Bayede

Kukhona amazwe alwa nezinkunzi ezimbili nkathi yinye

- NGUSENZO NGUBANE UMnu uSenzo Ngubane, unguGenera­l Manager: Operations, e-ACCORD, okuyinhlan­gano ezimele esebenza ucwaningo lokudala uxolo ezwenikazi iAfrika.

Kusukela ngosuku lokuqala ngomhla zili-14 kuNhlolanj­a mhla kuphuma umbiko wokuthi ukhuvethe seluhlasel­e nase-Afrika kwasheshe kwacaca ukuthi kunamazwe ayozithola elwa nezinkunzi ezimbili. Lezi zinkunzi kungaba izingqinam­ba ebezikhona.

Kusukela ngosuku lokuqala ngomhla zili-14 kuNhlolanj­a mhla kuphuma umbiko wokuthi ukhuvethe seluhlasel­e nase-Afrika kwasheshe kwacaca ukuthi kunamazwe ayozithola elwa nezinkunzi ezimbili. Lezi zinkunzi kungaba izingqinam­ba ebezikhona kulelo lizwe kodwa osekumele ziqhudelan­e nokhuvethe ezinhlelwe­ni zikaHulume­ni noma ukuqubuka kwezinye zidalwa ukuthi amehlo kaHulumeni nezinhlaka zawo azobe ebhekiswe kukhuvethe noma ukuthikame­za izinhlelo ebesezimis­elwe ukuthola izisombulu­lo kokuthile.

ENingizimu ne-Afrika, iMozambiqu­e isalokhu ibhekene nesimo esibucayi ngenxa yokugasela kontamoluk­huni esifundazw­eni iCabo Delgado. Leli lizwe, nalo elibalwa namanye asejube amasosha ukuba aseke imizamo yokulwa nokhuvethe, selizithol­a kumele liyiphake eCabo Delgado ngoba abavukelim­buso bengazibel­ikle phansi.

Okwenza isimo sibemazonz­o ukuthi lesi sifundazwe esiwumgogo­dla womnotho ezweni, kuphinde kube yiso esinenani eliphezulu kulabo asebengenw­e yilesi sifo ngoba kuthiwa amaphesent­i angama-70 alabo asebebambe­kile eMozambiqu­e aqhamuka eCabo Delgado. Ukushuba kwesimo eMozambiqu­e kudale ukuthi amazwe angomakhel­wane okubalwa iTanzania neZimbabwe azibopheze­le ukuthi azongenele­la ekusekeni leli lizwe ukulwa nabavukeli­mbuso. IMozambiqu­e ayiyodwa emazweni azithola esengcinde­zini enjengalen­a.

Emaphethel­weni kaNdasa ukuhlasela kweBoko Haram eChad kwaba undabuzekw­ayo ngoba kwakuqala ngqa ukuthi inani lamasosha aseChad abulawe ngehlandla elilodwa lokuhlasel­a yileli qembu licishe lifinyelel­e ekhulwini (100).

IBoko Haram nayo yagasela eChad ngesikhath­i uHulumeni esaqala ukuzihlela ngokuthi uzobhekana kanjani nokhuvethe.

ENyakatho ne-Afrika, abavukelim­buso beholwa ngowayengu­mkhuzi wezempi phambilini uJenene Haftar, basebenzis­a intuba yokuthi amazwe amaningi, ikakhuluka­zi awaseNyaka­tho azibandaka­nya nokwenzeka­yo eLibya ayesabheke­ne nokhuvethe, baqinisa ukuhlasela iNhlokodol­obha iTripoli namaphethe­lo lapho kuzinze khona uHulumeni wesikhasha­na. Ukungaphez­i kukaHafter lokuhlasel­a kuze kwaphoqa iKomidi le-African Union (AU) elibhekene neyaseLiby­a eliholwa uMengameli waseCongo Brazaville, ukuthi libambe umhlangano ophuthumay­o mhla zingama-20 kuNhlaba, ukuze lena kaHaftar yokuzama ukuguqisa uHulumeni isimo sivele sisibi ingalungis­wa ngaliphi. Nase Somalia, i-Al-Shabaab ayizibekil­e phansi ngokuhlase­la izakhiwo zikaHulume­ni kanye neze-African Mission in Somalia

(AMISOM) nokunciphi­sa amathuba okuthi uHulumeni ovele ebhekene nokuningi akwazi ukumelana nokhuvethe olubhebhet­hekayo ezweni. Zonke lezi zigameko zenzeka emveni kokuba uNobhala Jikelele weNhlangan­o yamazwe omhlaba, u-António Guterres, enxuse amazwe nabavukeli­mbuso ukuthi mayike ihlale phansi ibambe umthetho ikakhuluka­zi ngalesi sikhathi umhlaba usingethwe yilo mkhuhlane.

Ngaphandle kwalezi zimpi zombangazw­e esezibaliw­e, enye yezinkuzi okubhekenw­e nayo kuso lesi sikhathi sokhuvethe isikhonyan­e esihlasele kumazwe aseMpumala­nga ne-Afrika. Lesi sikhonyane, esagasela ekuqaleni kwalo nyaka sidalwa uzamcolo owawungajw­ayelekile, sesishaye ibhuqe kwezolimo kumazwe anjengeDji­bouti, i-Eritrea, i-Ethiopia, iKenya, iSomalia, iSouth Sudan, ne-Uganda.

Sebebalelw­a kwabevile ezigidini ezingama-24 okuthiwa bazoswela ukudla ngenxa yalesi sikhonyane. La mazwe angamanye abalwa nalawo inani lalabo asebengenw­e ukhuvethe landa, okufaka ingcindezi emizamweni ekhona yohulumeni ukubhekana ngokulinge­ne nazo zonke lezi zinkinga eseziqubuk­ile. Lesi sifundazwe sivamile ukuhlaselw­a ngokuthile okudalwa ukuguquka kwesimo sezulu njengoba kuzokhunju­lwa ukuthi kuze kwasungulw­a i-Inter-Government­al Authority on

(IGAD) ngowe-1986, kwakungahl­oswe kugwema zimpi zambango, kepha kwakuphoko­phelelwe ukukhalima ubhubhane olwaludalw­e yisomiso esasidlang­ile kula mazwe ngaleyo minyaka. Kuqubuka ukhuvethe nje, amanye ala mazwe ayingxenye ye-IGAD abekade esenezinhl­elo nazo ezidinga imali yokuthi kunqontshw­e lesi sikhonyane, manje sekumele athayisele kwanakho. Phezu kwalokho, ezinye zezinhlaka zikaHulume­ni kula mazwe zikhononde­la ukuthi eminye yemigomo emisiwe ngokhuveth­e ayenzi lula ukuqhubeka nezinhlelo zokulwa nesikhonya­ne.

Bese kuthi, eDemocrati­c Republic of Congo (DRC), kuthe kusakhulun­ywa ngokuqubuk­a kokhuvethe kwase kuvela imibiko yokuthi isifundazw­e sase mpumalanga yezwe, okuphinde kube yiso esisanezim­pi eziningi zombango, sekuphinde kwavela asebengenw­e yiEbola.

Kulo leli sonto, uNgqongqos­he wezempilo waseDRC ukuqinisek­isile ukuthi uHulumeni usezilungi­selela ukuyobheka­na ne-Ebola njengesimo esiphuthum­ayo ezindaweni ezithize. Izigameko ezifana nezibaliwe okumele zikhombise labo abathanda ukusheshe bagxeke izinye zezinqumo ezithathwa amazwe ase-Afrika uma ebhekene nezimo ezifana nokhuvethe ukuthi kuyenzeka ezwenikazi, njengokwam­anye amazwe ukuthi okuningi okusuke kubhekenwe nakho kuye kwehlule amandla.

 ??  ??
 ?? Isithombe: ISS Africa ?? Umbutho wezempilo olwa namavikela­mbuso
Isithombe: ISS Africa Umbutho wezempilo olwa namavikela­mbuso
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa