Kuyalunga ngenkokhelo yakwa-UIF
I-Unemployment Insurance Fund (UIF) imatasa ikhokha imali kulabo abafaka izicelo njengoba sibhekene nobhubhane ukhuvethe (iCovid-19).
Kumanje I-UIF isikhokhe imali ebalelwa kwizigidigidi ezili-R16. 5 yabafake izicelo kusuka kulabo abayitoho nalabo abaqashwe ngokungagcwele.
UMnyango Wezabasebenzi wenze isiqiniseko ngoMsombuluko sokuthi zonke izicelo ziyakhokhelwa njengoba lezi ezifakwe ngoNhlaba zisohlelweni lokuba zikhokhelwe zonke.
Kumanje UMnyango usukhokheke izicelo zabantu ababalelwa kuzinkulungwane ezi-252 378 kusuka ngoMsombuluko.
Imali esikhokhiwe kulabo abafake izicelo ibalelwa kwisigidigidi (R1 billion).
UNgqongqoshe Wezabasebenzi, uMnu uThulas Nxesi uthe benza konke okusemandleni ukuze abasebenzi bakhokheleke kulesi sikhathi sobhubhane esinzima.
“Kulolu Lwesihlanu esisuka kulo, senze konke okusemandleni ukukhokhela abantu abakhahlamezwe ukhuvethe abebefake izicelo. Njengoba sishilo ngoLwesihlanu senza konke okusemandleni ukuba sikhokhele wonke umuntu ofake isicelo. Lokho sikwenza ngokwethembeka nokulandela imigudu efanele,” Kusho uNxesi.
Uqhube wathi kumanje bayaqhubeka nezicelo zezigidi zabantu abafuna ukukhokhelwa.
“Senze isiqiniseko sokuthi wonke umuntu uyagculiseka ngohlelo lwethu lokukhokhelwa olwenziwayo. Kumanje sibe nenqwaba yezicelo kodwa esesikwazile ukuzisebenza. Senze isiqiniseko sokuthi sikhokha kumahora angama-24 kuya emahoreni angama-48 uma sixakekile. Sikhuluma nje babalelwa ezigidini ezi-3. 2million abasebenzi izicelo zabo ezifakwe abaqashi ababalelwa kwama- 279,111 asebekhokhelwe imali engaphezulu kwezigidigidi ezili-R16. 5 billion,” Kusho uNxesi.
USho lokhu nje kube kukhulu ukukhala kwabebefake izicelo kwaUIF abanye bethi imali yabo abayitholi ngesikhathi. Kunjalo nje kuke kwaba nesikhathi lapho imishini yakwa-UIF ibe nenkinga ngenxa yokwehluleka ukumelana nomthamo wabantu abafake izicelo.
Ngaphezu kwalokhu, kukhona izisebenzi ezikhala ngokuthi ababqashi bazo bebenqaba ukubafakela izicelo zokukhokhelwa kwa-UIF okuyinto uNgqongqoshe uNxesi ayigcizelela njalo ukuthi iphambene nomthetho. Lokhu uze wathumela umyalezo oqinile kulabo baqashi ebasabisa ngokuthi bazothathelwa izinyathelo ezinqala uma behluleka ukubhalisela izisebenzi zazo.
Nokho kunemibuzo yokuthi ngabe kuzokwezekani emuva kwezinyanga eziyisithupha ezibekwe uHulumeni ukuthi lezo zizisebenzi imiholo yazo ephazamisekile zithole okuthile kwa-UIF. Omunye umbuzo ngothi ngabe le mali abayitholayo yilena ebanjwa emiholweni yabo noma uxhaso lukaHulumeni.
Kukhona nohlobo lwezisebenzi ezingabhalisiwe kulesi sikhwama ezibhekene nenkinga yokuthi abaqashi bazo abasakwazi ukuziholela. Umthetho ukubeka kucacace ukuthi izisebenzi ezingabhalisiwe ngeke zikwazi ukuhlomula kulolu hlelo. Izinye zikhala ngokuthi abaqashi bazo bebeyibamba imali ye-UIF kodwa ziyamangala ukuthi kungani zingayitholi manje.
Ukhuvethe luveze amahlazo amaningi abenziwa ngabaqashi njengoba kukhala lezi zisebenzi.