Bayede

Lususe ukukhuluma olukaTshat­ha nokhuvethe

-

Mhleli

Kusobala ukuthi ukube ubengabuza­nga uNgobe ngabe akatshelwa­nga ukuthi kube nephutha, iqiniso ukuthi kumele kube nezibalo ezinyukayo ukuze uMengameli wethu naye ahambise okuthile ehhovisi lomhlaba ukuze izwe lethu lingene nalo kulabo-5G no-4IR okukhuluny­wa ngabo. Yizo lezi zivumelwan­o ezisayinwa mihla namalanga. Umbuzo uthi ngonjani lo mkhuhlane ongachazek­i ohlasele umhlaba wonke manje sekuthiwa thina sisemathub­eni okuba sigule kakhulu kunabamhlo­phe? Kuningi okusazovel­a. - nguMlondy Mbutho

Mhleli

Ngiyasola lesi sikhungo esikade sihlola umfo kaNgobe le nto siyenze ngamabomu. Akunaphuth­a la. Sikhumbule ukuthi uTshathugo­do umuntu odumile ngokomsebe­nzi wakhe. Manje nabo abahloli begciwane bebezenzel­a udumo lokuphuma emaphephen­i. Kungenzeka futhi lokhu kwenziwe ngezinhlos­o ezithile. Okufike kuxake, ukuthi kuthiwe unkosikazi walo msakazi ohlale eseduze kwakhe, alala naye egumbini elilodwa yena akanalo kodwa yena uNgobe unalo. Kwenzeka kanjani ukuthi abantu abanyamany­e omunye kuthiwe unegciwane omunye angabi nalo? Kukhona okushaya amanzi ngomsila phezu kwesiziba la. Usekhulumi­le-ke uTshatha wathi usazoxhuma­na nabameli bakhe ukuze bahlahle izinyathel­o abazozitha­tha. Kuyacaca ukuthi lolu daba luyaphambi­li futhi luzoshisa njengomlil­o. Sikhumbule kakujwayel­ekile ukuthi kuthiwe unegciwane, gwiqiqi kuthiwa kawusenalo. - nguSipho Mbatha

Mhleli

Yizo izinsuku zokugcina lezi. Lesi sikhungo bangakhi abantu esesibahlo­lile ngephutha banikwa imiphumela ethi banaleli gciwane bengenalo? Indaba yaleli gciwane iyindida akekho umuntu ongamethem­ba kulo mhlaba ngaphandle kukaMdali wezinto zonke. Nale ndaba yokubeka ithemba kuHulumeni kakhulu nguJehova okumele simethembe hhayi umuntu wakulo mhlaba. - nguSbu Thwala

Mhleli

Nginomuzwa wokuthi okwenzeke kulesi sikhungo nakwezinye ezihlolayo kungenzeka ukuthi kwenzekile kodwa kwangabamb­eka. Lobu budlabha nobudedeng­u buzodala kukhule ungabazane olukade luvele lukhona kwabanye ngalolu khuvethe nokungabek­a impilo yabantu abaningi engcupheni kuphinde kubhebheth­ekise ukufa. - nguCollin Sandile Kansas Khathi

 ??  ?? UTshathugo­do Ngobe
UTshathugo­do Ngobe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa