Kucijiswa imikhonto kubaholi
Ubukeka uqina umkhankaso wokwehlukanisa uMengameli uRamaphosa kanye noNgqongqoshe uMaDlamini Zuma. Lokhu kubukeka kwenziwa lula yiphutha uHulumeni aqhubekayo nokulenza ngakwezokuxhumana.
Indaba yaqala lapho uMengameli uRamaphosa ema phambi komphakathi ebebezela ukuthi ukubhenywa nokuhweba ngogwayi kuzovunyelwa nokuyinto eyamukelwa kakhulu yilabo ababhemayo nabahweba ngogwayi.
Nokho akuphelanga namahora angama-48 uRamaphosa ememezele lokho kwase kukhuluma uNgqongqoshe uMaDlamini Zuma ngegunya alinikwa nguMthetho iDisaster Manangment Act othi onguNgqongqoshe wakwaCogta nguye oholayo uma kusetshenzwa ngaphansi komthetho nesimo senhlekelele.
Ekhuluma nabezindaba uMaDlamini wathi ugwayi ngeke uvunyelwe ephambana nakho konke okwabe kushiwo nguMengameli. Lokho kwadala ulaka kwabathintekayo kanti nabathile bathola inxeba lokuhlasela umthetho ababe yingxenye yawo mhla wakhiwa.
Iqembu elikhulu kwaphikisayo iDemocratic Alliance kayifihli ukuthi kukho konke lokhu isola uMaDlamini Zuma hhayi uHulumeni kepha yena siqu.
Umholi weDA osabambile uMnu uSteenhuisen uphimise namagama athi uMaDlamini umqambimanga: “Ubikele umphakathi waseNingizimu Afrika ukuthi ukuthi bekunezincwadiezingaphezu kwezi-2 000 ebezihambisana nokungavulwa kukagwayi okuyilokhu akulwelayo. Hhayi- ke,ngokwamaphepha asenkantolo, kubukeka kungenjalo ngoba zibalelwa ema-400 izincwadi ezihambisana nakushoyo bese zilinganiselwa ezi-70 000 nakushoyo,” kusho lo mholi nothe nakanjani bazophikelela enkantolo ngeminye yemiyalelo ayisayinile uMaDlamini ngokulawulwa wumthetho.
Okusobala kulokhu wukuthi iqembu eliphikisayo lifuna uMengameli abe ngaphansi kwengcindezi yokwenza okuthile kuNgqongqoshe ayebanga naye isikhundla sokuba ngumengameli weqembu. Akuyona imfihlo ukuthi ukuqokwa kukaMaDlamini Zuma kuHulumeni kaRamaphasa kwabe kunenhloso yokudambisa ukungaboni ngaso linye ngaphakathi kuKhongolose. Okuhlongozwa ngabeDA nobuncane ubufakazi bokuthi kungenzeka imizamo yokubuyisana kuKhongolose ifadalale.
Ngokubona lokhu iSouth African Communist Party (SACP) noPhiko Lwabesifazane lukaKhongolose bavikele uMaDlamini: “Akukho okunye esikubonayo ngaphandle kokuthi ukuhlaselwa kukaDkt uMaDlamini Zuma kususwa yizinhloso ezingaqondakali. Ezinye zezinto ukuveza iKhabhinethi njengaleyo enhlakanhlaka kanye nokubeka uMengameli njengongqubuzana noNgqongqoshe noma uNgqongqoshe engqubuzana noMengameli,” kusho u-Alex Mashilo okhulumela iSACP.
Uqhube wathi: “Kuyacaca ukuthi ukuhlaselwa kukaDkt uMaDlamini Zuma kunesimo sokuqhakambisa ubulisa futhi sinesimo sokubukela phansi ubulili obuthile, kanti sifuna ukuveza uMengameli njengomholi ontekenteke.”