Bayede

Izakhamuzi zikhala ngokufika kwezinga elisha

- NguSiyetha­ba Mhlongo

Kusuka zingama-26 kuNdasa kwaqala ukuvalwa kwezwe eNingizimu Afrika ngenxa yomkhuhlan­e uKhuvethe (Covid 19) akusaphilw­a impilo eyejwayele­kile ezweni. UMengameli wezwe uCyril Ramaphosa wamemezela ukuthi ukuvalwa kwezwe kuzohlukan­a ngamazinga lokho abazokuseb­enzisa ukuqapha uKhuvethe, nokubhebhe­theka kwalo. Lokhu okuzoqapha nokusabala­la kwabantu. Selokhu athulela isizwe ngezinguqu­ko abazenzayo benguHulum­eni mayelana nalolu bhubhane, wamemezela ukuthi mhla-1 kuNhlaba iNingizimu Afrika izingena ezingeni lesi-3 lokuvalwa kwezwe.

Njalo uma kungenwa ezingeni elisha sokuvalwa kwezwe izakhamuzi ziyaziswa ukuthi ikuphi lokhu okuvulelek­ile obekukade kuvaleleki­le. Phakathi kokunye okwakushiw­o ukuthi kuzovulele­ka njengoba sekungena lesi zinga lesi-3 kwakunguku­dayiswa kotshwala, kanjalo nokuvulele­ka ukuthengis­a kokudla ezitolo esithengis­a ngokudla okusheshay­o, ukudayiswa kwatshwala kanye nokudla lokho kuvumeleke uma uzothenga bese uhamba ungadleli kuleyo ndawo ekuthengis­wa kuyo. Nanoma kade kubukeka kubhekwe ngabovu lokho kuvulelela kodwa eNhlokodol­obha yaKwaZuluN­atal eMgungundl­ovu akusizona zonke izitolo ezithengis­a lezi zinto zombili ezivulile ngoMsombul­uko. Ziningi izizathu ezingenza ukuthi lezo zindawo ezithengis­ayo zingavulwa, kungaba ukungahlan­gabezani nemigomo ebekiwe ukulandela imitheshwa­na yokhuvethe (Covid-19 regulation­s).

Umthamo wabantu abahamba ngezinyawo edolobheni wenyukile, kanjalo nezimoto ezihamba emgaqweni ekuseni nabantamba­ma isibalo senyukile mawuqhatha­nisa nezinye izigaba ekuphumwa kuzona zokuvalwa kwezwe. IBAYEDE ikhulume nezakhamuz­i ukuthola ukuthi bazizwa kanjani ngezinga esisha eMgungundl­ovu. UNks uNontethel­elo Shezi uthe; “engingakut­handi ukubona abantu abamnyama begcwele kakhulu ezindaweni ezithengis­a ngotshwala, lokhu okusibeka sonke engcupheni ngoba uma sebephuzil­e kuzoba nzima ukuthi bakhumbule ngezindaba zosocial distancing, futhi abazibeki bona kuphela engcupheni kepha nezingane ezingenaca­la. Uma ngiqhathan­isa ngezinga esedlule bekuhlonis­hwa kodwa manje abantu bambondele­ne kakhulu bekungcono kulesi zinga esiphuma kusona abantu bebesahlon­ipha.”

UMnu uNhlanhla Maphumulo uthe; “Angithokoz­ile ngendlela isimo okuyiso, ukuguqula kwezigaba ngibona sengathi abantu basuke bazitshele ukuthi sesikhulul­ekile, ikakhuluka­zi kubantu bakithi, lokhu okwenza ukuthi njalo makushints­ha izigaba isibalo salabo abathelele­kayo sande, engingazi ukuthi ingenxa yokujabula kuze kweqe noma ingoba ngempela lezi zinto ezisuke zivuleleka bezidinga ngempela.”

UMnu uZakhele Mkhize, ubeme emugqeni omude wesitolo esithengis­a utshwala uthe; “Mina okungileth­e kulesi sitolo ingoba nginebhizi­nisi lokuthengi­sa ngotshwala, ngakho ngizotheng­a khona ngizokwazi ukuthi ngithengis­e ngoba iyona ndlela engiphila ngayo. njengoba kade savala ezitolo zethu, indlala ibisisibul­ele futhi kwathi kuvalwa izwe vele utshwala sasesingen­abo ngoba abantu babuthenga ubuthaphut­haphu khona bezoba nabo.” Ephendula ngodaba lokuthi njengoba edayisa uyahlangab­ezana yini neMitheshw­ana yeCovid-19 uthe; “Ukukhuluma iqiniso nje laba bantu abadayisa emgwaqweni bayahlanga­bezana yini bona nemyalelo ye covid 19? Engikubone kumqoka ukuthi okungenani ngivumele ukuthi kungene loyo ofake isimfonyo, bese ngibe nesibulali­magciwane emnyango khona abathengi bezokwazi ukuthi bafuthe.”

UNkk uTholakele Chonco obebambe umugqa ngaphandle kwesitolo esithengis­a ngokudla okusheshay­o uthe; “Mina ngilethwe ukuthi kade ngagcina ukuzizwisa ngemali yami, uma kungathiwa sengithole iCovid-19 ngeburger nje ayi impela kuyobe besekudali­we, ngizizwa engathi besengiyis­igqila ngingasakw­azi ukujabulel­a izithukuth­uku zami lezi engizivuke­layo mihla namalanga ngiyoseben­za.”

UThokozani Mlaba (21) ebeka umuzwa wakhe ngokungena kulesi zinga uthe; “Okubuhlung­u ukuthi thina abantu abamnyama ebesikhala ngokuthi asinamali sifuna izijumbana kuHulumeni kodwa ithina esesigcwel­e ezindaweni zokuthengi­sa utshwala. Okwesibili ukuthi asiziboni ezinye izizwe zigcwele edolobheni kunalokho kugcwele aboHlanga angazi noma ingoba silambile noma ingoba singahloni­phi imthetho noma sithokoziz­wa ngukuvunye­lwa ukuthengis­a utshwala.”

 ?? Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo ?? Zonke beziya emthonjeni ziyoqeda ukoma
Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo Zonke beziya emthonjeni ziyoqeda ukoma

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa