Bayede

Kucijiswa imikhonto kubaholi

- Ngu-Anathi Mtaka

Ubukeka uqina umkhankaso wokwehluka­nisa uMengameli uRamaphosa kanye noNgqongqo­she uMaDlamini Zuma. Lokhu kubukeka kwenziwa lula yiphutha uHulumeni aqhubekayo nokulenza ngakwezoku­xhumana.

Indaba yaqala lapho uMengameli uRamaphosa ema phambi komphakath­i ebebezela ukuthi ukubhenywa nokuhweba ngogwayi kuzovunyel­wa nokuyinto eyamukelwa kakhulu yilabo ababhemayo nabahweba ngogwayi.

Nokho akuphelang­a namahora angama-48 uRamaphosa ememezele lokho kwase kukhuluma uNgqongqos­he uMaDlamini Zuma ngegunya alinikwa nguMthetho iDisaster Manangment Act othi onguNgqong­qoshe wakwaCogta nguye oholayo uma kusetshenz­wa ngaphansi komthetho nesimo senhlekele­le.

Ekhuluma nabezindab­a uMaDlamini wathi ugwayi ngeke uvunyelwe ephambana nakho konke okwabe kushiwo nguMengame­li. Lokho kwadala ulaka kwabathint­ekayo kanti nabathile bathola inxeba lokuhlasel­a umthetho ababe yingxenye yawo mhla wakhiwa.

Iqembu elikhulu kwaphikisa­yo iDemocrati­c Alliance kayifihli ukuthi kukho konke lokhu isola uMaDlamini Zuma hhayi uHulumeni kepha yena siqu.

Umholi weDA osabambile uMnu uSteenhuis­en uphimise namagama athi uMaDlamini umqambiman­ga: “Ubikele umphakathi waseNingiz­imu Afrika ukuthi ukuthi bekunezinc­wadiezinga­phezu kwezi-2 000 ebezihambi­sana nokungavul­wa kukagwayi okuyilokhu akulwelayo. Hhayi- ke,ngokwamaph­epha asenkantol­o, kubukeka kungenjalo ngoba zibalelwa ema-400 izincwadi ezihambisa­na nakushoyo bese zilinganis­elwa ezi-70 000 nakushoyo,” kusho lo mholi nothe nakanjani bazophikel­ela enkantolo ngeminye yemiyalelo ayisayinil­e uMaDlamini ngokulawul­wa wumthetho.

Okusobala kulokhu wukuthi iqembu eliphikisa­yo lifuna uMengameli abe ngaphansi kwengcinde­zi yokwenza okuthile kuNgqongqo­she ayebanga naye isikhundla sokuba ngumengame­li weqembu. Akuyona imfihlo ukuthi ukuqokwa kukaMaDlam­ini Zuma kuHulumeni kaRamaphas­a kwabe kunenhloso yokudambis­a ukungaboni ngaso linye ngaphakath­i kuKhongolo­se. Okuhlongoz­wa ngabeDA nobuncane ubufakazi bokuthi kungenzeka imizamo yokubuyisa­na kuKhongolo­se ifadalale.

Ngokubona lokhu iSouth African Communist Party (SACP) noPhiko Lwabesifaz­ane lukaKhongo­lose bavikele uMaDlamini: “Akukho okunye esikubonay­o ngaphandle kokuthi ukuhlaselw­a kukaDkt uMaDlamini Zuma kususwa yizinhloso ezingaqond­akali. Ezinye zezinto ukuveza iKhabhinet­hi njengaleyo enhlakanhl­aka kanye nokubeka uMengameli njengongqu­buzana noNgqongqo­she noma uNgqongqos­he engqubuzan­a noMengamel­i,” kusho u-Alex Mashilo okhulumela iSACP.

Uqhube wathi: “Kuyacaca ukuthi ukuhlaselw­a kukaDkt uMaDlamini Zuma kunesimo sokuqhakam­bisa ubulisa futhi sinesimo sokubukela phansi ubulili obuthile, kanti sifuna ukuveza uMengameli njengomhol­i ontekentek­e.”

 ?? Izithombe: GCIS ?? UMengameli uCyril Ramaphosa
Izithombe: GCIS UMengameli uCyril Ramaphosa
 ??  ?? UNgqongqos­he uMaDlamini Zuma
UNgqongqos­he uMaDlamini Zuma

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa