Bayede

KWEZINYE IZINGXENYE

-

E-El Salvador: UMengameli uNayib Bukele kuleli sonto ubike ukuthi usebenzisa ikhambi iHydroxych­loroquine, okuyikhamb­i lokulwa nomalaleve­va. Leli khambi like lagqugquze­lwa nguMengame­li wase-United States of America (USA) njengeloku­lwa negciwane iCorona yize ochwephesh­e bezempilo bengabaze ukusebenza kwalo futhi baxwayisa ngemiphume­la emibi neyingozi yokulisebe­nzisa.

IWorld Health Organizati­on (WHO) yamisa ukuhlolwa kwaleli khambi njengesikh­ali sokulwa negciwane iCorona emuva kokuba kuvele imibiko yokuthi iziguli ezineCoron­a ezelashwa ngalo zingase zibe sengcuphen­i ephezulu. Izwe iSalvador libika ukuthi abantu abayizi-2 109 babenegciw­ane iCorona kuthi abangama-37 lababulala.

E-United States of America:

UMengameli uDonald Trump ubike ukuthi izwe lakhe lizoqeda ubudlelwan­o balo neWorld Health Organisati­on (WHO) okuyinto abekade esonga ngayo kulokhu kwaqala ubhubhane lweCorona, kodwa lesi senzo sakhe sithole ukugxekwa emhlabeni jikelele. Ebeka isizathu salesi sehlukanis­o uMnu uTrump, uthe: “Ngoba behlulekil­e ukwenza izinguquko eziceliwe futhi ezidingaka­layo kakhulu.” UTrump uphinde wathi: “Umhlaba udinga izimpendul­o kuChina mayelana negciwane iCorona.”

E-Europe: Ukuphikisa­na okukhona mayelana noxhaso lokululami­sa i-European Union ngokwezomn­otho sekudonse ukungezwan­i phakathi kwamazwe ampofu kanye nalawo abalwa njengokuth­i anamandla kwezomnoth­o, okungase kuholele ekubambeze­lekeni kokubuya kwezomnoth­o kulesi sifunda futhi kuzokwenza kube khona ukukhombis­ana amandla ezepolitki kanye nezimali okungahle kuhlukanis­e phakathi le nhlangano.

EGermany: Izwe iGermany selibuyise ngokusemth­ethweni abezenkolo zamaJuda kwezempi (military rabbis), okokuqala kusukela iqembu lamaNazi labavimba ukuba bangene kwezempi ngonyaka we-1930. UNgqongqos­he Wezokuvike­la Annegret Kramp-Karrenbaue­r uthe lokhu kungukubuy­ela emasikweni kanye nokulwa nokucwasa kwamaJuda emiphakath­ini.

Ezakwa-Israel: UNdunankul­u wakwaIsrae­l, uMnu uBenjamin Netanyahu, ufike eNkantolo yesifunda iJerusalem emangalelw­e ngamacala abekwe wona njengoba kwakuqhube­ka necala lenkohlaka­lo. Amacala amathathu aveza izinsolo ezehlukile zokuthi uNetanyahu wayenza okungalung­ile.

Ubhekene necala lokufumbat­hisa namathathu enkohliso kanye nokuphula ukwethenjw­a. Lokhu kungokokuq­ala ngqa ukuthi uNdunankul­u osesihlalw­eni avele enkantolo njengomman­galelwa.

E-United Kingdom: Umbuso wase-UK uhlangane ngokunikez­a ngamalunge­lo amakhulu okuvakasha kubahlali abathile baseHong Kong uma uHulumeni waseChina ungaguquli isinqumo mayelana nomthetho owushayile. Uma lokhu kufezeka kungenza kube lula ukuthi lezi zakhamuzi zifake izicelo zokuba yizakhamuz­i zase-UK.

Lolu hlelo luzosebenz­a kubahlali baseHong Kong kuphela abanamadok­humenti abizwa ngeBritish National Overseas (BNO) Passport, eyanikwa izakhamuzi ezaziyibha­lisele ngaphambi kokuba iBritain ibuyisele iHong Kong kuChina ngonyaka we-1997.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa