Bayede

Ukhukho lumuka nomoya ngesimo somnotho nemisebenz­i

- NguLindani Dhlomo

Esimweni izwe elikuso kumele ngabe sonke sime ngezinyawo sibhekane nesibhicon­go sobubha obubhekene nezakhamuz­i zaleli lizwe. Ukhuvethe lufike kungekho lutho olutheni obelusezit­hebeni lwenziwa uHulumeni ukutakula isizwe esimweni somnotho.

Uma kubhekenwe nempi akufanele kuphunyulw­e inganqotsh­iwe. Singacasha ngokhuveth­e sithi yilo olufike nokulahlek­a kwemiseben­zi, kodwa iqiniso lithi sekuphele isikhathi eside umnotho wehla inyanga nenyanga aboHlanga beqhatha usizi, beba ngomahlale­la. Ezinye izinkampan­i bezivele zisezinhle­lweni zokudiliza, ukufika kokhuvethe kwaletha isizathu okucasheka­yo ngaso.

Sekuwumlan­do ukuthi ngoNdasa nonyaka bekubanjwe umoya kulindelwe isimemezel­o seMoodys. INingizimu Afrika yehliselwa ezingeni likavobo zingama-27 kuNdasa, okuyizinga eliphansi kakhulu lokuhlonip­heka uma siqhathani­swa namanye amazwe.

Ngesikhath­i esifanayo kuhlasele ukhuvethe kwema ukusebenza, kwamiswa amabhizini­si abantu bahlala emakhaya. Lokhu kwenezele ingcindezi emnothweni wezwe. Uma kume izimboni kungangeni mali kodwa izindleko zingemile, maningi amabhizini­si angezukwaz­i ukuvula uma sekufanele avule.

Amanye azohluleka ukugcina isibalo sezisebenz­i. UMnyango Wezezimali uzwakalise ukwesaba izwe elizobheka­na nakho ngokuqashw­a kwabantu ngenxa yokhuvethe. Yiwo oshicilela inqubomgom­o yezomnotho futhi waba imali esetshenzi­swa yiminyango kaHulumeni. Kuzokhumbu­leka ukuthi lo nyaka siwuqale kukubi ngoba abantu abangaqash­iwe bebebalelw­a kuma29,1% okuyisibal­o esiphezulu kakhulu. Izingqaphe­li ziqagela ukuthi kuzolahlek­a imisebenzi ebalelwa phakathi kwezi-690 000 nesi-1 790 000.

Kuzothatha isikhathi ukuba amabhizini­si abuyele esimweni esihle sokuhweba emva kokuvulwa kokusebenz­a. Kunamabhiz­inisi nezimboni ezisavaliw­e kanti akukho okungenisa imali ezoholela izisebenzi ezihlezi emakhaya. Abahlaziya isimo semisebenz­i babona kuzophela imisebenzi eminingi okungafiny­elela kuzigidi ezinhlanu.

Isimo sabantu abantula imisebenzi sizokwedlu­la kuma-30% futhi singaze sifinyelel­e kuma 50%.

AbeNedbank baqagela ukuthi nonyaka kuzolahlek­a imisebenzi eyisi-1 600 000. Lokhu bese kuvele ngoMbasa umbiko uveza ukuthi izinga lokulahlek­a kwemiseben­zi lenyuke ngokushesh­a lisuka kuma-10% liya kuma-14% esikhathin­i esiyisonto elilodwa kuNhlaba.

Ngowezi-2018 kwaba nesithanga­mi semisebenz­i okwakuding­idwa kuso amasu okusungula imisebenzi.

UMengameli wezwe uke wakhuluma ngaso ngoLwezi nyakenye kodwa akukho osekwenzek­ile isizwe esingethem­bela kukho maduze nje.

Kuyimanje iNingizimu Afrika icwile ezikweleti­ni ezilingani­selwa kuma61,6% eGross Domestic Product (GDP). Njengoba izwe libhekene nezindleko zokhuvethe kuze kwadingeka liphinde liboleke sakhula isikweletu. UMnyango Wezimali uthi izinkomba zithi emva kokhuvethe isikweletu seNingizim­u Afrika sizokube silingana nama-85,6% eGDP. Kusho ukuthi uHulumeni uthembele kuma-15% omkhiqizo ukubhekana nezidingo zesizwe. Lokhu kwenze kucace ukuthi lincane ithemba lokuthi uHulumeni kukhona angakwenza ngokusheha ukuguqula isimo semisebenz­i kuleli. Kusobala ukuthi yikho lokhu okwenza kuzwakale amahlebezi athi ikomiti eliholwa nguMnu Godongwane eMnyangwen­i Wezezimali lihlongoza ukuthatha esikhwamen­i sezimpeshe­ni nakwaPIC ukuze libhekane nokuvula izimboni ezizoletha amathuba emisebenzi.

Kuthiwa okwehlula amadoda kuyabikwa. Uma amanzi esengene endlini kumele kubhukule wonke umuntu osezingeni lobuholi.

Mhlawumbe lomkhankas­o kumele ungagcini kuHulumeni omkhulu kodwa nakomasipa­la nasezingen­i laMakhosi.

Noma ngabe kuncane kangakanan­i okwenziwa ngokuhlang­anyela ezingeni lesifunda kungashiya imiphakath­i isesimweni esingcono futhi kukhuthaze ukuzenzela izinto ezithize.

 ?? Isithombe: Moneyweb ?? UMhlonishw­a uTito Mboweni
Isithombe: Moneyweb UMhlonishw­a uTito Mboweni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa