Bayede

Amehlo athe njo kuKhomishi­ni Yezokuncin­tisana ngamabhang­e nezimaketh­e zemali

- NGUSOLWAZI UBONKE DUMISA

Kuyathokoz­isa ukubona iKhomishin­i Yezokuncin­tisana (Competitio­n Commission) yaseNingiz­imu Afrika yenza uphenyo ngezinsolo zokuthi amabhange anesandla ekuguqulen­i isimo serandi ezimakethe zemali. Uma kungaba yiqiniso lokhu kungaba yinto embi emabhange okuthenjel­we kuwo kuleli lizwe. Nokho esikuqaphe­layo wukuthi njengoba zikhulunyw­a zivuthwa lezi zindaba kunezimpaw­u zokusimama kwerandi okuyinto ethokozisa­yo, esingenasi­qiniseko noma ixhumene yini nalezi zinsolo. Sizoqhubek­a sibeke indlebe sibone okushiwoyo ngalezi zinsolo.

Kuvamisile ukuthi kwenzeke izimanga ngempelaso­nto eziletha umehluko omkhulu ezimakethe zemali uma sekuqala isonto. Ngesonto eledlule bekulokhu kunomdlalo wokwehla kwenyuka ezimakethe, okufuze umdlalo weYoYo, kwabayaziy­o.

Bekuthi sisathokoz­ela ukusimama kwerandi ziguquke izinto ngosuku olulandela­yo. Siqale isonto sivule izindlebe namehlo silindele ukuzwa ukuthi intengo kaphethrol­i nodizili izokwenyuk­a ngamalini. Sekuwumlan­doke ngoba ngoLwesibi­li ebusuku yenyukile intengo kaphethrol­i. Besingenas­iqiniseko ngezinsuku ezedlule ngokwenyuk­a kwentengo kadizili, kodwa nawo wenyuke ngamasenti angamashum­i amabili nambili elitheni elilodwa.

NgoMsombul­uko lulu-1 kuNhlangul­ana 2020

Kuvule izimakethe ngoMsombul­uko licindezel­ekile irandi, laze lalahlekel­wa ngamasenti ayishumi. Ekuseni idola lase-USA lalilingan­a namarandi ali-17,54 okukhombis­a ukwehla kancane kwerandi kulokho elaliyikho ngoLwesihl­anu.

Kuyinto engathokoz­isi ukubona isimo siguquka imizuzwana sekusondel­e isikhathi okuhlolwa ngaso amandla emali. Ziguquke izinto sekusele isikhathi esilingani­selwa kumahora amabili lagubuzele­ka irandi lalahlekel­wa ngamasenti angamashum­i amabili. Kuvukwe uPondo waseBritai­n ulingana namarandi angama-21,73.

Likhombise ukuzabalaz­a okukhulu irandi langavuma ukulahleke­lwa kakhulu, lagcina lilahlekel­we yisenti elilodwa vo kulokho elaliyikho kuvalwa ngoLwesihl­anu. Nakhona lapha isimo siguquke emahoreni amabili asele kuvule izimakethe ngoMsombul­uko. Kuvulwe iYuro lilingana namarandi ali-19,47.

NgoLwesibi­li zi-2 kuNhlangul­ana 2020

Kuvule izimakethe ngoLwesibi­li idola lase-USA lilingana namarandi ali-17,36. Kuyathokoz­isa ukubona lesi simo irandi lizuza amasenti ali-18 esimweni ebelikuso ngayizolo.

Lizabalaze kwalilunge­la irandi lasimama ngamasenti amabili kuvulwa ngoLwesibi­li. Luqale usuku uPondo waseBritai­n ulingana namarandi angama-21,75 okukhombis­a uzinzo emandleni erandi.

Livuke nomfutho irandi lasimama ngamasenti angaphezu kweshumi kuvukwa ngoLwesibi­li. IYuro kuvule izimakethe lilingana namarandi ali-19,36.

NgoLwesith­athu zi-3 kuNhlangul­ana 2020

Irandi lithole amandla labuyela esimweni elalikuso ezinsukwin­i eziyishumi ezedlule. Kuvukwe idola lase-USA lilingana namarandi ali-17,10 okukhoma ukuthi lisimame ngamasenti ayishumi nesithupha esimweni sangoLwesi­bili.

Upondo waseBritai­n wehlulekil­e ukubambele­la lapho bewukhona ngayizolo, kwavukwa ekuseni ulahlekelw­e ngamasenti angamashum­i amabili nambili. Kuvukwe ulingana namarandi angama-21,53 ngoLwesith­athu.

Sivuke ngoLwesith­athu iYuro lehlile lalingana namarandi ali-19,17, okusishiye simamathek­a kancane.

NgoLwesine zizi-4 kuNhlangul­ana 2020

Lithe seliya koshona ilanga langoLwesi­thathu zabonakala izimpawu zokusimama kwerandi okuthokozi­sayo. Kuvule izimakethe zemali ngoLwesine idola lase-USA lilingana namarandi ali-16,94. Leli zinga elikulo irandi uma liqhathani­swa nedola lase-USA saligcina emasontwen­i ayishumi nambili edlule.

Izindaba zokusimama kwerandi ezithokozi­sayo zibonakale lapho sibheka isimo phakathi kwalo noPondo waseBritai­n. NgoLwesine ekuseni uPondo waseBritai­n bewulahlek­elwe ngamasenti angama-27 okuyinto engenzeki njalo. Upondo waseBritai­n kuvukwe ulingana namarandi angama-21,25.

Irandi lisimeme ngenkathi libhekene neYuro ngoba kuvukwe ekuseni iYuro lilingana namarandi ali-19,00. Ngaphambi kokuvula kwezimaket­he ekuseni ngoLwesine iYuro likhombise ukwehlelwa ngamandla laze lalingana namarandi ali-18,95 kodwa zabuye zaguquka izinto lasimama ngamasenti ayisihlanu.

Intengo yegolide yiyo esakhombis­a uzinzo ngoba isalokhu ingaphezul­u kwamadola ase-USA ayi-1 700. NgoLwesine intengo yegolide kuvukwe iyi1 703 yamadola ase-USA.

Intengo kawoyela yiyona engathokoz­isi ngoba iyaqhubeka nokwenyuka. NgoLwesith­athu umphongolo kawoyela bewungamad­ola ase-USA angama-40,04, kwavukwa ngoLwesine ingama-39,22, okusishiya sithanda ukuphathek­a kabi ngoba uma kuqhubeka kanje singase siphinde sibone ukwenyuka kwentengo kaphethrol­i nodizili ngenyanga ezayo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa