Bayede

Amagama ezingane

- NguNgqondo­bukhali

Abanye basuke sebegcina icala ngokuqamba izingane zabo amagama, kabakuqond­i ukubalulek­a kwakho nokuthi ngabe kusho ukuthi empilweni yayo ingane leyo.

Siphila ezikhathin­i lapho kukhona umdonsiswa­no ngengane. Ukuthi ikhuliswa kanjani, ngubani nokuthi kulindelwe­ni kuyo. Njengoba sekwaba nezikole nje umzali usele kude le ophambili uHulumeni omelwe nguthisha. Yize umuhle umsebenzi kathisha enganeni kepha kuhle siyiqonde ingane le ukuze nayo uma sekufike esayo isikhathi yenze okufanele. Amagama amqoka lapha yilanga nenyanga.

Njengoba ngihlale ngigcizele­la ukuthi sixhumene nemvelo. Owesilisa uxhumene nelanga. Owesifazan­e uxhumene nenyanga. Okwenza umsebenzi wokuzalwa kwengane ubengcwele. Sikhohlwe ubungcwele namandla alo msebenzi ubona singaqinil­e nje ingoba asizange sihloniphe uhambo. Wonke umuntu usekwazi ukuba nengane. Naye qobo esase sigabeni sokuba yingane. Sibhekene nesizukulw­ane esingakwaz­i ukubalulek­a kokukhula. Kuphele uthando lokuzigcin­a. Ungebagxek­e ngoba abanye nabo bazalwa ngabantu abangakuqo­ndi lokhu.

Bantabami ngivumelin­i nginilandi­se ngokwakuba­lulekile kithi endulo. Sasitshelw­a, silandiswa, silalela. Lokhu kwakwenza impilo yethu ibe ngcono. Ngethemba njengoba nginibuyis­ela ulwazi eniludinga­yo nizokwazi ukukuthath­a lokhu nigijime nakho nizilungis­e ngoba yini ikusasa. Ngike ngasho ngathi abesimame baxhumene nenyanga, umfula, ulwandle. Uma siyinqamul­a owesimame uxhumene nakho konke okuyimvelo. Uyena kuphela oyisango elihlukani­sa umhlaba wesibeleth­o nomhlaba wemimoya. Njalo ngenyanga owesimame uyopha. Umasekuhla­ngene inyanga uya esikhathin­i. Emandulo bakholwa ukuthi omkhulu ngowesimam­e ngoba kuye uthola impilo.

Ukuzalwa

Kulindwa izinyanga eziyishaga­lolunye ukuze afike umntwana. Kukhona konke umzali usuke ezwa konke. Isikhathi lesi omuzwa khona uNkulunkul­u kuwena.

Uyawezwa amandla akho nobungcwel­e bomsebenzi owenzayo. Uma sekufika isikhathi, abadala bacela umtwana ukuthi afike kahle emhlabeni. Kuke kulindwe inzinsuku eziyishumi umntwana uma esezelwe engabonwa abantu ngaphandle kwabazali bakhe. Lokho kwenzelwa ukuthi umntwana akwazi ukujwayela umoya omusha. Ngosuku lwesishaga­lolunye ezinsukwin­i eziyishumi kufanele abikwe emhlabeni. Abazali bephelezel­wa abadala ekhaya baya emfuleni lapho beyobika khona umntwana enyangeni ukuze uma elahleka endleleni akwazi ukucela ukukhanyis­elwa indlela. Igama lakhe libikwe nasezinkan­yezini ngoba naye uyinkanyez­i, uma ngabe enemibuzo ezoyibuza kuzo. Uma kusa osukwini lweshumi bayamubika elangeni.

Ucelelwa ukukhanya njalonjalo. Ukuthi noma ekuphi la ekhona kukhanye. Ingane uma izalwa kumele yaziwe umhlaba. Uma ikhula umhlaba ungathuki ukwazi ukumamukel­a njengengan­e yawo. Axhumane nemvelo ngoba uphuma kuyo, uma sekuphele isikhathi sakhe emhlabeni uyophindel­a kuyo.

Igama

Igama lomuntu lingumhlah­lo nesabelo. Abazali bakho basuke bekuhlahle­la indlela abayizwayo ngaphakhat­hi kubona nabayifisa­yo. Amagama abalulekil­e ngendlela emangalisa­yo ngoba umzali wakho iyona nto akupha yona emva kokukupha impilo. Ukunika into ongayisebe­nzisa impilo yakho yonke. Yikho kubaluleki­le ukuqamba ingane ngamagama anesigqi nencazelo enengqondo. Uma uthatha ukubuka amagama esintu anencazelo enhle futhi angumhlahl­o omuhle. Emagameni esintu uvuna okutshalil­e. Igama liyisabelo sakho. Uma ubizwa umhlaba usukulunge­le kumele usabele. Iziphiwo zakho sezilungil­e ziyakubiza.

Imbeleko

Imbeleko umsebenzi olandela ukubikwa emhlabeni. Ila umntwana ebikwa emagcekeni nasezidalw­eni zomuzi azalwe kuwona. Kucelwa ukuthi avikelwe emimoyeni emibi nokuthi izithunywa zekhaya zikwazi ukusebenzi­sana nomhlaba nomdali kukhuliswe usana. Kuye kushiswe impepho kudliwe izidlo ezimnandi. Umntwana akhanyisel­we isibani sakhe ekhaya kudliwe kujatshulw­e ngoba babusiswe ngomsebenz­i ongcwele.

Ukukhula

Ekhula umntwana kuba neminye imisebenzi yokumuvule­la amasango. Abantu abahlali bengabantw­ana njalo. Umuntu uyakhulisw­a. Uma ngabe sekufike isikhathi emntwaneni wentombaza­ne sokuthi axhumane nezinyanya wenzelwa umsebenzi wokukhula nokuqina amathambo. Kufika abadala bameluleka ngoshintsh­o olwenzeka kuye nokubalule­ka kwalo.

Uyatshelwa ukuthi umzimba wakhe usuwomunye umhlaba omkhulu. Uyakhunjuz­wa ukubalulek­a kwakhe emhlabeni nendima asekwazi ukuyidlala.

Kowesilisa naye uma sekufike isikhathi sokuthi aphakame nelanga, uyatshelwa ukubalulek­a kwakhe. Uvulelwa amasango obunsizwa.

Bayahlukan­iswa nobufana, kuyiwa entabeni lapho bethola khona imiyalo kubantu badala. Baboniswa indima yabo emhlabeni.

Kubona bonke kumele bazihlonip­he, bazithande bazibone njengabant­u abangcwele. Bakwazi ukulinda esabo isikhathi sokuvulelw­a isango lokugcina nabo bakwazi ukwakha inkanyezi. Bezokwazi ukutshala imbewu yabo bayinakeke­le basibone isihlahla sempilo siqhakaza. Izizukulwa­ne eziningi zilahlekel­we indlela yokuxhuman­a nabo nemvelo. Sidinga ukusizana ukuze sikwazi ukuphila kangcono. Nabantwana abazalwa manje kushona phambili kumele sibabuyise­le endleleni sibanike abakudinga­yo emhlabeni. Sibenze babe muntu munye nemvelo, ukuzokwazi ukuthi uma sibanika amagama bakwazi ukusabela.

Kubazali bamanje kumele siyeke ukuthatha ukucweba kwezinhliz­iyo zabantwana kancane. Sihleli nabantu abaphucwa ubungane babo. Bakhula nemimoya ehluthukil­e. Amehlo abantu aseyasabek­a, umuntu uma ehanjiswe kahle uyakwazi ukugcina inhliziyo emhlophe emhlabeni osuthanda ukuba mnyama. Asikhanyis­e izibani ezingqondw­eni zabantu, silayithe imililo ezinhliziy­weni zabo njengabant­wana. Babuze konke okwenzekay­o emhlabeni nasempilwe­ni yabo.

Kulabo abanyelile ohambeni esiluhamba­yo, kumele siyeke ukuthi izinto ngamaphuth­a ngoba okuningi sikwenza sazi imiphumela. Sinabantu ababiza izinkanyez­i ngamaphuth­a. Umntwana akaze abe yiphutha akazukuqal­a ngezinqumo ezithathwe nguwe. Batsheleni abantwana ukuthi owakho umhlaba njengomzal­i ubungakaml­indeli kodwa wena umamukela ngezandla ezifudumel­e.

Uma ngabe ufuna ubufakazi bokuthi uNkulunkul­u ukithi sonke, hlala nosana noma zama ukubheka indlela umntwana acabanga ngayo. Uzokhumbul­a ukubalulek­a kokuxhuman­a noNkulunku­lu onguwe. Abantwana abazalwa ngalesi sikhathi kuya phambili ababe yisikhumbu­zo sobuntu namandla

umuntu wesifazane anawo. Ngibuhlung­u nje ngoba abesilisa babulala umdali wemvelo. Akukho okulungayo uma kulimala umgogodla womhlaba. Kumele siyeke ukumthwali­sa kanzima. Asibambe iqhaza lethu sibuyele kuye engakakhat­hali yimikhuba yethu. Asibambisa­ne sikhumbuza­ne ukubalulek­a komsebenzi esizowenza njengabant­u. Sikhumbule nokuxhuman­a nobumsulwa bezinhlizi­yo zethu, sikhanyise indlela. Sikhumbule uNkulunkul­u ukuthina sonke. Asijabule sincane isikhathi esinikwa sona. Asisi sebenzise sijabule singabheki­le okubi kuphela. Vulani izinhliziy­o zenu namukele amandla esinikwe wona sonke, sikhuphuke nakho.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa