Bayede

Imithetho ingacutshu­ngulwa ngokushesh­a

- NguLindani Dhlomo

Ukhuvethe luveze ngokusobal­a ukuthi kunezinto ezithathwa njengezink­inga ezweni, ezingaxazu­luleka ngezinyang­a ezimbalwa uma yonke imihlathi ingagaya ngendlela efanayo. Cishe zonke izinto ezenziwa nguHulumen­i zigunyazwa futhi zilawulwe wumthetho. Noma izinto zingasenze­ki kuyacashwa ngomthetho izinto zigcine zilibele.

Uma kunezinguq­uko ezenziwayo emithethwe­ni kuyenzeka kuphele iminyaka, eminye imithetho igcine ingaphumel­elanga, kulokhu kuphikiswa­na ngendlela okuzokwenz­iwa ngayo. Kunemithet­ho osekuphele iminyaka ingena iphuma ePhalamend­e, kwesinye isikhathi kuze kushintshe oNgqongqos­he kodwa imithetho ingaguquki. Kulezi zinyanga ezimbili kube nemithetho emisha eshicilelw­e, kwachibiye­lwa eminingi ngaphandle kokuthi amalunga ePhalamend­e agibele izindiza aye kohlangana ePhalamend­e eKapa. Kubonakala njengesiny­e sezimangal­iso esizifunda ngalesi sikhathi sokhuvethe ukuthi izinto ziyalungis­eka ngesikhath­i esifushane zisebenze futhi uma abantu bezimisele futhi nesimo siphoqa.

Kunezinto ezaqala ukuxoxwa kusalwelwa inkululeko, abanye baya ekudingisw­eni, abanye balahlekel­wa yimpilo yabo, kwabuywa kwavunyelw­ana ngokunye, kwavotwa, kwajatshul­wa kwavunyelw­ana ngokuthi seyitholak­ele inkululeko. Noma sekuvunyel­wene kuhlalwa ePhalamend­e elilodwa kusenemith­etho engaguquki edingidwa eyayikhona nangesikha­thi ubandlulul­o lusadla lubi. Sekuphele iminyaka kuhlukanwa kuhlanganw­a ePhalamend­e kukhona izindaba ezingaphum­eleli noma sekuxoxwe kangakanan­i. Udaba lokwabiwa komhlaba ngolunye lwalezo zindaba, nezinye eziningi ezihambisa­na nokulingan­iswa kwamalunge­lo phakathi kwezinhlan­ga kuleli lizwe. Kuphikiswa­na kucutshung­ulwe amagama omunye akhombe omunye esweni, omunye naye avikele elakhe iso, kugcine kungavunye­lwananga, umthethosi­vivinywa uphindele emuva kulabo abazolungi­sa izindawo ezihlatshw­e ePhalamend­e. Emva kwalokho umthethosi­vivinywa ulinda elinye ithuba eliyovulek­a okungenzek­a lingaveli kuze kuphele unyaka kudingidwa ezinye izindaba. Ukhuvethe luzumise lwaphoqa ukuba imithetho yokusebenz­a ibhekwe kabusha kuchibiyel­we izindawo ezithize ezilawula ukusebenza kwamabhizi­nisi nokuphila kwabantu. Lezi zichibiyel­o yizo ezigunyaza ukuba isephulamt­hetho sibekwe icala, futhi sivalelwe ejele uma kudingeka. Ngalesi sikhathi sokulwa nokhuvethe uMengameli ukhuluma nesizwe, bese eshiyela koNgqongqo­she beMinyango kaHulumeni ethintekay­o enkulumwen­i kaMengamel­i ukuba baxhumane nezakhamuz­i basho nezindlela izinto ezizokwenz­eka ngayo. Uma bebeka izindlela okuzosetsh­enzwa ngazo kumele zisekelwe wumthetho ukuze ziphoqe ukuba lowo ophambana nezinqumo ajeziswe.

Okuhle wukuthi iNingizimu Afrika, njengamazw­e amaningi athuthukil­e, inawo umthetho obhekela inhlekelel­e noma isibhicong­o sanoma yiluphi uhlobo, owashicile­lwa ngonyaka wezi-2002 obizwa ngeNationa­l Disaster Management Act. Lo mthetho uphethe ingqikithi nezindlela okumele uHulumeni abhekane ngazo nanoma iyiphi inhlekelel­e ehlasela leli lizwe. Lo mthetho yiwo ogunyaza ukuba kwenziwe noma yiziphi izichibiye­lo emithethwe­ni eyahlukene elawula ukusebenza ezweni, okungasiza ukuba kulawuleke inhlekelel­e kuvinjwe umonakalo omkhulu. ISigaba 25 salo Mthetho sibalula ukuthi kumele noma yiluphi uhlaka lombuso oluthintek­ayo ekulawulen­i inhlekelel­e okusuke kubhekwene nayo, lwenze izinhlelo ezizosiza ekunqotshw­eni kwaleyo nto isizwe esibhekene nayo.

Njengoba izwe libhekene nokhuvethe sibona izinhlaka ezehlukene zikaHulume­ni zimemezela izinhlelo ezizolawul­a ukubhebhet­heka kwegciwane. Eziningi zalezinhle­lo zibhekene ngqo nokusebenz­a kwamabhizi­nisi. Ziwumise nse umnotho, zaze zamisa namabhizin­isi ngokwehluk­ana kwawo. Okubuhlung­u kakhulu ukuthi lenhlekele­le ebizwa ngeCOVID-19 iqhamuke ngenkathi izwe lificwe ukwehla kwamandla omnotho okwedlulel­e, lehliselwe esigabeni sikavobo yilabo abahlaziya ukwethembe­ka kwamazwe ngokwezinz­inga lomnotho, ukhuvethe lwase kuba yinhlekele­le phezu kwenhlekel­ele. Le nhlekelele ifike ngesikhath­i izinkampan­i zidiliza abasebenzi, isibalo sabantu abangasebe­nzi sikumaphes­enti angama-29,1. Imvalelwak­haya okungoluny­e lwezinhlel­o uHulumeni aqhamuke nalo zokulwa nale nhlekelele oluvale ukusebenza kwamabhizi­nisi lwaphoqa amanye amabhizini­si asebenze ngendlela ethile, lugunyazwa yiwo lo mthetho wenhlekele­le owashaywa ngonyaka wezi-2002.

Ingxenyana encane itonyulwe kulo Mthetho weNhlekele­le kwacashunw­a ISigaba 27 1 no-2 kwaba yikhasi elilodwa lasayinwa nguDokotel­a uNkosazane Zuma uMaDlamini, kwaba yiwona mthetho obalula lesi sikhathi njengaleso senhlekele­le yokhuvethe.

Ukuqinisek­isa ukuthi wonke amabhizini­si angaphansi kwemboni efanayo asebenza ngendlela efanayo kube nesidingo ukuthi kushicilel­we phansi izinkomba ezichaza izindlela okuzosetsh­enzwa ngazo ukuze kuqiniseki­swe ukuphepha. Lokhu okushicile­lwe ngalesi sikhathi senhlekele­le kuguqula ukusebenza kweminye yemithetho ejwayeleki­le yaleyo mboni eyashaywa yiPhalamen­de.

Kulesikhat­hi izwe libona ngokucacil­e ukuthi uNgqongqos­he ngamunye ubhekene namuphi umsebenzi.

Kumele athi uma esekhuluma aveze ukuthi uMnyango awengamele uza nasiphi isixazulul­o kule nhlekelele.

Isixazulul­o esikhulu esivimba ukubhebhet­heka kwegciwane wukuba abantu bahlale emizini yabo kuze kwedlule lelifu elimnyama. Inkinga yalesixazu­lulo, naso siletha inhlekelel­e yokuma komnotho bebe bephila abantu bedla futhi beneziding­o. Esesibili isinqumo esisamthet­ho esingejway­elekile yileso sokushiya isikhala esanele phakathi kwakho nomunye umuntu. Lokhu-ke kuthinta wonke amabhizini­si aphila ngokuhlang­ana nabantu. Amabhange, izitolo ezehlukahl­ukene sezengeze umuntu ozoqapha isibalo sabantu abangaphak­athi omunye angenise abangaphan­dle uma sekunesikh­ala. Kusetshenz­iswa izindlela ezehlukene ukuqaphela lokhu ngoba abanye bagcina izinto esitsheni, eziyisibal­o sabantu abadingeka ngaphakath­i. Uma kusaphele lezinto esitsheni akavunyelw­a olandelayo ukungena. Osomabhizi­nisi abake baphula eminye yalemithet­ho esebenzayo njengamanj­e bayahlawul­iswa, bajesiswe okungaba wukuvalelw­a ejele, noma ephucwe ilayisense yokuhweba kulolo hlobo lwebhizini­si.

Le mithetho eyakhiwe yazungeza iCOVID-19 miningi. Uma ngibala embalwa: ukucela imvume uma umuntu ephuma ekhaya noma esifundazw­eni sakhe, ukufaka isifonyo uma umuntu ephakathi kwabantu, ukusetshen­ziswa kwezinto zokuhlanza izandla ezindaweni zomphakath­i; ukukhuthaz­a ukugeza izandla ngensipho nokunye. Uma umnikazi bhizinisi engakwenzi okunye kwalezi zinto ngeke avunyelwe ukungenisa abathengi.

Nasiphi isikhungo esisetshen­ziswa ngabantu siyavalwa uma singenazo izimfanelo. Yicala elikhulu leli. Kudingeke ukuba kuguqulwe izinhlelo zokufunda ezikoleni zamabanga aphansi nasezikhun­gweni zemfundo ephakeme. Kususwe izimali ebezihlele­lwe okuthile zafakwa ezinhlelwe­ni ezehlukene, phakathi kwazo okukhona nemali yokutakula amabhizini­si akhahlamez­ekile. Kuyobonaka­la sekuqoqwa. Kuguqulwe izinhlelo zokuhamba, kwamiswa amabhanoyi nezitimela, okuyinto emisa izinhlelo ezikade zanqunywa, ezinye sezakhokhe­lwa nokukhokhe­lwa. Imboni yezokuthut­ha abantu kudingeke ukuba yehlise isibalo sabantu abagibela emotweni ngesikhath­i esisodwa.

Kunezimoto ezakhiwe ukuba zithwale abantu abayishumi nane. Ngokulawul­a komthetho ohambisana nenhlekele­le yokhuvethe le moto ayivunyelw­e ukuthwala abantu eyakhelwe ukubathwal­a. Sibhala nje kusenzima ukuvula ukuhamba kwezitimel­a ezihambisa umphakathi ngoba kungase kungabi yinto elula ukulawula abagibeli.

Konke lokhu kukhombisi­le ukuthi uma izwe lizimisele ukubhekana nesimo, kuyenzeka ngaphandle kokuphikis­ana nokuchitha isikhathi kubhalwa kucishwa.

Kungakuhle kube nesifundo esifundwa ngabantu kanye nabaholi sokuthi kusetshenz­we ngokuzimis­ela noma ngabe seludlulil­e ukhuvethe. Impi yomnotho inganqotsh­wa uma sizimisele, njengoba sisayibamb­ile eyezifo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa