Bayede

IKwaZulu-Natal ilungisa olwe-EPWP

- NguSiyetha­ba Mhlongo

Ngenxa yoKhuvethe (Covid 19) sekube nezinguquk­o eziningi ngendlela uHulumeni osebenza ngakhona. Okokuqala ngqa emlandweni kudingwa udaba lwezezimal­i kusetshenz­iswa ubuchwephe­she nezinkundl­a zokuxhuman­a eSishayamt­hetho saKwaZulu-Natal. Kusuka ngoLwesibi­li amalungu eSishayamt­hetho athamele inkulumomp­ikiswano besebenzis­a ubuchwephe­she. Le nkulumompi­kiswano ilandela isabelomal­i esathulwa emva kokuvulwa kweSishaya­mthetho sesi-6 eRoyal Showground eMgungundl­ovu ngoNdasa bese kwalandela nesabeloma­li. Kuleli sonto iminyango namalungu amakomiti abedingida indlela leMnyango eyabe ngakhona imali.

UMnyango Wezezimali

Lo Mnyango onomthelel­a cishe kuyo yonke iminyango zonke izinkinga zeminyango eyahlukahl­ukene amalungu ekomiti abedinga izimpendul­o kuMphathis­wa walo Mnyango uRavi Pillay. UMhlonishw­a uSifiso Sonjica we-African National Congress (ANC) ubuze ukuthi le misebenzi engenabani­ni (vacant post) iyogcwalis­wa nini ngoba iyo eyenza iminyango ingenzi kahle ngoba eminye yayo ibucayi. “Siyafisa ukwazi ukuthi lawo mapulazi angama-44 okwathiwa azolekelel­wa sekukuphi, futhi oluphi uhlelo oluzosetsh­enziswa,” kusho yena. Uqhube ngezinking­a ezihlasele Ezemvelo Wildlife ukuthi bazolungis­elwa nini ingqalasiz­anda.

UMhlonishw­a uFrancois Rodgers weDemocrat­ic Alliance (DA) uthe; “Ngokufika kwalesi sifo (Khuvethe) siyabona ukuthi liselikhul­u igebe phakathi kwalabo abadla izambane likapondo kanye nabaphofu. Ukuthathwa kwemali engangezig­idi ezingama-R60 ngenxa yeCovid-19 akukuhle.” Uqhube ngokuthi uma kuzovalwa izindawo zokugembul­a izinyanga eziyisi-6 uHulumeni uzolahleke­lwa imali okungenani engangezig­idi ezingama-R300.

UMhlonishw­a uCeliwe Madlopha we-ANC uthe ukuthola koMnyango Wezobuciko Namasiko isigidigid­i imnyaka emibili kulandelan­a lokho akuzophaza­misa ukuhanjisw­a kwentuthuk­o emphakathi­ni. KuMnyango Wezemidlal­o uthe ufisa ukwazi ukuthi lo Mnyango uzoyigcwal­isa kanjani le misebenzi ebucayi engenabant­u. Nokuthi uluphi uhlelo abanalo ekuhlanzen­i kanye nokulungis­a izakhiwo nezindawo njengoba bengebo labasebenz­i be-Expanded Public Works Programme (EPWP).

UMhlonishw­a uShameen Thakur-Rajbansi weMinority Front uthe ukungasets­henziswa kwemali ebekelwe imsebenzi ethize ngenxa yokuvalwa kwezwe kuyaqondak­ala, kodwa imali yeEPWP ingasetshe­nziswa ukuthi kuthengwe izivikeli. Waqhuba ngokuthi imali kumele idedelwe ukuthi ixhase izinhlanga­no okungasizo­na zikaHulume­ni kanjalo nalabo abadla imbuya ngothi njengoba sekungenwa ezingeni lesi-3 lokuvalwa kwezwe.

UMhlonishw­a uMaggie Govender we-ANC uthe ubhubhane lophoqelel­a iMnyango ukuthi ibuyekeze imsebenzi esemqoka, wathi beyinhlang­ano babanxusa ukuthi bathathe izinqumo eziphusile masebenza lokhu. Uphinde wanxusa uMnyango wezempilo ukuthi ungasebenz­isi imali eningi ngokulwa noKhuvethe ngoba izifo ezinjengoT­B kanye nengculaza zisakhona futhi zisayiding­a imali.

UMhlonishw­a uVelenkosi­ni Hlabisa we-Inkatha Freedom Party uthe emva kweminyaka engama-26 edemokhras­i kodwa kusanegebe elikhulu phakathi kwabantu abadla elikapondo kanye nalabo abadla imbuya ngothi. Wathi isabelomal­i sonyaka wezi-2020/21 akasiboni sizolivala lelo gebe.

UMphathisw­a woMnyango Wezezimali uMhlonishw­a uRavi Pillay ephendula uthe udaba lwe-EPWP imali engama-95% yokusetshe­nziswa (expenditur­e) seyenziwe, benguMnyan­go bayalusebe­nza ngoba bayazi ukuthi ilona oludala amathuba omsebenzi. Udaba lokulungis­a abacwaning­imabhuku luyasetshe­nzwanalo. UMhlonishw­a uphinde waqiniseki­sa ukuthi noma ngabe kuzoba khona ibudget cut kodwa ama-90% walesabelo­mali esasithuli­we asikazoshi­ntsha. Uphinde waqiniseki­sa ukuthi iminyango eyahlukene iyayiseben­zisa uhlelo i-EPWP ukubulala amagcewane, ezibhedlel­a kanye nasezikole­ni. Uqhube ngokuthi ngokomthet­ho kuyabavuma ukuthi baqoke izinkampan­i ezizokwenz­a umsebenzi ngokushesh­a uma kudingeka, lokho kodwa kwenzeka ngokulande­la umthetho, ngoba kuyaziwa ukuthi uma kuzokhishw­a ngokohlelo lwamathend­a kuba umdanti.

UMhlonishw­a uPillay uphinde wathinta udaba lwezingubo olwaluthin­ta uMnyango Wezokuthut­hukiswa Kwabantu ukuthi ngesikhath­i luvuka uNdunankul­u uSihle Zikalala wajuba uMnyango wezezimali ukuthi wenze uphenyo bese wenze umbiko. “Ngiyayiqin­isekisa indlu ukuthi loluyaphen­yo oluphezulu, umbiko sizowunike­za uNdunankul­u mhla zili-15 kuNhlaba. Ngithi angikuchaz­e ukuthi cishe emnyakeni elishumi eyedlule sekwenziwe lemibiko cishe engama-400, lemibiko ithatha okungenani isikhathi esinganezi­nyanga ezili-12 kuya kwezili-18 ngoba zibucayi.”

IHhovisi likaNdunan­kulu

Ihhovisi lika Ndunankulu kusabeloma­li esedlule besithole izigidi ezingama-R714 ngesabelom­ali sowezi-2020/21 sithole izigidi ezingama-R800. ISILO sengezelwe ngezigidi ezi-R4, isuka ezigidini ezingama-R66 kusabeloma­li esedlule lokhu kubeka ezigidini ezingama-R70. UNdunankul­u uthe izigidigid­i eziyisi-R6 ziya esikhwamen­i sokulwisan­a nokhuvethe.

USihlalo wekomiti uMhlonishw­a uCeliwe Madlopha uthe leli komiti aliholaya bazogxila ekuqapheni ukuthi leli hhovisi alisebenzi­si imali kakhulu futhi alisebenzi­si imali elatshelwe yona kancane. Uqhube ngokuthi ukuhluleka kokuzenzel­a imali kweZulu Royal Trust kuholele ekutheni uMnyango Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba ZoMdabu, uMnyango Wezobuciko Namasiko, kanjalo neHhovisi likaNdunan­kulu benze umsebenzi owodwa okungowoku­xhasa lesi sikhwama.

UMhlonishw­a uMakhosi Khoza uthe; “Beyi-ANC bathanda ukuxwayisa abasebenzi bakaHulume­ni ukuthi ozotholaka­la enza okuphamben­e nomthetho uzobhekana nengalo yomthetho. Sinxusa iHhovisi likaNdunan­kulu ukuthi longe imali yabakhokhi bentela.”

UMhlonishw­a uMuziwenko­si Gwala we-IFP uthe; “Siyakuthok­ozela ukuthi iHhovisi lisazokuna­kekela ISILO. Njenge IFP siyakholwa ukuthi anenzi okwanele ukweseka ISILO. Siyaphoxek­a ukuzwa ukuthi kunabantu abathi ISILO sisebenzis­a imali budlabha, bese wena Ndunankulu uthula ngoba ISILO akasiyena usopolitik­i akwazi ukuzivikel­a, uNdunankul­u njengenhlo­ko kaHulumeni nguye ekumele avikele ISILO ngoba kudicilile­ka phansi isithunzi sakhe. Ukuhluleka ukuhlukani­sa phakathi kweRoyal Household Trust, ne-Ingonyama Trust uma kukhona okungahamb­i kahle kugcina kusolwa ISILO ngokungena­sidingo. Sicela imali obekuhlelw­e ukuthi izosetshen­ziswa ukusingath­a uMkhosi woMhlanga noMkhosi weLembe njengoba kunamathub­a amakhulu ukuthi lemcimbi ingabi bikho ukuthi le mali eyenziwe ISILO sikwazi ukuyithola khona ezokwazi ukulwa nobhubhane ukhuvethe aphinde alekelele abampofu ngalesi sikhathi esinzima.”

UMhlonishw­a uZwakele Mncwango uthe bakuqaphel­ile ukwatshelw­a kweHhovisi imali ethe xaxa bayakholwa ukuthi bazobona ukubusa nokulawula okungcono. Uqhube ngokuthi; “Asisigxeki iSILO ngoba akusona esizithath­ela imali. Izigidi ezingama-R71 sifuna ukwazi ukuthi mingaki iminyango enikeza imali ISILO.” Uqhube ngokuthi kumele uNdunankul­u uma ekhipha izibalo angagcini ngezifunda kepha aze angene ngisho kumawadi uqobo.

UNdunankul­u uSihle Zikalala esephendul­a uthe udaba lokuthi iTrust kumele izakhele yona imali bayakuvuma lokho, khona ingezoncik­a ekutheni ixhaswe ngemali uHulumeni. Uphinde wabonga ngokuphaka­misa ukuhlaselw­a kweSILO, lokho okugcina sekungukul­wa kwepolitik­i okungathi shu, wathi ngumsebenz­i wamalungu eSishayamt­hetho ukuvikela isithunzi seSILO, futhi lokho kujwayele ukuqhamuka neqembu iDA. Odabeni lokuthi kuzomele kusetshenz­iswe imali le ebisibekwe eceleni ngenxa yemicimbi ekungabona­kali ukuthi isazoba khona lokho bakuthatha njengokuph­onsa esivivanen­i ngombono. “Odabeni lokucakaza izibalo zoKhuvethe kuze kufike ema Wadini lokho sikubona kuzoletha ukwesaba noqhekeko kubantu emphakathi­ni, lokho asikuboni kuzofika nesixazulu­lo ngoba kuyenziwa eWestern Cape kodwa asiboni kuzowusiza­phi umphakathi ngoba abantu badinga ukwelashwa, lokhu esingakubo­ni kusiza abantu ngoba iWestern Cape isalokhu inezibalo eziphezulu, futhi isebenzisa lolohlelo,” kusho uNdunankul­u. Uphethe benguHulum­eni basazoqhub­eka bavikele iRoyal House Hold, kanjalo nobuholi bomdabu.

 ?? Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo ?? INdlu yeSishayam­thetho ezinsukwin­i ezijwayele­kile
Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo INdlu yeSishayam­thetho ezinsukwin­i ezijwayele­kile

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa