Amagama ezingane
Abanye basuke sebegcina icala ngokuqamba izingane zabo amagama, kabakuqondi ukubaluleka kwakho nokuthi ngabe kusho ukuthi empilweni yayo ingane leyo.
Siphila ezikhathini lapho kukhona umdonsiswano ngengane. Ukuthi ikhuliswa kanjani, ngubani nokuthi kulindelweni kuyo. Njengoba sekwaba nezikole nje umzali usele kude le ophambili uHulumeni omelwe nguthisha. Yize umuhle umsebenzi kathisha enganeni kepha kuhle siyiqonde ingane le ukuze nayo uma sekufike esayo isikhathi yenze okufanele. Amagama amqoka lapha yilanga nenyanga.
Njengoba ngihlale ngigcizelela ukuthi sixhumene nemvelo. Owesilisa uxhumene nelanga. Owesifazane uxhumene nenyanga. Okwenza umsebenzi wokuzalwa kwengane ubengcwele. Sikhohlwe ubungcwele namandla alo msebenzi ubona singaqinile nje ingoba asizange sihloniphe uhambo. Wonke umuntu usekwazi ukuba nengane. Naye qobo esase sigabeni sokuba yingane. Sibhekene nesizukulwane esingakwazi ukubaluleka kokukhula. Kuphele uthando lokuzigcina. Ungebagxeke ngoba abanye nabo bazalwa ngabantu abangakuqondi lokhu.
Bantabami ngivumelini nginilandise ngokwakubalulekile kithi endulo. Sasitshelwa, silandiswa, silalela. Lokhu kwakwenza impilo yethu ibe ngcono. Ngethemba njengoba nginibuyisela ulwazi eniludingayo nizokwazi ukukuthatha lokhu nigijime nakho nizilungise ngoba yini ikusasa. Ngike ngasho ngathi abesimame baxhumene nenyanga, umfula, ulwandle. Uma siyinqamula owesimame uxhumene nakho konke okuyimvelo. Uyena kuphela oyisango elihlukanisa umhlaba wesibeletho nomhlaba wemimoya. Njalo ngenyanga owesimame uyopha. Umasekuhlangene inyanga uya esikhathini. Emandulo bakholwa ukuthi omkhulu ngowesimame ngoba kuye uthola impilo.
Ukuzalwa
Kulindwa izinyanga eziyishagalolunye ukuze afike umntwana. Kukhona konke umzali usuke ezwa konke. Isikhathi lesi omuzwa khona uNkulunkulu kuwena.
Uyawezwa amandla akho nobungcwele bomsebenzi owenzayo. Uma sekufika isikhathi, abadala bacela umtwana ukuthi afike kahle emhlabeni. Kuke kulindwe inzinsuku eziyishumi umntwana uma esezelwe engabonwa abantu ngaphandle kwabazali bakhe. Lokho kwenzelwa ukuthi umntwana akwazi ukujwayela umoya omusha. Ngosuku lwesishagalolunye ezinsukwini eziyishumi kufanele abikwe emhlabeni. Abazali bephelezelwa abadala ekhaya baya emfuleni lapho beyobika khona umntwana enyangeni ukuze uma elahleka endleleni akwazi ukucela ukukhanyiselwa indlela. Igama lakhe libikwe nasezinkanyezini ngoba naye uyinkanyezi, uma ngabe enemibuzo ezoyibuza kuzo. Uma kusa osukwini lweshumi bayamubika elangeni.
Ucelelwa ukukhanya njalonjalo. Ukuthi noma ekuphi la ekhona kukhanye. Ingane uma izalwa kumele yaziwe umhlaba. Uma ikhula umhlaba ungathuki ukwazi ukumamukela njengengane yawo. Axhumane nemvelo ngoba uphuma kuyo, uma sekuphele isikhathi sakhe emhlabeni uyophindela kuyo.
Igama
Igama lomuntu lingumhlahlo nesabelo. Abazali bakho basuke bekuhlahlela indlela abayizwayo ngaphakhathi kubona nabayifisayo. Amagama abalulekile ngendlela emangalisayo ngoba umzali wakho iyona nto akupha yona emva kokukupha impilo. Ukunika into ongayisebenzisa impilo yakho yonke. Yikho kubalulekile ukuqamba ingane ngamagama anesigqi nencazelo enengqondo. Uma uthatha ukubuka amagama esintu anencazelo enhle futhi angumhlahlo omuhle. Emagameni esintu uvuna okutshalile. Igama liyisabelo sakho. Uma ubizwa umhlaba usukulungele kumele usabele. Iziphiwo zakho sezilungile ziyakubiza.
Imbeleko
Imbeleko umsebenzi olandela ukubikwa emhlabeni. Ila umntwana ebikwa emagcekeni nasezidalweni zomuzi azalwe kuwona. Kucelwa ukuthi avikelwe emimoyeni emibi nokuthi izithunywa zekhaya zikwazi ukusebenzisana nomhlaba nomdali kukhuliswe usana. Kuye kushiswe impepho kudliwe izidlo ezimnandi. Umntwana akhanyiselwe isibani sakhe ekhaya kudliwe kujatshulwe ngoba babusiswe ngomsebenzi ongcwele.
Ukukhula
Ekhula umntwana kuba neminye imisebenzi yokumuvulela amasango. Abantu abahlali bengabantwana njalo. Umuntu uyakhuliswa. Uma ngabe sekufike isikhathi emntwaneni wentombazane sokuthi axhumane nezinyanya wenzelwa umsebenzi wokukhula nokuqina amathambo. Kufika abadala bameluleka ngoshintsho olwenzeka kuye nokubaluleka kwalo.
Uyatshelwa ukuthi umzimba wakhe usuwomunye umhlaba omkhulu. Uyakhunjuzwa ukubaluleka kwakhe emhlabeni nendima asekwazi ukuyidlala.
Kowesilisa naye uma sekufike isikhathi sokuthi aphakame nelanga, uyatshelwa ukubaluleka kwakhe. Uvulelwa amasango obunsizwa.
Bayahlukaniswa nobufana, kuyiwa entabeni lapho bethola khona imiyalo kubantu badala. Baboniswa indima yabo emhlabeni.
Kubona bonke kumele bazihloniphe, bazithande bazibone njengabantu abangcwele. Bakwazi ukulinda esabo isikhathi sokuvulelwa isango lokugcina nabo bakwazi ukwakha inkanyezi. Bezokwazi ukutshala imbewu yabo bayinakekele basibone isihlahla sempilo siqhakaza. Izizukulwane eziningi zilahlekelwe indlela yokuxhumana nabo nemvelo. Sidinga ukusizana ukuze sikwazi ukuphila kangcono. Nabantwana abazalwa manje kushona phambili kumele sibabuyisele endleleni sibanike abakudingayo emhlabeni. Sibenze babe muntu munye nemvelo, ukuzokwazi ukuthi uma sibanika amagama bakwazi ukusabela.
Kubazali bamanje kumele siyeke ukuthatha ukucweba kwezinhliziyo zabantwana kancane. Sihleli nabantu abaphucwa ubungane babo. Bakhula nemimoya ehluthukile. Amehlo abantu aseyasabeka, umuntu uma ehanjiswe kahle uyakwazi ukugcina inhliziyo emhlophe emhlabeni osuthanda ukuba mnyama. Asikhanyise izibani ezingqondweni zabantu, silayithe imililo ezinhliziyweni zabo njengabantwana. Babuze konke okwenzekayo emhlabeni nasempilweni yabo.
Kulabo abanyelile ohambeni esiluhambayo, kumele siyeke ukuthi izinto ngamaphutha ngoba okuningi sikwenza sazi imiphumela. Sinabantu ababiza izinkanyezi ngamaphutha. Umntwana akaze abe yiphutha akazukuqala ngezinqumo ezithathwe nguwe. Batsheleni abantwana ukuthi owakho umhlaba njengomzali ubungakamlindeli kodwa wena umamukela ngezandla ezifudumele.
Uma ngabe ufuna ubufakazi bokuthi uNkulunkulu ukithi sonke, hlala nosana noma zama ukubheka indlela umntwana acabanga ngayo. Uzokhumbula ukubaluleka kokuxhumana noNkulunkulu onguwe. Abantwana abazalwa ngalesi sikhathi kuya phambili ababe yisikhumbuzo sobuntu namandla
umuntu wesifazane anawo. Ngibuhlungu nje ngoba abesilisa babulala umdali wemvelo. Akukho okulungayo uma kulimala umgogodla womhlaba. Kumele siyeke ukumthwalisa kanzima. Asibambe iqhaza lethu sibuyele kuye engakakhathali yimikhuba yethu. Asibambisane sikhumbuzane ukubaluleka komsebenzi esizowenza njengabantu. Sikhumbule nokuxhumana nobumsulwa bezinhliziyo zethu, sikhanyise indlela. Sikhumbule uNkulunkulu ukuthina sonke. Asijabule sincane isikhathi esinikwa sona. Asisi sebenzise sijabule singabhekile okubi kuphela. Vulani izinhliziyo zenu namukele amandla esinikwe wona sonke, sikhuphuke nakho.