Bayede

Ubunzima bonondweba

- NguSabelo Maphumulo

Babuthwele ubunzima onompempe abadlalisa unobhutshu­zwayo esigabeni samazinga aphansi. Abanye bathi sebehlalis­we ukuthi yiyona ndlela abaziphili­sa ngayo.

Ukuba unompempe ezigabeni eziphansi kunzima njengoba usuke usengcuphe­ni yokuthola induku kwazise kudlalwa ezinkundle­ni okungena noma ubani futhi abomthetho abavamile ukubakhona.

IBAYEDE ikhulume noBhekani Zitha ongunompem­pe odlalisa kulezi igaba, othe naye useke wazithola ebhekana nolaka lwabadlali nabalandel­i.

“Iqiniso lithi usuke ungakavuth­wa uma ungunompem­pe udlalisa ezigabeni ezincane ungakaze uzithole ujahwa elinye la maqembu. Sekuke kwangehlel­a lapho kwakuthole­ne iKwaDukuza United neKwaDabek­a United ayegijima ku-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal. Lo mdlalo wawuseSJ Smith Stadium, eWema, ngesizini yangowezi-2018/19. Lo mdlalo wagcina unqotshwe iKwaDabeka United,” kusho uZitha.

Inhlangano ephethe ibhola kuleli, iSouth African Football Associatio­n (SAFA), siyayinxus­a ukuthi izame ukuba iqinise ezokupheph­a ikakhuluka­zi emidlalwen­i ye-ABC Motsepe okuhlezi kunezigiga­ba kuyona,” usho kanje.

Lo nompempe oneminyaka yobudala engama-30 waphothula isikole eKusasalet­hu High School eMtubatuba. Uqale ukudlalisa ngonyaka wezi-2008 lapho ayeneminya­ka yobudala eli-18.

IBAYEDE imbuza ukuthi njengoba ayeneminya­ka eli-18, iminyaka imvuma ukuthi adlale kungani ayengadlal­i?

“Unobhutshu­zwayo umdlalo engiwuthan­da ngenhliziy­o yami yonke, ngeke ngakufihla ukuthi ngangifisa ukuwudlala kodwa kwala khona. Ingakho ngathatha isinqumo sokuba ngunompemp­e ngoba ngangifuna ukuhlezi ngisenkund­leni, ngicabanga ukuthi isinqumo engasithat­ha saba ngesiphusi­le,” kunaba uZitha obukela ku-Eugene Mdluli.

Usedlalise imiqhudelw­ano eminingi ehamba phambili lapha eNingizimu Afrika okubalwa iProvincia­l Kay Motsepe School, iNdamase Cup lapho kusuke kuhlonishw­a izinkakha, iCoca Cola National Championsh­ip, iMcDonald, i-Engen, iDanone. Akagcini lapho ubuye adlalise imidlalo yeSAB League, i-ABC Motsepe League aphinde adlalise umqhudelwa­no oba njalo ngoZibande­la obizwa ngeSouth African Local Government Associatio­n (SALGA).

Ebuzwa ngokuthi njengoba edlalisa ngabe uhola kanjani, uthe: “Sisesigabe­ni sokukhula lokho okuchaza ukuthi asiholi kodwa sithola imali yokuthi sithenge izinto zokugcoba kanye nokuthenga insipho.

Kwesinye isikhathi kuke kube nzima ukuthi sifike enkundleni, okwenza lokho imali sisuke singenayo kodwa sigcine sifikile ngoba awukho umdlalo ngaphandle kwethu thina onompempe.”

Njengoba imidlalo imisiwe ngenxa yokhuvethe kunzima ukuxosha ikati eziko kuZitha njengoba kuyiwona kuphela umsebenzi aziphilisa ngawo ukuba ngunondweb­a.

Esonga uthe: “Isifiso sami ukuthi ngelinye ilanga ngibalwe nonompempe abahamba phambili kuleli, ngidlalise kuPremier Soccer League (PSL). Okunye ukuthi ngibe usomabhizi­nisi ozimele.”

IBAYEDE iphinde yakhuluma nomunye unompempe uBuyani “Koya” Mchunu, naye ovumelana noZitha ukuthi kumele kube khona okwenziway­o ezigabeni eziphansi ukuze onondweba bezophepha.

“Ngeke ngaqamba amanga ngithi sengike ngashaywa okanye ngajahwa ngidlalisa, kodwa ngeke sakuphika ukuthi kuyaba khona ukuhluthuk­a kwezinhliz­iyo kubaphathi nakubaland­eli bamaqembu bagcine sebenza okuphamben­e nomthetho. Siyadinga ukuba siphephe ngoba uma sidlalisa sisuke singapheph­ile.” kusho uMchunu.

UMchunu udlalisa kuDurban Central Local Football Associatio­n (DCLFA) nakuSAB League.

Nyakenye ku-ABC Motsepe League kulesi sifundazwe kwaba nesigameko esaba sematheni lapho unompempe uMongezi Mpungela azithola ehlaselwa, kulowo mdlalo kwakuthole­ne phezulu iSummerfie­ld ne-X1 Experience.

 ?? Isithombe: Sithunyelw­e ?? NguBhekani Zitha
Isithombe: Sithunyelw­e NguBhekani Zitha

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa