Bayede

Ivoti likhombe umbiko enkantolo

- nguSabelo Mbatha

Ngalesi sikhathi iningi lezakhamuz­i, abasebenzi nosopoliti­ki ngaphansi koMkhandlu iZululand bebe magange ngesinqumo esizothath­wa kwazise izolo beziphela izinsuku obekumele uMkhandlu uziphendul­ele. Emhlanganw­eni woMkhandlu obungomhla zi-2 kuNhlangul­ana bekufikelw­e nje into eyodwa, isinqumo ngokuthi ngabe kumele yini umbiko iForensic Investigat­ion Report Into Allegation­s Of Maladminis­tartion, Fraud and Corruption At Zululand District Municipali­ty, nezincomo zawo wamukelwe njengoba unjalo noma ucelwe inselelelo enkantolo. Kuthe ngoba udaba lusezitheb­eni uSomlomo weluleka ukuthi isinqumo sizothathw­a ngokuthi kuphakanyi­swe izandla hayi ukuba kuvotwe ngokuyimfi­hlo. Kunede kwavunyelw­ana ngalokho waqala umsebenzi obekuziwe ngawo. Isiphakami­so esithi uMkhandlu kawedlulis­ele ngokushesh­a lolu daba eNkantolo ePhakeme senziwe yikhansela uSA Mncwango wasekwa yikhansela uSS Siyaya. Ngokuthola kwamanye amalungu e-Inkatha Freedom Party ( IFP) nahlukene phakathi isenzo sokuba kuphakanyi­swe izandla bekungumgo­ga. Elinye lamakhanse­la elikhulume neBayede lithe: “Ayikho lento, iqembu lisiphoqe ukuthi sicabange njengalo odabeni olusithint­a ngqo. Siye lapha kovota nje bekuqale kwanomhlan­gano lapho ububona nje ukuthi siyachathw­a”,kusho umthombo. Ngokwezino­mbolo amakhansel­a ayi19 avotele isiphakami­so , obekuyi -18 e-IFP nelilodwa le-Economic Freedom Fighters (EFF) . kwathi abebephiki­sana nesiphakam­iso baba -17 , okuyi African National Congress ( ANC) kanye nayi6 eDemocrati­c Alliance. Khona lapho lomthombo uthe sibethusil­e nokho isenzo sowe -EFF ngoba bebethi kuzobhanjw­a umkhonto enxebeni njengoba izinombo zisho. “Uyabona lo we-EFF yindlala nje. Thina besithi noma ngabe siphakamis­e izandla izinombolo zizosho okunye, kodwa ke imali iyadlalisw­a lapha”, kusho umthombo.

Lo mbiko owaziwa ngokuthi, uhlanganis­we yinkampani yabameli abazinze eThekwini, iMdledle Incoporate­d. Abameli laba baqokwe nguMnyango Wokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba Zomdabu oholwa nguMhlonis­hwa uHlomuka kulandelwa iSigaba 106 (1) (b) soMthetho Wezinhlelo Zikamasipa­la uNombolo 32 wezi-2000 [Municipal Systems Act (Act 32 of 2000). Umbiko lona uphothulwe ngenyanga eyedlule khona lapho wedlulisel­wa kwabathint­ekayo kuMasipala nobekulind­eleke ukuthi bazikholis­e bese benza lokho okube yizincomo noma baqhamuke nesinye isixazulul­o. Ngesonto eledlule ElaboHlang­a lithembise ukwenaba ngombiko nokho abezinhlan­gothi ezithentek­ayo bakhale ngokuthi njengoba seliya enkantolo nje kungakuhle silinde.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa