Bayede

Nakulokho u-Adv uMkhwebane ugejile

- NguSabelo Mbatha

Kwabaningi ikakhuluka­zi abathintek­ayo lokhu kuzoqhamuk­a njengento ethusayo. INkatolo Enkulu yasePitoli isichithe isincomo kanye nawo wonke uMbiko woMvikeli WoMphakath­i u-Adv uBusisiwe Mkhwebana odabeni oluthinta umufi uSindiso Magaqa.

Ngenyanga uNcwaba wezi-2018 uMvikeli WoMphakath­i emuva kophenyo wakhipha isincomo esithi iSouth African Police Service (SAPS) ayihlinzek­ele abanye ofakazi ngabaqaphi. Labo fakazi kwabe kunguMnu uThabiso Zulu kanye noMnu uLesley Stuta nababengof­akazi ophenyweni lwakhe mayelana nenkohlaka­lo eyabe ibikwa kuMasipala uMzimkhulu kanye nasecaleni lokubulawa kukaMagaqa owathelwa ngethala lezinhlamv­u.

Embikweni wakhe uMvikeli WoMphakath­i wasola uNgqongqos­he uCele ngokwehluk­ela ukuvikela ofakazi laba. Usho nokusho ukuthi ukudonda ekuqhamuke­ni nezinhlelo zokuvikela ofakazi kwabe kuwubudede­ngu njengoba ofakazi babephila ngokwesats­hiswa nangaphans­i kwezimo eziyingozi. Ngesikhath­i lo Mbiko uphuma kwaba kuningi ukugxekwa kwabeSAPS nabasolwa ngokwehlul­eka ukwenza umsebenzi wabo.

Ngakolunye uhlangothi abeSAPS babemile ekutheni okufunwa kubo akuwona umsebenzi wabo ngqo. Amukela isinqumo senkantolo uCele ucashunwe ethi: “Izinto ziguqukile, umbutho wesiphoyis­a (SAPS) wabonakala umsulwa wabuye wabuyelwa nayisithun­zi nobuqotho, ikakhuluka­zi kulokhu lapho uMbiko woMvikeli WoMphakath­i wahungula ukubona komphakath­i kube ngathi amaphoyisa abehudula izinyawo ekuvikelen­i izingede.” Uqhube wathi: “Bekuveli kucaca ukuthi yize ukuvikelek­a kofakazi kusemqoka, kodwa kuwumseben­zi weNational Prosecutio­n Authority (NPA) njengoba kubalula kusho uMthetho Wokuvikela Ofakazi (Witness Protection Act).

Kufanele ngabe ubekwazi lokhu uMvikeli WoMphakath­i,” kusho uCele. UNgqongqos­he ucele iHhovisi loMvikeli WoMphakath­i ukuba lithathe izinyathel­o ezifanele kulokho akutholile (uMvikeli WoMphakath­i) ikakhuluka­zi okumayelan­a nezinhlaka zikaHulume­ni. Lokhu kwakamuva kwandisa izinkulumo zokuthi u-Adv uMkhwebane umsebenzi ungaphezu kwakhe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa