ELibya akukalungi kubangwa amavenge
Kwabanye entshonalanga ukufa kowayengumholi waseLibya uMuammar Gaddaffi kwakusho ukuphela kwalokho ababekubuka njengezinkinga. Nokho okwenzakala manje kusho okunye. Kusuka aphuma esikhundleni akukaze kube khona ukuthula kuleliya zwe, lihlukene phakathi yilo nalowo ufuna ukuphatha. Izihonga zihamba ezitaladini zihlome ziyizingovolo. Amabhomu aphoswa kulale uyaca. Kanti ababeyiqalile indaba okuyi-United State of America, NATO ne-Italy kabasekho. Sekukhona abasha nabo balethwe ngokufanayo umnotho kawoyela.
Asebephambili yiTurkey neholwa nguMengameli uRecep Tayyip Erdogan oweseka uHulumeni wesikhashana owaziwa ngele Government of National Accord ( GNA) nophinde wesekwe yiNhlangano Yezizwe. Inhloko yalo Hulumeni nguMnu uFayazel-al-Sarraj. Imbangi yakhe ngumkhuzi wempi uKhalifa Haftar yena okuthiwa wesekwa yi Saudi Arabia ne Russia, uhola ibutho elibizwa nge Libyan National Army (LNA). UHaftar lo yishinga elingananazi ukuthi elikufunayo lona wukudla inhlokodolobha iTripoli kanjalo namachweba amqoka. Lokhu lithi lizokwenza ngokuthumba amadolobha athile libe nanesivumelwano nezizwe ezithize ezimqoka. Kulezi zinsuku iyahlehla eHaftar njengoba isiqhelile nje ezindaweni ezizungeze inhlokodolobha I Tripoli.
Leli zwe licebe kakhulu ngowoyela ngakho olwa khona usuke azi ukuthi uzohlomulani. Ukuseka kweRussia ekhiqiza uwoyela kanye neSaudi Arabia eyenza okufanayo isho khona ukuthi kukhulu abakwaziyo nabafuna ukukuzuza phansi komhlaba. Nokho abantu abajezayo yizakhamuzi ngoba impilo yazo isisengcupheni kakhulu kunakuqala kusaphila uGaddafi. Okungajwayelekile lapha wukuthi izwekazi i-Afrika alizwakali lithini njengoba iLibya ise-Afrika kanti nezwe liyilungu.
Ukungena kuphume kwamanye amazwe ezindabeni zamazwe aseAfrika yikho okudala izimpi ezingapheli kakhulukazi uma okubangwayo kuthinta umnotho.