Izimila zokufika
Zihlasele izimila zokufika edamini eliheha izivakashi KwaZulu-Natal osekwenze intsha yasukuma izama ukulwa nokuziqeda njengoba seziphazamisa imvelo nezokuvakasha.
Izakhamuzi zaseMzinyathi eNanda, ikakhulukazi eziziphilisa ngokutshala imifino, seziveze ukukhathazeka ngezihlahla eziyingozi ezivela kwamanye amazwe.
Ubungozi balezi zihlahla ezithutheleka kuleli ngenhloso nokungenhloso wukuthi ziba ingozi kubantu abakhonze ukubhukuda nokuwashela emifuleni.
Okunye okulimalayo imvelo kubuye kushayeke nomnotho. Okugqamayo ngalezi zihlahla ukuthi zikhula ngesivinini bese zithatha ingxenye enkulu yesikhala emanzini bese izihlahla zemvelo zizithola sezihlaliseke kabuhlungu.
Uma uhambela buqamama naleli damu elisetshenziswa nayizakhamuzi zasezigodini zakwaNgcolosi, eMaphephetheni, Esikebheni (Emaqadini) nelendlaleke ngama-595m 2, ukhangwa izinto eziluhlaza ezintanta emanzini.
Uma usondela eduze uzithela phezu kwenqwaba yezihlahla eseziwumfunzana ngasosebeni lomfula.
Ezinye izakhamuzi zaseSikebheni nezaseNyoni ziphila ngaleli damu njengoba zisebenzisa amanzi alo ukuchelela izivande zazo. UMnu uPhilani Magwaza onguSihlalo we-Ilangabi Elingacishi Farming, uthi bakhathazekile ngokufuhleleka kwezihlahla edamini.
Kulezi zivande batshala amaklabishi, isipinashi, amazambane nokunye. “Njengoba izivande zethu zakhelene nemihosha, siyalimala kakhulu.
Sifisa sengathi aboMsinsi bangayisukumela le ndaba yezihlahla ngoba akuyona kuphela ekhathazayo. Kunesiphethu esisuka eNyoni esiqonde edamini. Sesidale omkhulu umonakalo ikakhulukazi emaklabishini ngoba sidala izilwane ezifike zibhubhise bese kulahleka imali eningi,” kubeka uMagwaza.
Ngesonto eledlule iBAYEDE inqwamane namalungu e-Ikhaya Lemvelo Environmental Monitors Co-Operative ejuluke imanzi te nezimfonyo zawo ezama ukukhipha lezi zihlahla.
IKhaya Lemvelo, esungulwe ngonyaka odlule, ibunjwe yintsha enhlanu yaseSikebheni ngenhloso yokuhlanza idamu, kukhucululwa konke ukungcola okusondela edamini.
UMnu uMokete Ngcobo oyilungu leKhaya Lemvelo utshele leli phephandaba ukuthi baphoqelekile ukufingqa imikhono nozakwabo bazidela bangena edamini ngenhloso yokukhipha ukungcola. “Kuyasikhathaza ukubona idamu selingcole kanje. Sike sazama ukuxhumana naboMsinsi Resorts kodwa sangaba nenhlanhla yokuxhumana nabantu okuqondwana nabo.
Sicabanga ukuthi mhlawumbe okusayingqinamba ukuthi kusenemvalelwakhaya (Lockdown) kodwa sizolokhu sizama ukuxhumana nabadingekayo,” kusho uNgcobo.
Eqhuba uNgcobo uthe njengabantu abasebasha kulo mkhakha banesifiso sokuthola ukuhlinzekelwa ngezinto ezidingekayo uma benza lo msebenzi wokulondoloza imvelo. “Singakujabulela ukuthola ukulolongwa ngendlela eqondile ngokulondolozwa kwemvelo. Singakujabulela ukulekelelwa ngomfaniswano ukuze abantu esingahle sibafice benza okungalungile edamini, basibone ukuthi sisebenzisana nabezemvelo. Ngaphambi kwemvalelwakhaya bese siqalile ukungena emihosheni sazama ukuhlanza. Kepha inkinga enkulu esinayo ukuthi asinazo izinsiza. Lapha sidinga amathuluzi, amakhemikhali, istorumu, iplant chopper nemoto yokuhambela izindawo ezithintekayo.”
Yize iKhaya Lemvelo lisanda kusungulwa kodwa kunomsebenzi obonakalayo eseliwenzile.
Ngokubambisana nabe-Ilangabi Elingacishi Farming balekelelana namalungu ebandla lakwaShembe batshala izihlahla zemvelo abanikezelwa uMnyango Wezemvelo esifundazweni.
Kule ndawo ekukhonzelwa kuyo kwasuswa izihlahla zokufika njengoba sekuheleza umoya omnandi nelanga abakhonza khona sebelizwa ngendaba.
AboMsinsi Resorts bathunyeliwe i-imeyli nezithombe banekelwa lolu daba.
Bekusalindwe impendulo yabo. Leli phephandaba belifuna nokuthola ukuthi ukungcola angeke kuphazamise yini izinhlelo zoMsinsi Resorts zokuheha izivakashi. Leli damu laziwa ngokuhanjelwa izindimbane zabantu abakhonze umdlalo iDusi Canoe Marathon.
Ezinye izivakashi zivamise ukuvakashela amahlathi ale ndawo aseduze kwedamu bese bezipholela emaqhugwaneni.