuva kokuklinywa iphoyisa ngezinsolo zokuthi wayedayisa ugwayi owawungekho emthethweni. Ukubulawa kukaMnu uGraner kwaphuma nempendulo enkantolo ethi amaphoyisa awanacala kodwa ukuhlolwa kwesidumbu kwaveza ukuthi ukushona kukaGrarner kwabangelwa ukucindezelwa kwentamo, ukucindezeleka kwesifuba okwadalwa ngamaphoyisa. Le mpendulo yenkantolo yaholela emibhikishweni engama-50 ezweni. Okwakamuva kubukeka kuzoshabalalisa amathemba kaMengameli uTrump okuthola ivoti laboHlanga nalabo abazwelana nabo njengoba sekubonakale ukuthi umi ngasohlangothini lwabathile. Lokhu kwenza kube nenkulumompikiswano mayelana nemikhankaso yokhetho oluzayo njengoba izwe selivele lehlukene phakathi. Ngasohlangothi lweqembu eliphikisayo amaDemocrats, uMnu uJoseph Robinette Biden Jr, kubukeka izoba khona inkinga njengoba abamqokile ukuthi amelane noTrump ebukeka engeke akwazi ukumelana nomsindo okhona.
AboHlanga e-USA kabaviki kuphela amaphoyisa kepha nezimo zempilo nomnotho ziyinkinga. Izibalo zakamuva nje ngokhuvethe ziveze ukuthi yibo abasengozini, nalapha umlando wokucwasa awusali ngaphandle.
Embhalweni wakhe wakamuva othi: “The Black Plague,” uSolwazi uKeeagaYamahtta Taylor uthe: “Ubuhlanga buyisithunzi sobugqila base-USA osekuqede cishe konke okungamathuba aboHlanga base-USA. AboHlanga bayahlupheka, abaxhashazwa ngokuqashwa, ababekwa ezindlini ezingamaxhokovane futhi banikwe ezempilo ezingekho ezingeni ngenxa nje yobuhlanga. Lezi zinto zichaza ukuthi kungani aboHlanga base-USA abangaphezu kwama-60% betholakala benesifo sikashukela kunabamhlophe. Kanjalo abesifazane boHlanga bangangenwa yisifo somfutho ophezulu wegazi ngokungaphezulu kwama-60% kuqhathaniswa nabamhlophe. Lokhu kungalingani kwezempilo kuyizinkomba zokungalingani ngokwempilo nangokuhlaliswa ezindlini.”
NaboHlanga ngabantu
Izehlo zokucwaswa kwaboHlanga cishe kuwo wonke amagumbi amane omhlaba akuyona into entsha. Umlando walokhu ukhona kuwo wonke amazwe, amadolobha nemiphakathi. Umzabalazo waboHlanga kuzo zonke lezi zindawo uhlale ungokucwaswa nokuxhashazwa ngokomnotho.
Lokhu kuholela ekwakhiweni kwezinhlangano ezimele aboHlanga nalezo eziqhakambisa usizi lwabo. E-USA inhlangano iBlack Lives Matter iyinhlangano yamalungelo abantu esungulwe ngaboHlanga baseUSA ekhankasela ukuthi kungabi nadlame nabandlululo olubhekiswe kwaboHlanga.
NaseNingizimu Afrika yize sekwatholwa inkululeko yokuvota aboHlanga okuyibo abaliningi basakhala ngokucindezelwa ngandlela thize, nabathi ihlelilwe. Njengase-USA amabhange awabanike thuba njengoba iningi labo lingakwazi ukuboleka imali. Uma kufikwa emnothweni akuyona imfihlo ukuthi aboHlanga basekude le kunalabo ababezuza ngezikhathi zobandlululo. owayenguMengameli wezwe uMbeki eminyakeni eyedlule ubalise ngeNingizimu Afrika:
“INingizimu Afrika yizwe elihlukaniseke kabili ngokwezizwe; kukhona abamhlophe abanenqubekela phambili kanye naboHlanga abahluphekayo abaphila ngaphansi kwezimo ezingathuthukile. Kunesizwe esimhlophe esithuthukile sanoma yibuphi ubulili noma yindawo veli sithola umnotho, indawo, imfundo nenye ingqalasizinda okuthuthukisiwe.” Kodwa isizwe sesibili okuyisona sisikhulu eNingizimu Afrika ngaboHlanga abahluphekayo, abathinteke kakhulu abasifazane ezindaweni zasemakhaya
kanye nalabo abakhubazekile, kwasho uMbeki.
“Futhi lesi sizwe siphila esimweni esingathuthukile ngokomnotho, okwendawo, okwemfundo, okokuxhumana nangokwesizinda. Akukho nje ukuthi ungenza okuthile okubambekayo okuhambisana namalungelo okukhulunywa ngawo ngoba ilungelo elihona kwaboHlanga lihambisa nethuba elikhona phambi kwabo njengesizwe saboHlanga okungeke kubenzele lutho. Lokhu kuba khona kwezizwe kuqinisekiswa ukuqhubezeleka kokungalingani ngobuhlanga, ngobulili nangokwendawo osekwenzeke isikhathi eside kusukela ngezikhathi zobukoloni nezobandlululo lapho abamhlophe abayingcosana beqhoqhobala okusemqoka okuphathekayo okuqinisa khona ukuthi asisona isizwe kodwa siyizizwe ezimbili,” kubeka uMzizi.
Ngokwenzeka e-USA kulezi zinsuku akudingi ukuthi uze ube yisazi ukwamukela ukuthi nalapha eNingizimu Afrika isimo siyefana, nokuthi uma kungalungiswa kungekudala lelizwe lizovuthiswa ngabantu abathi bazibona bengelutho ezweni abathi ngelapbo.