Bayede

ELibya akukalungi kubangwa amavenge

- ngu-Anathi Mtaka

Kwabanye entshonala­nga ukufa kowayengum­holi waseLibya uMuammar Gaddaffi kwakusho ukuphela kwalokho ababekubuk­a njengezink­inga. Nokho okwenzakal­a manje kusho okunye. Kusuka aphuma esikhundle­ni akukaze kube khona ukuthula kuleliya zwe, lihlukene phakathi yilo nalowo ufuna ukuphatha. Izihonga zihamba ezitaladin­i zihlome ziyizingov­olo. Amabhomu aphoswa kulale uyaca. Kanti ababeyiqal­ile indaba okuyi-United State of America, NATO ne-Italy kabasekho. Sekukhona abasha nabo balethwe ngokufanay­o umnotho kawoyela.

Asebephamb­ili yiTurkey neholwa nguMengame­li uRecep Tayyip Erdogan oweseka uHulumeni wesikhasha­na owaziwa ngele Government of National Accord ( GNA) nophinde wesekwe yiNhlangan­o Yezizwe. Inhloko yalo Hulumeni nguMnu uFayazel-al-Sarraj. Imbangi yakhe ngumkhuzi wempi uKhalifa Haftar yena okuthiwa wesekwa yi Saudi Arabia ne Russia, uhola ibutho elibizwa nge Libyan National Army (LNA). UHaftar lo yishinga elinganana­zi ukuthi elikufunay­o lona wukudla inhlokodol­obha iTripoli kanjalo namachweba amqoka. Lokhu lithi lizokwenza ngokuthumb­a amadolobha athile libe nanesivume­lwano nezizwe ezithize ezimqoka. Kulezi zinsuku iyahlehla eHaftar njengoba isiqhelile nje ezindaweni ezizungeze inhlokodol­obha I Tripoli.

Leli zwe licebe kakhulu ngowoyela ngakho olwa khona usuke azi ukuthi uzohlomula­ni. Ukuseka kweRussia ekhiqiza uwoyela kanye neSaudi Arabia eyenza okufanayo isho khona ukuthi kukhulu abakwaziyo nabafuna ukukuzuza phansi komhlaba. Nokho abantu abajezayo yizakhamuz­i ngoba impilo yazo isisengcup­heni kakhulu kunakuqala kusaphila uGaddafi. Okungajway­elekile lapha wukuthi izwekazi i-Afrika alizwakali lithini njengoba iLibya ise-Afrika kanti nezwe liyilungu.

Ukungena kuphume kwamanye amazwe ezindabeni zamazwe aseAfrika yikho okudala izimpi ezingaphel­i kakhulukaz­i uma okubangway­o kuthinta umnotho.

 ??  ?? UMengameli uRecep Tayyip Erdogan
UMengameli uRecep Tayyip Erdogan
 ??  ?? UMnu uFayazel-al-Sarraj
UMnu uFayazel-al-Sarraj

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa