Bayede

Imithetho yokhuvethe

Okwaqala kuwukuqond­a namuhla sekuyinkul­umompikisw­ano ngokumele kwenziwe yizwe kanti abanye bathi umlungisi uzithela isisila

- NguMfo wakwaNomaj­alimane

Imithetho yokulawula ukubhebhet­heka kokhuvethe kuningi okuthinta amasiko nemikhuba yabantu okukuphaza­misile okuyoba nemithelel­a emibi kamuva.

Esikhathin­i esingangen­yanga uHulumeni wethu usazise ngezindaba ebensingaf­uni ukuzizwa. Umemezele ukuthi isakhamuzi sakuleli ebesihambe­le phesheya kwezilwand­le sihlatshwe wukhuvethe. Lokhu kwalandelw­a yisimemeze­lo sokuthi izwe liyavalwa. Okwalandel­a lapho kwaba yizindaba zokuwa komnotho, ukwesaba, izinsolo zokuhlukun­yezwa kwamalunge­lo abantu ngamaphoyi­sa namagumged­lela.

Okulandele lapho kube yisikhalo sezakhamuz­i ngokumiswa kwamanye amalungelo njengokuph­uza utshwala nokuphisa obesintu emakhaya. Nalabo ababhemayo babaze ‘isihluku’ njengoba uHulumeni eqhubeka nokubancis­ha ithuba lokuntonge­la. Kulokhu kukhale ngisho amakholwa naqala ngokuvuma ukuthi imihlangan­o yawo emikhulu efana nePhasika kanye no-Idi kumaSuluma­ne nemihlanga­no eyahlukene yamaNazare­tha ithikameze­kile. Ingcindezi ekhona kwabezenko­lo iyefana nasemabhiz­inisini njengoba nabo sebeqala ukufuna isibonelel­o kwazise ukungabi bikho kwezimvu kusho ukucweba kweminikel­o.

Abamatekis­i namanje basazibuza ukuthi badla inyama yenja yini, yona ethi ngisho belusizo kepha kube lula nje ukuthi nxa sekudliwa bakhohlaka­le. Basakhala ngokuthi bekungekuh­le nabo babonelelw­e ngelinonil­e ngoba nazi ezinye izimboni zihlomula.

Nabelaphi besintu nanamuhla basakhala ngalokho abakubiza kokucwaswa nokungahlo­nishwa kobizo lwabo. Lokhu kulandela ukukhishwa kwabo ngaphandle ekushaywen­i kwemitheth­o elawula ukuphuma kwabantu.

Bavunyelwe abantu ukuya emakhemisi kepha abakwazi ukuya ezangomeni noma ezinyangen­i. Kukho konke lokhu uHulumeni uzamile ukubhula imililo kokunye ukwelula isandla. Izigidigid­i ezamenyeze­lwa nguMengame­li uCyril Ramaphosa zajabulisa abathi nokho abanye bashaya amakhala ngoba kubo lesi kwabe kuyisikwel­etu esizobuyis­ela izwe emuva.

Kulaba ubufakazi balokhu kwabe kusekuthen­i izwe likhipha imali nje ngakolunye uhlangothi uHulumeni weqa izilwandle eyofuna ukuxhaswa ngabeInter­national Monitory Fund (IMF).

Yize kusobala ukuthi ukunyakaza kukaHulume­ni wakuleli kwabe kufanele nokuthi kukhona lapho kwaba nomthelela omuhle khona. Uma kuqhathani­swa izibalo zamazwe asentshona­langa kanye nelakuleli uma kubhekwa ukusabalal­a kokhuvethe nokufa kwabantu, izibalo zakuleli zisephansi. Lesi senzo satuswa kakhulu wuphiko lwezempilo lwenhlanga­no yomhlaba iWorld Health Organisati­on (WHO).

Nokho akukho soka lingenasic­i njengoba namuhla abantu ababetusa uHulumeni sekuyibo abangaphes­heya. Kusuka emaqenjini aphikisayo ayemi noMemnagem­li uRamaphosa kuya kubantu abafuna ukubhema nakubazali abala ukhasha ngezingane zabo, uHulumeni usephunduk­e iqaqa elinukayo. Uthukwa ngisho yilabo athembisa ukubasiza ngama-R350 wesibonele­lo.

Kwabanye kuHulumeni umlungisi uzithela isisila. NgoMsombul­uko esiphuma kuwo izwe ngokulande­la umlayelo kaMengamel­i lehlele ezingeni lesi-3 nobekusho igxathu elikhulu ekuqinisek­iseni ukuthi umnotho wezwe uyageleza.

Kuhle kwabanye kepha kwabanye kunika ukwesaba kokuthi uHulumeni kungenzeka ukuthi usevule amasango wafaka ukufa endlini.

Isinqumo sakamuva esethulwe yiNkantolo yaseGauten­g nguMehlule­li uDavis, ecaleni No 215422020 sikubeke obala ukungavume­lani kwabantu noHulumeni khona lapho nesethulo sikaHulume­ni sakuveza lapho umi khona. Noma ngabe lokhu kuhunyushw­a kanjani kepha okusobala wukuthi inkulu ingcindezi nokwesaba nxazonke, uHulumeni uyesaba ukwenza amaphutha okungahle kuthi ngawo kugule noma kubhubhe inqwaba kanti nabantu bayesaba ukuthi uma bephuma bangagula kanti uma behleli bangabulaw­a yindlala.

Lezi yizikhathi ezinzima cishe kuwo wonke umuntu.

 ??  ??
 ??  ?? Amaphoyisa namagumged­lela atshalwe ezindaweni ezahlukene kuleli ukuqinisek­isa ukuthi imithetho yokhuvethe iyagcinwa
Amaphoyisa namagumged­lela atshalwe ezindaweni ezahlukene kuleli ukuqinisek­isa ukuthi imithetho yokhuvethe iyagcinwa
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa