Nakulokhu uHulumeni wopha endaweni eyodwa
Isinqumo senkantolo ngemithetho yokuginga ukhuvethe isho lukhulu
Akukaze kube kuhle ukuthi umuntu athi: “Ngasho!”, uma sekwenzeke lokhu ayexwayisa ngakho. Nokho kulukhuni ukungabuyekezi owakushoyo kakhulukazi uma kwabe kulula ukuthi kugwemeke. Kuleli phephandaba sathi namanje sisasho ukuthi uMthethosisekelo wakuleli wawungenzelwe aboHlanga wabafaka nje kepha wawenzelwe ukuqinisekisa ukuthi izolo labathile livikelekile. Uma ungasikholwa bheka abaye eNkantolo yoMthethosisekelo, uhlobo lwamacala nokusuke kuvikelwa. AboHlanga ikakhulukazi abaholi kumele bamukele ukuthi sikhona isidingo sokubuyekeza uMthethosisekelo wakuleli. Kungenjalo leli lizwe liyobuswa yizinkantolo nangezinkantolo. Sathi uHulumeni kusuka kuMengameli, oNgqongqoshe nakoNdunankulu kukhona ukuxhomondela. Sathi indlela eminye yemiyalelo ebhalwe ngayo ikhonga izinkantolo. Isinqumo sakuleli sonto seNkantolo eGauteng sihambe emagameni ethu sathi okwenziwa (ukubhalwa) ngemithetho eyabe ihlose ukuvikela ukusabalala kokhuvethe. Abamangali bebekhala ngamalungelo abakholwa wukuthi aphazamisekile. Yize kokunye bebenehaba nxa ubuka amaphepha asenkantolo kepha uHulumeni ubengakugwema lokhu ngoba ubengenayo inhloso embi. Kulolu shicilelo sibhale ngengcindezi ekuHulumeni nakubantu. Uma-ke umuntu enengcindezi uyawenza amaphutha esicabanga ukuthi yikho okwenzekile lapha. Ngabe senze iphutha uma singaphindi umbuzo esake sawubuza othi ngobani laba abeluleka uHulumeni wethu? Lo mbuzo umqoka ngoba kuyalandelana ukuthi ubizelwe enkantolo uginqwe ngomzuliswano wokuqala. Laba beluleki bayikha ngamafosholo kepha esikutholayo yihlazo lokwenziwa kukaHulumeni ihlaya. Awuzibuze uHulumeni ukuthi ami nabo yibo yini okumele ube nabo ezimpini zasezinkantolo noma okumele bameluleke ngenqubomgomo. Kube kuhle ukuthi inkantolo imnike ithubaukuba ayolungisa izinto zakhe esinethemba lokuthi kulokhu uyobe esenolwazi olungcono ngesimo esafika engazelele. Akasilalele nathi.